Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 11/8 k. 12-k. 14 isig. 5
  • Ukukhuluphala Ngokweqile Kubangelwa yini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuluphala Ngokweqile Kubangelwa yini?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ufuzo? Indawo? Noma Yiko Kokubili?
  • Izingozi Zokukhuluphala Ngokweqile
  • Ingabe Ukukhuluphala Ngokweqile Kuyinkinga Ngempela?
    I-Phaphama!—2004
  • Kungenziwani Ngokukhuluphala Kwezingane Ngokweqile?
    I-Phaphama!—2009
  • Lapho Ukuba Yisidudla Kungengcono
    I-Phaphama!—1997
  • Ingabe Ukwehlisa Isisindo Kuyimpi Ongeke Wayinqoba?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 11/8 k. 12-k. 14 isig. 5

Ukukhuluphala Ngokweqile Kubangelwa yini?

“Sibhekene nomqedazwe ongase uyilimaze kabi impilo yezingane zethu. Uma umphakathi ungazithathi manje izinyathelo zokunqanda lesi simo, inkinga yoku-khuluphala ngokweqile iyolokhu idlondlobala.”—UWilliam J. Klish, uprofesa wezifo zezingane.

UKUTHAMBEKELA kwabanye abantu abangenankinga yokukhuluphala kuwukwahlulela abantu abakhuluphele nabakhuluphele ngokweqile njengabantu abangazimisele nabavilaphayo. Kodwa ingabe le nkinga ilula kangako? Ingabe abantu abakhuluphele ngokweqile bangabantu abavilaphayo ngempela abangafuni ukuvivinya umzimba noma ngayiphi indlela? Noma ingabe ezimweni eziningi kunezinye izimbangela ezinkulu okunzima ukuzilawula?

Ingabe Ufuzo? Indawo? Noma Yiko Kokubili?

Incwadi ethi Food Fight ithi: “Sekuyisikhathi eside kunempikiswano yokuthi ukukhuluphala ngokweqile kubangelwa ufuzo yini noma indawo umuntu ahlala kuyo.” Kushiwoni ngofuzo kule ndaba? Abanye banenkolelo yokuthi ngokwemvelo umzimba womuntu ugcina ama-kilojoule ongawasebenzisanga ukuze uwasebenzise esikhathini esizayo uma kudingeka. Yona le ncwadi iyaqhubeka: “Sekungamashumi eminyaka kucwaningwa izakhi zofuzo ezibangela ukukhuluphala. . . . Kuningi osekucwaningiwe manje ngofuzo lwabantu nokukhuluphala. Kusetshenziswa izinqubo eziyinkimbinkimbi zokubona izakhi zofuzo ezenza abantu bakhuluphale futhi bachayeke ezifweni ezinjengesikashukela. Ngokwesayensi, amaphesenti angu-25 kuya kwangu-40 okuhlukahluka kwesisindo sabantu abangelwa ufuzo.” Le ncwadi iyaqhubeka: “Uma ucabangela ukuthi ngokuvamile ukukhuluphala ngokweqile kuthiwa kubangelwa umuntu ngokwakhe, lezi zibalo zigcizelela indima yokwakheka komzimba, kodwa-ke, amaphesenti angu-60 noma ngaphezulu okukhuluphala asabangelwa yindawo ezungezile.” Lokhu kusho ukuthi imbangela eyinhloko yokukhuluphala ngokweqile kuseyindlela umuntu aphila ngayo. Ingabe lowo muntu udla ukudla okunama-kilojoule angaphezu kwalawo asetshenziswa umzimba usuku ngalunye? Ingabe udla ukudla okungafanele njalo? Ingabe unesikhathi asibekele eceleni usuku ngalunye sokuvivinya umzimba okusesilinganisweni?

IMayo Clinic ichaza imbangela yokukhuluphala ngokweqile ngamazwi alula: “Ufuzo lungase lube nomthelela ekukhuluphaleni noma ekukhuluphaleni ngokweqile, kodwa empeleni isisindo sakho sinqunywa ukudla okudlayo nendlela owusebenzisa ngayo umzimba. Ngemva kwesikhathi eside, ukudla ukudla okunama-kilojoule amaningi, ukuchitha isikhathi esiningi uhlezi, noma inhlanganisela yako kokubili kubangela ukukhuluphala ngokweqile.” (Omalukeke sizenzele.) Wona lo mthombo uyaqhubeka: “Ufuzo alusho ukuthi uzokhuluphala nakanjani. . . . Kungakhathaliseki ukuthi unofuzo olunjani, ekugcineni ukudla nemisebenzi oyikhethayo eyonquma ubungako bomzimba wakho.”

