Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 7/8 k. 12-k. 13 isig. 5
  • Ingabe Kufanele Uyesabe I-Armagedoni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Uyesabe I-Armagedoni?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umhlaba Uyochithwa?
  • ‘Usuku Olwesabekayo’
  • UNkulunkulu Unxusa Abantu Ukuba Bathathe Isinyathelo
  • Iyini Impi Ye-Armagedoni?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • IArmagedoni—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • IArmagedoni—Lokho Engeyikho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 7/8 k. 12-k. 13 isig. 5

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Kufanele Uyesabe I-Armagedoni?

IYINI “i-Armagedoni”? Kalula nje, leli gama lichaza isimo lapho ababusi bomhlaba bebuthana khona ukuze bamelane noNkulunkulu noMbuso wakhe osezandleni zikaJesu Kristu. Encwadini yeBhayibheli isAmbulo, umphostoli uJohane wabona umbono lapho amakhosi ebuthana khona ndawonye ukuze amelane noNkulunkulu endaweni engokomfanekiso ebizwa ngokuthi i-Armagedoni.

Leli gama elithi “Armagedoni” livela kanye kuphela emiBhalweni, kodwa njengoba ezinye izilimi muva nje sezilisebenzisa njengesingathekiso, sekuyigama elisetshenziswa kabanzi. Liye lasetshenziselwa ukuchaza izinhlekelele ezinkulu nezincane, njengokuqothulwa kwesizwe ngebhomu lenuzi noma inhlekelele yokonakaliswa kwezinhlelo zama-computer. Abalobi abaningana bezincwadi ezithengwa ubuthaphuthaphu baye basekela izincwadi zabo kulokho okubizwa ngokuthi izikhathi zokuphela kwezwe, noma inkathi engaphambi nje kwe-Armagedoni. Eminyakeni eyishumi edlule, kuye kwathengwa amakhophi ayizigidi ezingu-60 amanoveli athile awuchungechunge akhuluma ngalokho.

Abanye abantu bayayesaba i-Armagedoni. Bacabanga ukuthi amaphekula, izizwe eziphehla impi, noma izinhlekelele umuntu angenakukwazi ukuzilawula kuyoholela enhlekeleleni yembulunga yonke, kushiye umhlaba ungaseyona indawo okungaphilwa kuyo. Abanye bakholelwa ukuthi, ngolaka, uNkulunkulu uqobo uyobhubhisa unozungezilanga wethu nakho konke okukuwo ngesikhathi sakhe esimisiwe. Kuyesabisa ngempela ukucabanga ngalezi zenzakalo zesikhathi esizayo! Kodwa isho ukuthini ngempela inkulumo ethi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ e-Armagedoni?—IsAmbulo 16:14, 16.

Ingabe Umhlaba Uyochithwa?

Akubona bonke abantu abayobhujiswa e-Armagedoni. Sazi ngani? IBhayibheli liyasiqinisekisa ngokusitshela ukuthi “uJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, kodwa agcinele abantu abangalungile usuku lokwahlulelwa ukuze banqunywe.” (2 Petru 2:9) Ngakho, singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu, njengoMninimandla onke, uyowalawula ngokuphelele amandla akhe. Okuwukuphela kwabantu abayobhekana nolaka lukaNkulunkulu nge-Armagedoni yilabo abamelene nobukhosi bakhe. Akekho oyobhujiswa ngengozi kule mpi.—IHubo 2:2, 9; Genesise 18:23, 25.

IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngakho kusobala ukuthi akuyona injongo kaJehova uNkulunkulu ukubhubhisa unozungezilanga wethu. Kunalokho, uyosusa umphakathi wesintu omubi omelana nobukhosi bakhe. Lokhu kufana ncimishí nalokho akwenza ngoZamcolo esikhathini sikaNowa.—Genesise 6:11-14; 7:1; Mathewu 24:37-39.

