Ingabe Ukulungele Ukuba Khona?
◼Ukuba khona kuphi? EMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova onesihloko esithi “Ukulalela UNkulunkulu”! Uchungechunge lwale mihlangano yezinsuku ezintathu, oluqale e-United States ngempelasonto yokugcina ka-May, luhlelelwe ukuba luqhubeke izinyanga eziningana ezilandelayo emadolobheni amaningi emhlabeni wonke. Kungenzeka lube khona edolobheni eliseduze nawe.
Ezindaweni eziningi isimiso siqala ngo-9:30 ekuseni ngomculo. Isihloko sangoLwesihlanu sithi “Lalelani Izwi Lami, Ngizoba NguNkulunkulu Wenu.” (Jeremiya 7:23) Emva kwenkulumo yasekuseni ethi “‘Senziwe Ngokumangalisayo’” nethi “Uvuko—Isizathu Sokuba Lelo Themba Libe Ngokoqobo Kuwe,” isimiso siyophetha ngenkulumo eyisihluthulelo ethi “Landela Isibonelo, UKristu, Ekulaleleni UNkulunkulu.”
Isimiso sangoLwesihlanu ntambama siyoba nenkulumo ethi “Qhubeka ‘Unaka Umoya,’ Uphile,” nethi “Qapha Yonke Inhlobo Yokuhaha,” kanye nethi “Ungalandeli ‘Izindaba Ezingamanga Eziklanywe Ngobuciko.’” Kuyobe sekulandela uchungechunge olunezinkulumo ezimbili lwamaphuzu avelele ezincwadi zeBhayibheli, ekaHagayi nekaZakariya. Isimiso sosuku siyophetha ngenkulumo ethi “Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane!”
Isihloko sangoMgqibelo sithi “Ukulalela Ngokusuka Enhliziyweni” “Ezintweni Zonke,” sisekelwe encwadini yabaseRoma 6:17 nakweyesi-2 Korinte 2:9. Isimiso sasekuseni sihlanganisa uchungechunge olunezinkulumo ezintathu olunesihloko esithi “Iyajabula Imikhaya Esebenzisa Izimiso ZikaNkulunkulu.” Lunemiboniso nezingxoxo nabathile futhi lugcizelela indlela amalungu omkhaya—ubaba, umama nezingane—angaba nengxenye ngayo ekwakheni injabulo yomkhaya. Isimiso sasekuseni siyophetha ngenkulumo ethi “U-Yebo Wenu Makasho UYebo,” okuyothi ngemva kwayo kube nethuba lokuba abafanelekayo babhapathizwe.
Ezinkulumweni zangoMgqibelo ntambama kunenkulumo ethi “Dlula Ungaboni Okungenanzuzo” nethi “Buyelani KuMalusi Wemiphefumulo Yenu.” Kuyobe sekulandela uchungechunge olunezinkulumo ezimbili olunesihloko esithi “Lalelani Abaholayo.” Inkulumo yokuphetha yantambama enesihloko esithi “Lifundisani Ngempela IBhayibheli?” iyinkulumo evelele yalo mhlangano.
Isimiso sangeSonto ekuseni siyogcizelela isihloko esithi “Lalela Wonke La Mazwi . . . Ukuze Kukuhambele Kahle,” esekelwe kuDuteronomi 12:28. Uchungechunge olunezinkulumo ezintathu olunesihloko esithi “Siza Abanye Balalele Lokho IBhayibheli Elikufundisayo” luyonikeza izindlela ezisebenzayo zokuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli.
Isimiso sasekuseni siyophetha ngedrama yasendulo enesihloko esithi “Phishekela Imigomo Edumisa UNkulunkulu.” Iyokwandulelwa inkulumo enesihloko esithi “Basha—Ingabe Imigomo Yenu Izonisiza Niphumelele?” Le nkulumo yendlalela idrama yeBhayibheli, ekhuluma ngoThimothewu omncane, owabeka isibonelo senkonzo yokuzidela intsha yanamuhla enxuswa ukuba isilandele. Isimiso sokuphetha umhlangano ngeSonto ntambama sinenkulumo yeningi enesihloko esithi “Ubani Okufanele Simlalele?”
Qala manje ukwenza amalungiselelo okuba khona. Ukuze uthole indawo yomhlangano eseduze nendawo yangakini, xhumana noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso eliseduze nawe noma ubhalele abashicileli balo magazini.