Imboni yokunciphisa umzimba ithola izindodla zamaRandi njengoba abantu abakhungathekile befuna ukubuyela emzimbeni wabo wakuqala. Kodwa, ochwepheshe bathini ngalezi zinhlelo? “Kunzima kakhulu ukuqeda ukukhuluphala, futhi abantu abaningi abanciphisa umzimba abakwazi ukuhlala benjalo,” kusho incwadi ethi Food Fight. “Izibalo okuyizona ezinikeza ithenjana zithi amaphesenti angu-25 [umuntu oyedwa kwabane] ayawunciphisa umzimba futhi ahlale enjalo, ngokuvamile ngemva kokuzama kaningi.”

Izingozi Zokukhuluphala Ngokweqile

Ukukhuluphala ngokweqile kungabangela izinkinga ezimbi empilweni. UDkt. Scott Loren-Selco, isazi sezinzwa e-University of Southern California Medical Center, uxwayisa ngengozi yesifo sikashukela soHlobo 2 ngisho nakwabasebancane abakhuluphele. (Bheka i-Phaphama! ka-May 8, 2003.) Uthi: “Manje sikubona njalo lokhu, futhi ngikholelwe uma ngithi kuyethusa. Ngiye ngitshele [iziguli ezikhuluphele ngokweqile] ukuthi ngingaya nazo egumbini labanesifo sikashukela ngizibonise okungase kuzehlele esikhathini esizayo: kunezimpumputhe, abanqunywe izitho zomzimba, inani elikhulu labantu abaxhwale ngokuphelele ngenxa [yesifo sikashukela] sohlobo 2—bonke abakhuluphele ngokweqile.” Isiphi esinye isici esinomthelela kulokhu? “Banemali yokuthenga ama-burger amakhulu namazambane athosiwe—ngakho bayawathenga,” kusho uLoren-Selco. “Akekho obatshelayo ukuthi lokho akulungile—ngiyaqiniseka ukuthi izinkampani zokudla okuthengwa sekuphekiwe azibatsheli, futhi uma sikhuluma iqiniso, nodokotela abaningi abangaqeqeshwanga ezindabeni zokudla okunomsoco ababatsheli.”

UDkt. Edward Taub, ongumlobi owaziwayo kwezokudla okunomsoco, uthi: “Muva nje sekuyinto ethandwayo, nengacunuli muntu, ukukholelwa ukuthi ukukhuluphala kuyingxenye evamile neyamukelekayo yokuphila kwesimanje. Lokhu kuyisenzo esimangalisa ngempela sezokusebenzelana nabantu esigqugquzelwa abezentengiselwano abachuma ngokusikhuluphalisa.”

Ochwepheshe bathi labo “abame njengepheya,” abakhuluphele ezinqulwini, bangase babe nempilo engcono kunalabo “abame njenge-apula,” abakhuluphele kwesingenhla (ikakhulukazi uma ukhalo lungaphezu kwamasentimitha angu-90 kuya kwayikhulu). Ngani? Incwadi ethi Mayo Clinic on Healthy Weight ithi kungenxa yokuthi “amafutha akwesingenhla andisa ingozi yokuba ube nomfutho wegazi ophakeme, ukucinana kwemithambo yenhliziyo, isifo sikashukela, ukufa uhlangothi nezinhlobo ezithile zomdlavuza. Uma ume njengepheya—unezinqulu ezinkulu, amathanga nezinqe—mancane amathuba okungenwa izifo ezimbi kangako.”

Ngakho, liyini ikhambi lezigidi zabantu abadala nezingane emhlabeni wonke abakhuluphele nabasengozini yezinkinga ezinkulu zempilo? Ingabe likhona ikhambi eliphumelelayo?

[Ibhokisi/Ishadi ekhasini 13]

Yini I-BMI? Ikutshelani?