‘Usuku Olwesabekayo’

Kuyiqiniso ukuthi iziprofetho eziningi zeBhayibheli ezikhuluma ngembubhiso ezayo ziyethusa. Ngokwesibonelo, umprofethi uJoweli wakhuluma ‘ngosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’ (Joweli 2:31) Izikhali uNkulunkulu azigcine enqolobaneni yakhe zihlanganisa iqhwa, isichotho, ukuzamazama komhlaba, isifo esithathelwanayo, izikhukhula, imvula yomlilo nesibabule, isiphithiphithi esibangela abantu babulalane bodwa, umbani kanye nenhlupho yokubola kwenyama yomuntu.a (Jobe 38:22, 23; Hezekeli 38:14-23; Habakuki 3:10, 11; Zakariya 14:12, 13) IBhayibheli lisichaza ngokucacile nesikhathi lapho abafileyo beyomboza khona wonke umhlaba, izidumbu zabo zishiywe zidindilizile ukuze zibe umquba noma ukudla kwezinyoni nezinye izilwane. (Jeremiya 25:33, 34; Hezekeli 39:17-20) Izitha zikaNkulunkulu ziyofikelwa ukwesaba okukhulu ngalolu suku lwempi.—IsAmbulo 6:16, 17.

Ingabe lokhu kusho ukuthi abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso abalalelayo kufanele bazesabe izenzakalo ezishaqisayo eziyokwenzeka nge-Armagedoni? Lutho neze, ngoba izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni ngeke zihlanganyele kule mpi. Ngaphezu kwalokho, uJehova uyozivikela. Noma kunjalo, abakhulekeli beqiniso bayothuthumela lapho bebona uNkulunkulu ebonakalisa amandla akhe ngendlela esabisayo.—IHubo 37:34; IzAga 3:25, 26.

Nokho, kuyaphawuleka ukuthi umphostoli uJohane waphefumulelwa ukuba asiqinisekise: “Uyajabula umuntu ogcina amazwi esiprofetho salo mqulu,” kuhlanganise nesixwayiso nge-Armagedoni. (IsAmbulo 1:3; 22:7) Angajabula kanjani umuntu ebe ezindla nge-Armagedoni? Kungenzeka kanjani lokho?

UNkulunkulu Unxusa Abantu Ukuba Bathathe Isinyathelo

Lapho sekuseduze ukuba kugadle isivunguvungu, noma isiphepho esibi kakhulu, iziphathimandla zendawo zikhipha izixwayiso ukuze kuvikelwe ukuphila kwabantu. Ukuze ziqiniseke ukuthi wonke umuntu uyasizwa lesi sixwayiso, kungaze kujutshwe ngisho namaphoyisa ukuba ahambe exwayisa abantu ngezinhlabamkhosi noma angene umuzi nomuzi. Injongo yakho konke lokhu ayikona ukwesabisa abantu kodwa iwukubasiza ukuba bathathe isinyathelo esiyosindisa ukuphila kwabo. Abantu abaqondayo bayasijabulela lesi sixwayiso, futhi labo abasithatha ngempela isinyathelo bayajabula kamuva ngokwenza kanjalo.

Kunjalo nangesigijimi sikaNkulunkulu esixwayisa ‘ngesivunguvungu’ se-Armagedoni okuseduze ukuba sigadle. (IzAga 10:25) UJehova uye wanikeza imininingwane ephelele ngale mpi yakhe eZwini lakhe elilotshiwe. Lokhu akusho ukuthi ufisa ukwesabisa abantu kodwa ufisa ukubanikeza isixwayiso esanele ukuze abasize baphenduke futhi benze imizamo yokuzimisela ukuze bamkhonze. (Zefaniya 2:2, 3; 2 Petru 3:9) Labo abasithathayo isinyathelo bayosinda. Ngakho, akufanele siyesabe impi kaNkulunkulu esisemnyango. Kunalokho, singalindela isikhathi esizayo siqiniseka ngokuthi ‘wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosinda.’—Joweli 2:32.

[Umbhalo waphansi]

a Kufanele siqaphele ukuthi izingxenye ezithile zeBhayibheli zabhalwa ngolimi olungokomfanekiso, noma “ngezibonakaliso.” (IsAmbulo 1:1) Ngakho, asinakugomela ngokuqinile ukuthi lezi zici okukhulunywe ngazo kulezi ziprofetho ziyosetshenziswa ngezinga elingakanani ngokoqobo.

[Isithombe ekhasini 12]

Lapho sekuseduze ukuba kugadle inhlekelele engokwemvelo, iziphathimandla zendawo zikhipha izixwayiso ukuze kuvikelwe ukuphila kwabantu

[Isithombe ekhasini 13]

Isigijimi sikaNkulunkulu esixwayisa abantu nge-Armagedoni siwumkhankaso wokusiza abantu ukuba bathathe isinyathelo esiyosindisa ukuphila kwabo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela