Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 2/8 k. 29-k. 31 isig. 7
  • Kufanele Ngenzenjani Lapho Abanye Bengitshela Izinkinga Zabo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Ngenzenjani Lapho Abanye Bengitshela Izinkinga Zabo?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Isilaleli Esihle
  • Ukunikeza Iseluleko Esinobungane
  • Okumelwe Ukuqaphele
  • Lapho Kudingeka Usizo Lwabanye
  • Ingabe Kufanele Ngitshele Othile Ukuthi Ngicindezelekile?
    I-Phaphama!—2000
  • Isiqondiso Esinengqondo Sentsha Yanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Kufanele Ngenzeni Uma Umngane Wami Engena Enkathazweni?
    I-Phaphama!—1996
  • Ubani Ongangisiza Ngixazulule Izinkinga Zami?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 2/8 k. 29-k. 31 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Kufanele Ngenzenjani Lapho Abanye Bengitshela Izinkinga Zabo?

“Kukhona enye intombazane engifunda nayo esikoleni. Abazali bayo babehlukana, ngakho amamaki ayo ehla. Yayivame ukungixoxela ngezinkinga zakubo.”—UJan, oneminyaka engu-14 ubudala.

“Enye intombazane esikoleni yangitshela imfihlo yayo yokuthi yalala nomunye umfana. Yakhulelwa yayisikhipha isisu abazali bayo bengazi lutho.”—UMira, oneminyaka engu-15 ubudala.

A KE sithi uxoxa nomngane noma nothile ofunda naye. Kungazelelwe aqale “ukuthulula” inkinga yakhe kuwe. Mhlawumbe ubhekene nezinkinga zentsha ezivamile—izingubo zokugqoka, imali, ukubukeka, ontanga nezifundo. Kanti kungenzeka ukuthi unezinkinga ezinzima kakhulu futhi eziyinselele.

Isimo e-United States sibonisa ukuthi zingaba ezingathí sina kangakanani izinkinga zentsha. Ngokukamagazini i-Newsweek, “i-National Institutes of Mental Health (NIMH) isikisela ukuthi amaphesenti angu-8 ezingane ezisanda kuthomba namaphesenti amabili ezingane (ezinye ezineminyaka emine nje kuphela) zinezimpawu zokucindezeleka.” Enye inhlolo-vo yaphawula: “Cishe amantombazane angu-97 kwangu-1 000 aneminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-19 ubudala—amatshitshi aseMelika ayisigidi—ayakhulelwa unyaka ngamunye. Iningi lale ntsha ekhulelwayo—engamaphesenti angu-78—lisuke lingahlosile.” Bese kuba khona izigidi zentsha ehlala emakhaya anesimo esintengantengayo. Izinkulungwane ziyizisulu zokunukubezwa ngokomzimba noma ngokobulili. Amaqoqo angaphezu kwengxenye asezikoleni eziphakeme zase-United States aphuza ngokweqile. Intsha eningi ngendlela eshaqisayo ibhekene nenkinga yokuphazamiseka kwemikhuba yokudla.

Kungenxa yalezi zizathu-ke intsha eningi ibafuna kangaka abantu engakhuluma nabo, ibavulele izifuba! Futhi ngokuvamile abantu bokuqala efuna kubo usizo ontanga. Kufanele wenzenjani-ke uma lowo ntanga kuba nguwena? Uma ungumKristu, ukwenza kanjalo kwayo akufanele neze kukumangaze. IBhayibheli liyala amaKristu ukuba abe ‘yisibonelo’ ekuziphatheni nokuba abe acabangelanayo. (1 Thimothewu 4:12; Filipi 4:5) Ngakho enye intsha—kuhlanganise nengakholwa—ingase ikufune kakhulu ukukuvulela isifuba sayo. Khona-ke, kufanele usisingathe kanjani lesi simo? Futhi kumelwe wenzenjani uma ucabanga ukuthi ikutshele izinto ezingaphezu kwamandla akho?