I-BMI (body mass index [inkomba yesisindo somzimba]) isilinganiso sobude nesisindo somzimba esingasiza ekuboniseni ukuthi umuntu ukhuluphele noma usekhuluphele ngokweqile yini. NgokweMayo Clinic, umuntu onesilinganiso se-BMI esingu-18,5 kuya ku-24,9 ubhekwa njengomuntu owumqemane. Uma i-BMI yakho iphakathi kuka-25 no-29,9, khona-ke ukhuluphele. Noma ubani one-BMI engaphezu kuka-30 ubhekwa njengokhuluphele ngokweqile. Ingabe ungakanani wena uma ubheka ishadi? Ingabe mhlawumbe kufanele ubonane nodokotela ukuze asikisele noma akuqinisekise ngenkomba yakho?

Ukuze ubale i-BMI yakho, thatha isisindo sakho ngamakhilogremu, usihlukanise ngobude bakho ngamamitha, bese uhlukanisa isibalo ositholile ngobude bakho ngamamitha futhi. Ngokwesibonelo, uma unesisindo esingamakhilogremu angu-90, ungamamitha angu-1,8 ubude, i-BMI yakho ingu-28 (90 ÷ 1,8 ÷ 1,8 = 28).

[Ishadi]

Uwumqemane Ukhuluphele Ukhuluphele Ngokweqile

BMI 18,5-24,9 25-29,9 30 noma ngaphezulu

Ubude Isisindo ngamakhilogremu

1,47 m 53 noma ngaphansi 54-64 65 noma ngaphezulu

1,50 m 56 noma ngaphansi 57-67 68 noma ngaphezulu

1,52 m 57 noma ngaphansi 58-69 70 noma ngaphezulu

1,55 m 59 noma ngaphansi 60-71 72 noma ngaphezulu

1,57 m 61 noma ngaphansi 62-73 74 noma ngaphezulu

1,60 m 63 noma ngaphansi 64-76 77 noma ngaphezulu

1,63 m 66 noma ngaphansi 67-79 80 noma ngaphezulu

1,65 m 67 noma ngaphansi 68-81 82 noma ngaphezulu

1,68 m 70 noma ngaphansi 71-84 85 noma ngaphezulu

1,70 m 72 noma ngaphansi 73-86 87 noma ngaphezulu

1,73 m 74 noma ngaphansi 75-89 90 noma ngaphezulu

1,75 m 76 noma ngaphansi 77-91 92 noma ngaphezulu

1,78 m 79 noma ngaphansi 80-94 95 noma ngaphezulu

1,80 m 80 noma ngaphansi 81-97 98 noma ngaphezulu

1,83 m 83 noma ngaphansi 84-100 101 noma ngaphezulu

1,85 m 85 noma ngaphansi 86-102 103 noma ngaphezulu

1,88 m 89 noma ngaphansi 90-106 107 noma ngaphezulu

1,90 m 90 noma ngaphansi 91-108 109 noma ngaphezulu

[Umthombo]

Adapted from Mayo Clinic on Healthy Weight

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 13]

Liyini i-“calorie”?

Lichazwa kanjani i-calorie? Liyisilinganiso samandla okushisa. Ngakho, lapho ujuluka, usuke usebenzisa ama-calorie, (ama-kilojoule), noma amandla okushisa. I-calorie lilingana nama-kilojoule angu-4,2. Liyizinga lokushisa elidingekayo ukuze ukhuphule ukushisa kwekhilogremu elilodwa lamanzi nge-degree Celsius elilodwa vó.” Izidingo zomuntu ngamunye zansuku zonke zama-kilojoule, noma amandla, ziyehlukahluka, kuye ngezici ezinjengobude, isisindo, ubudala, nezinga awusebenzisa ngalo umzimba.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 14]

Uyisihlala ndawonye uma

◼ Uchitha ingxenye enkulu yosuku uhlezi—ubukele i-TV noma usedeskini noma usemotweni—ngamanye amazwi, uma unganyakazi

◼ Ungavamile ukuhamba amamitha angaphezu kwayikhulu

◼ Wenza umsebenzi okwenza uhlale unganyakazi

◼ Ungaziniki imizuzu ephakathi kwengu-20 nengu-30 ukuze uvivinye umzimba okungenani kanye ngesonto

[Umthombo]

Based on Mayo Clinic on Healthy Weight.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela