“Yana Entuthwaneni”
“IZINTUTHWANE EZINGAVAMILE”—lesosihloko esikhulu esiyinqaba savela eminyakeni embalwa edlule ephephandabeni elithile ngokuqondene neHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova elakhiwa ngokushesha. Yini eyabangela ukuba kubhalwe lesisihloko esikhulu? Kuyaqondakala lapho ubuka isithombe sasemoyeni salesosiza sokwakha. Isihlokwana esithile kulesisihloko sephephandaba sachaza: “OFakazi BakaJehova abangu-500 esizeni sokwakha—isiduli esingokomfanekiso.”
Lokhu kuqhathanisa kuyafaneleka, mhlawumbe ngaphezu kwalokho okwaqashelwa intatheli. Yiqiniso, uma ubuka usemoyeni, abantu abaningi abayaluza esizeni sokwakha bangase bafanekisele izintuthwane esidulini. Kodwa kulesisimo lomfanekiso ujulile. Ngani? OFakazi BakaJehova basithatha ngokungathi sína iseluleko seBhayibheli esikuzAga 6:6, esithi: “Yana entuthwaneni . . . , ubone izindlela zayo, uhlakaniphe.” Umuntu angahlakanipha kanjani ngokubheka izintuthwane?
Phakathi kokunye, izintuthwane zenza umsebenzi omkhulu. I-encyclopedia yeBhayibheli ethi Insight on the Scriptures iyaphawula: “Akuphawuleki nje kuphela ukulungiselela kwazo isikhathi esizayo okushukunyiswa umuzwa wemvelo kodwa futhi nokuphikelela nokuzimisela kwazo, ngokuvamile zithwele noma zidonsa ngamandla izinto ezinesisindo esiphinda isisindo sazo kabili, zenza konke ezingakwenza ukuze zifeze umsebenzi ongaphambi kwazo, futhi zingahoxi ngisho noma zingase ziwe, zishelele, noma zigingqike emqanseni.”a
Ngokufanayo, nakuba oFakazi BakaJehova bengaqukuli izinto zokwakha ezinesisindo esiphinda esemizimba yabo kabili, ngokuvamile bayabamangaza omakhelwane babo ngalokho abakufezayo ezakhiweni zabo ngesikhathi esifushane kakhulu. Kuyinto evamile ukubona amaHholo abo oMbuso eqhibuka njengamakhowe futhi aphele ezinsukwini ezimbili noma ezintathu kuphela!
Bakwenza kanjani konke lokhu? Ngokulingisa intuthwane kwesinye isici esiyinhloko. I-Insight on the Scriptures ithi ngezintuthwane: “Njengoba zibambisana ngokuphawulekayo, zigcina iziduli zazo zingahlalwa mpukane futhi zikhathalela izisebenzi ezikanye nazo, ngezinye izikhathi zisiza izintuthwane ezilimele noma ezikhathele ukuba ziphindele esidulini.” Intatheli ephawulwe ngenhla kwabonakala ihlatshwe umxhwele umoya wokubambisana ofanayo phakathi koFakazi, ichaza “umsebenzi omkhulu wokuzikhandla owafezwa ngenjabulo ngomoya omuhle ochwepheshe abangaba ngu-80 ababemelele yonke imikhakha yezokwakha futhi usekelwa izisebenzi zokuzithandela ezingu-400.”
Nokho, konke ukuzikhandla nokubambisana koFakazi BakaJehova lapho bakha amaHholo abo oMbuso kumane kungamanqampunqampu alokho okwenzeka ngaphakathi kulawomahholo eminyakeni elandelayo. Lapho bayaqhubeka bezikhandla futhi bebambisana, behlela umsebenzi wabo wokufundisa nokushumayela futhi beqhuba imihlangano eyakhayo nefundisayo. Okubaluleke nakakhulu, bazama ukubonisana ukukhathalelana kothando okufanayo nalokho uJesu akubonisa abalandeli bakhe lapho esemhlabeni.—Johane 13:34, 35.
Uma uke walibona iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova futhi wazibuza ukuthi kwenzekani ngaphakathi, sikumema ngokufudumele ukuba uzozibonela mathupha. Siyakuqinisekisa ukuthi uyokwamukelwa ngokufudumele futhi kuyoba ukuvakasha okufundisayo.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 31]
IHholo LoMbuso elakhiwa ngokushesha e-Aurillac, eFrance
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Line drawings: Pharaoh’s ant. Lydekker