Ukuba Isilaleli Esihle

IBhayibheli lithi kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:7) Lapho umuntu enenkinga futhi efuna ukukhuluma nawe, ngokuvamile into engcono kunazo zonke ongazenza ukulalela nje kuphela. Empeleni, iBhayibheli liyamlahla umuntu ovala izindlebe ukuze angakuzwa “ukukhalaza komuntu ophansi.” (IzAga 21:13) Kungenzeka ukuthi kuye kwamthatha isikhathi umngane wakho ukuba aqunge isibindi sokukhuluma ngale ndaba. Ukuzimisela kwakho ukulalela kungenza kube lula ngaye ukuba akhulume. “Ngokuvamile ngiye ngivumele omunye umuntu ukuba akhulume,” kusho omunye umKristu osemusha ogama lakhe linguHiram. “Ngiyaye ngimvumele akhiphe konke okumkhathazayo, bese ngizama ukuzwelana naye.” UVincent naye uyaphawula: “Ngezinye izikhathi abantu basuke befuna nje ukukhuluma.”

Ngakho umngane wakho angase angalindeli ukuba umxazululele izinkinga zakhe. Kodwa kungenzeka ukuthi udinga isilaleli esihle. Ngakho lalela! Zama ukugwema ukuphazanyiswa izinto ezinizungezile noma ukulokhu umphazamisa ngokungenasidingo. Ukuba khona kwakho lapho nokumlalela nje kukodwa kungaba usizo olukhulu. Kubonisa ukuthi uyakhathalela ngempela.

Ingabe lokhu kusho ukuthi kumelwe uzivalele umlomo wakho ungasho lutho? Okuningi kuyoxhomeka ekuthini leyo nkinga inhloboni. Ezikhathini eziningi, impendulo ebonisa umusa iyafaneleka. (IzAga 25:11) Ngokwesibonelo, uma umngane wakho eye wabhekana nesimo esibuhlungu, kungakuhle kakhulu ukuba ubonise uzwela. (Roma 12:15) IzAga 12:25 zithi: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” Mhlawumbe okudingekayo amazwi athile esikhuthazo. Mtshele lowo muntu ukuthi uyaqiniseka ukuthi uyókwazi ukubhekana naleyo nselele ngokuphumelelayo. Izinkulumo ezinjengokuthi, “Ngiyabona ukuthi kungani uzizwa ngale ndlela” noma “Ngiyadabuka ngale nkinga obhekene nayo” zingenza umngane wakho azi ukuthi uqotho nokuthi ufuna ukumsiza.

Nokho, izAga 12:18 ziyaxwayisa: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba.” Kubalulekile ukuba ugweme izinkulumo ezinjengokuthi “Akukubi kakhulu,” “Vele uyikhohlwe nje le ndaba,” noma “Akufanele uzizwe ngaleyo ndlela.” Kanti futhi kumelwe uqaphele ukuba ungalokothi uzame ukwenza ihlaya ngale nkinga ukuze ibonakale ingenzima kangako. Cishe umngane wakho angase aphethe ngokuthi awuyihloniphi imizwa yakhe.—IzAga 25:20.

Pho, kumelwe wenzenjani uma ungazi ukuthi uzothini? Yiba qotho. Mtshele umngane wakho ukuthi awazi ngempela ukuthi ungathini kodwa uzimisele kona ukumsiza. Mbuze, “Ungathanda ngikusize ngani?” Yebo, kungase kube khona izinto eziwusizo ongazenza ukuze umethule umthwalo.—Galathiya 6:2.

Ukunikeza Iseluleko Esinobungane

Kumelwe wenzenjani uma ucabanga ukuthi umngane wakho udinga iseluleko? Yiqiniso, njengoba usemusha, awukabi nalo ulwazi olungako. (IzAga 1:4) Ngakho ungase ungakufanelekeli ukunikeza iseluleko kuzo zonke izinkinga. Nokho, iHubo 19:7 lithi: “Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi.” Yebo, nakuba ‘ungenalwazi,’ ungase ube nalo ulwazi olwanele lwezimiso zeBhayibheli olungaba usizo oluthile kumngane odinga usizo. (IzAga 27:9) Ngaphandle kokumshumayeza, kunganjani umbonise amaphuzu athile avela eBhayibhelini? Uma ungaqiniseki ukuthi yiziphi izimiso zeBhayibheli ezisebenzayo kuleyo ndaba, cwaninga. Sekuyiminyaka kukhishwa izeluleko ezahlukahlukene ezisekelwe eBhayibhelini engosini yalo magazini ethi “Intsha Iyabuza . . . ” Omunye umthombo wokwaziswa owusizo yincwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.a

Mhlawumbe kungasebenza ukumxoxela ngezinto ezakwehlela. Kungenzeka nanokuthi unokusikisela okuwusizo. Ngaphandle kokuphoqelela imibono yakho, ungase uchaze ukuthi yini eyakusiza wena. (IzAga 27:17) Nokho, kumelwe ukhumbule ukuthi isimo ngasinye sihlukile. Okwasebenza kuwe kungase kungasebenzi kwabanye abantu.

