Indima Yokubambisana Emvelweni
Ngokwemvelo, “ukuqhubeka kwakho uphila kuxhomeke ekwakheni ubuhlobo nomakhelwane kanye nasekukhuleni nokuzala.”—Incwadi ethi “Liaisons of Life.”
ULWANDLE lwaluzolile. Okuwukuphela kwesiphazamiso kwakuwumsindo womhlambi wezinyoni zasolwandle. Ukuyaluza kwazo kwakubonisa ukuthi kukhona okwakwenzeka ngaphansi kwamanzi. Kungazelelwe, kwabonakala igwebu, elalilokhu likhula lakha isiyingi esimhlophe. Ngemva kwethutshana, kwavela izilwane ezimbili ezinkulu ezimnyama emanzini phakathi kwalesi siyingi segwebu. Kwakuyimikhomo emibili okuthiwa ama-humpback eyayikhuphuka ekujuleni kolwandle, ikhamisile. Lapho isivele ngaphezu kwamanzi, yavala imilomo yayo emikhulu, yaphefumula, yabe isishona ngaphansi kwamanzi iphinda isenzo esifanayo.
Le mikhomo emibili yayibambisene ithiya futhi idla inqwaba yama-krill anjengezimfanzi. Njengokungathi iyadansa, le mikhomo enesisindo esingamathani angu-40 yayingena ngaphansi kwalezi zimfanzi yakhe isiyingi esincane kuyilapho ikhipha umoya ngezimbobo zayo zokuphefumula. Leli cebo lobuhlakani lakha “inetha” legwebu elizungeza ama-krill. Le mikhomo yabe isikhuphuka iphuma phakathi kwaleli “netha” yazigwazela ibhece.
Emathafeni ase-Afrika, izimfene zivame ukubambisana nezimpala. Umagazini i-Scientific American uthi: “Lezi zilwane ezimbili zisizana ngokuhlaba umkhosi.” Izimpala ezinekhono elihle lokuhogela zisizana nezimfene ezinamehlo abukhali, okwenza kube nzima ukuba abahlaseli bazinyonyobele. Kunokubambisana okufanayo phakathi kwezintshe, ezinamehlo abukhali, kanye namadube, anamadlebe abukhali.
Lezi yizibonelo ezimbalwa nje kweziningi zokubambisana kwemvelo esizungezile. Ngempela, ukusekelana kungabonakala kuwo wonke amazinga okuphila, kusuka emagciwaneni kuya kubantu naphakathi kwezinto ezifanayo nezingahlobene. Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, iNkosi uSolomoni, eyayithanda imvelo, yabhekisisa izintuthwane. Yabhala: “Yana entuthwaneni, vila ndini; bheka izindlela zayo uhlakaniphe. Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi, ilungisa ukudla kwayo ehlobo; ibutha ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.”—IzAga 6:6-8.
Izintuthwane ziyisibonelo sokubambisana, sokukhuthala nokuhleleka, ngoba zivame ukubambisana zidonsela esidulini izinto ezinkulu kakhulu kunazo. Ezinye izintuthwane zize zisize namalungu alimele noma akhathele ziwabuyisele esidulini. Ngenxa yalezi zimfanelo, akumangalisi ukuthi kungani uSolomoni akhetha izintuthwane njengesibonelo okufanele sisilingise.
Ezihlokweni ezilandelayo, sizobona indlela ‘incwadi yemvelo’ ekugcizelela ngayo ukubambisana, okwenza ukuphila kube khona, ngisho nokwabantu imbala. Sizofunda nangendima embi efezwe abantu ekonakaliseni, ekungcoliseni nasekuqothuleni indalo. Ingabe uMdali uyovumela lesi simo ukuba siqhubeke unomphela?
[Isithombe ekhasini 3]
Ngenhla: Izimfene nezimpala ziyasizana ngokuhlaba umkhosi
[Isithombe ekhasini 4]
Izintuthwane ziyisibonelo sokubambisana
[Isithombe ekhasini 4]
Izintshe, ezinamehlo abukhali, zibambisana namadube, anamadlebe abukhali