Likhanya Kanjani Ilanga Ezinzulwini Zobusuku?
“KUNGENZEKA kanjani ukuba ilanga lingashoni?” Njengesithunywa sevangeli esidabuka eFinland esikhonza ePapua New Guinea, sengiyizwe kaningi imibuzo enjengalowo. Emazweni aseZindaweni Ezishisayo, ubude besikhathi sasemini abushintshi kakhulu kusuka kwenye inyanga kuya kwenye. Ngakho abantu bakulawo mazwe bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi e-Arctic, kuphela izinyanga ilanga lingashoni. Futhi lapho ngizama ukuchaza ukuthi ebusika ilanga aliphumi, abaningi badideka ngisho nakakhulu.
Kwenzeka kanjani-ke pho ukuba ilanga likhanye ezinzulwini zobusuku? Lesi simo esiyingqayizivele sibangelwa ukuthi lapho umhlaba uzungeza ilanga minyaka yonke, ama-axis ozungeza kuwo ahlala etshekile ngama-degree angu-23,5. Ngenxa yalokho, lapho kusehlobo eNyakatho Nenkabazwe, iNorth Pole ithambekela ngaselangeni, kanti ebusika kwenzeka okuphambene. Njengoba umhlaba uzungeza kuma-axis awo kanye ngosuku, e-Arctic Circle kuba nobusuku obubodwa onyakeni—cishe ngo-June 21—lapho ilanga lingashoni khona. Ngokufanayo, usuku olulodwa onyakeni—cishe ngo-December 21—ilanga aliphumi, nakuba ngesikhathi sasemini bebade, kungase kubonakale sengathi kuqala ukuntwela.
Empeleni, njengoba wenyukela enyakatho udlula e-Arctic Circle, ziyanda izinsuku zasehlobo eziba nokukhanya kwelanga ebusuku, kanti ebusika ilanga aliphumi. Kuma-pole, kokubili ubusuku nemini kuthatha izinyanga eziyisithupha.a
Abantu abahlala ezindaweni ezikuma-pole balala kanjani ehlobo, futhi babhekana kanjani nobusuku obude ebusika? Kweminye imiphakathi esikhathini esidlule, abantu babelala isikhathi esiphindwe kabili ebusuku lapho kusebusika kunalapho kusehlobo. Ukwamukela indlela yesimanje yokuphila kuye kwasinciphisa kakhulu leso sikhathi kwabaningi. Kodwa imini ende yasehlobo isabanika umdlandla abantu baseNyakatho. UPatrick, ohlala e-Alaska, uthi: “Uma ilanga likhanya bha ngo-11:00 ebusuku, buvele bungehli ubuthongo. Ngezinye izikhathi ngiye ngiphume ngiyogunda utshani noma ngenze omunye umsebenzi.”
Ngakolunye uhlangothi, uma kuphela izinyanga kukhanya noma kusebusuku, lokho kungamkhathaza umuntu—emzimbeni nasengqondweni. Ngakho, abanye abantu bazama ukuvimba ukukhanya kungangeni emakamelweni abo ehlobo bese bekhanyisa izibani ezinkulu ebusika, bezama ukwenza iwashi lomzimba lingaphazamiseki futhi bavimbele ukukhathala nokucindezeleka. Nokho, naphezu kwalezi zinselele, izakhamuzi nezivakashi ziyavumelana ngokuthi ukubona ukukhanya kwelanga ezinzulwini zobusuku kuyinto engalibaleki.—Sinikelwe.
[Umbhalo waphansi]
a Kwenzeka into efanayo nase-Antarctic, kodwa uma kusehlobo e-Antarctic kusuke kusebusika e-Arctic.
[Umdwebo/Izithombe ekhasini 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ama-“axis” omhlaba atshekile enza ama-“pole” abe selangeni njalo ehlobo kodwa abe sebumnyameni ebusika (Isibonelo esilapha esaseNyakatho Nenkabazwe)
Ikwindla ←
● ● ● ● ●
Ubusika ● ◯ ● Ihlobo
● ● ● ● ● Umhlaba uzungeza
kuma-“axis” awo
→ Intwasahlobo kanye ngosuku
[Isithombe ekhasini 31]
Isithombe esibonisa ukuhamba kwelanga ebusuku ngezikhathi ezihlukahlukene
[Umthombo]
© Paul Souders/WorldFoto