Okumelwe Ukuqaphele

Ungagxili kakhulu ekulaleleni izinkinga zentsha engamesabi uJehova noma engazihloniphi izindinganiso zobuKristu. Eziningi zezinkinga zayo zibangelwa indlela ephila ngayo engavumelani neBhayibheli. Ukuzama ukusiza abantu abasizondayo iseluleko seBhayibheli kunganikhungathekisa nobabili. (IzAga 9:7) Kanti futhi ungazithola usuchayeke kakhulu enkulumweni yobuwula noma eyichilo imbala. (Efesu 5:3, 4) Ngakho uma ingxoxo ikwenza ungakhululeki, yiba nesibindi sokusho ukuthi ngeke ukwazi ukusiza noma ukuthi uzizwa ungakhululekile ukuxoxa ngaleyo ndaba.

Qaphela lapho owobulili obuhlukile efuna ukukuxoxela imizwa yakhe ejulile. IBhayibheli liyaxwayisa ngokuthi inhliziyo iyakhohlisa. (Jeremiya 17:9) Ubuhlobo obuseduze bungavusa imizwa yothando futhi bungaholela ngisho nasekuziphatheni okubi kobulili.

Ngaphezu kwalokho, ungazifaki ogibeni lokuba ufunge ukuthi ngeke utshele muntu. Ngokuzithoba, qaphela ukuthi umuntu oxoxa nawe angase adinge usizo olwengeziwe kunalolo ongase ukwazi ukumnika lona.—IzAga 11:2.

Lapho Kudingeka Usizo Lwabanye

Ezimweni eziningi into engcono kunazo zonke iwukuba wena ngokwakho uthole usizo. UMira, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wathi: “Ngangingazi ngempela ukuthi ngingayisiza kanjani le ntombazane engangifunda nayo. Ngakho ngaxoxa nomdala ebandleni ngale ndaba, futhi wanginika iseluleko esihle kakhulu maqondana nokuthi ngingayisiza kanjani.” Yebo, ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova, kukhona amadoda anolwazi angakusiza. (Efesu 4:11, 12) Lo mdala wasikisela ukuba uMira akhuthaze le ntombazane ukuba ikhulume nabazali bayo. Yasilalela iseluleko sikaMira. UMira uthi: “Isimo sayo saba ngcono. Manje isifuna ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli.”

Kumelwe wenzenjani uma omunye umKristu ekuvulela isifuba sakhe? Ngokuvamile, kufanele wenze konke ongakwenza ukuze umsize. (Galathiya 6:10) Uma unovalo lokuthi uyaqhela ezindinganisweni zikaJehova zokuziphatha, ungesabi ‘ukukhuluma iqiniso’ naye. (Efesu 4:25) Thembeka kodwa ungazishayi olungile. Ukuzimisela kwakho ukubeka iqiniso obala kuwuphawu lokuthi ungumngane weqiniso.—IHubo 141:5; IzAga 27:6.

Esimweni esinjalo, kubalulekile futhi ukumkhuthaza umngane wakho ukuba afune usizo—kubazali bakhe, kumdala, noma komunye umKristu ovuthiwe amhloniphayo. Uma sekudlule isikhathi esithile engaxoxi nothile, kungase kudingeke ukuba wena uxoxe nothile ngaleyo ndaba yakhe. (Jakobe 5:13-15) Kungase kudingeke isibindi ukuze wenze lokho, kodwa kuyobonisa ukuthi uyakhathalela ngempela nokuthi ufuna umngane wakho athole okungcono.

Yiqiniso, uJehova akalindele ukuba uxazulule izinkinga zawo wonke umuntu. Kodwa uma othile ekuvulela isifuba sakhe, akumelwe uzizwe ungenamandla okusiza. Sebenzisa ulwazi lwakho lobuKristu, uzibonakalise ‘ungumngane weqiniso.’—IzAga 17:17.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 31]

Kwezinye izimo kungase kudingeke ukuba uthole usizo ukuze ukwazi ukusiza umngane wakho osenkingeni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela