Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 9/8 k. 16-k. 17 isig. 7
  • Ingabe Kufanele Uthandaze Encasakazini UMariya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Uthandaze Encasakazini UMariya?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Sifundise Ukuthandaza”
  • Kuthiwani Ngerosari?
  • Ukuhlonipha UMariya
  • Indima KaMariya Enjongweni KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ingabe AmaKristu Kumelwe Asebenzise IRosari?
    I-Phaphama!—1990
  • “Bheka! Incekukazi KaJehova!”
    Lingisa Ukholo Lwabo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 9/8 k. 16-k. 17 isig. 7

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Kufanele Uthandaze Encasakazini UMariya?

ABANTU abaningi abanolwazi oluthile ngobuKristu bayamazi uMariya. ImiBhalo ilandisa ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke wabusisa lona wesifazane osemusha ngokumkhetha ukuba abe unina kaJesu. Ukuzalwa kukaJesu kwakungavamile ngoba uMariya wayeyintombi nto lapho ekhulelwa. Sekuyisikhathi eside amasonto athile eLobukholwa emhlonipha ngendlela ekhethekile uMariya. Ngo-431 C.E., uMkhandlu Wase-Efesu wamemezela ukuthi “unguMama kaNkulunkulu,” futhi namuhla abantu abaningi bafundiswa ukuba bathandaze kuye.a

Abakhulekeli abaqotho bayazi ukuthi kumelwe baqondise imithandazo yabo kumuntu ofanele. IBhayibheli lifundisani ngale ndaba? Ingabe amaKristu kufanele athandaze eNcasakazini uMariya?

“Sifundise Ukuthandaza”

Ukulandisa kweVangeli likaLuka kubika ukuthi omunye wabafundi bakaJesu wamcela: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” Ephendula, uJesu wathi: “Noma nini lapho nithandaza, anothi, ‘Baba, malingcweliswe igama lakho.’” ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wabuye wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Luka 11:1, 2; Mathewu 6:9.

Khona-ke, into yokuqala esiyifundayo ukuthi umthandazo, noma amazwi okukhulekela, kufanele uqondiswe kuYise kaJesu, uJehova. Akukho ndawo eBhayibhelini lapho sigunyazwa khona ukuba sithandaze kunoma ubani omunye. Lokhu kuyafaneleka, ngoba njengoba uMose atshelwa lapho ethola iMiyalo Eyishumi, uJehova ‘uNkulunkulu ofuna ukuzinikela kuye kuphela.’—Eksodusi 20:5.

Kuthiwani Ngerosari?

Abaningi abathandaza kuMariya baye bafundiswa ukuthi bangathola izibusiso ngokuphinda amazwi athile—imithandazo enjengoMariya Ocwebileyo, uBaba Wethu neminye. Incwadi ethi Symbols of Catholicism ithi kumaKatolika, “akungabazeki ukuthi uphawu oluvame kakhulu lokuzinikela kuMariya yirosari.” Irosari liwumthandazo wenkolo wokudumisa iNcasakazi uMariya. Leli gama libhekisela nasemucwini wobuhlalu osetshenziselwa ukubala imithandazo. Incwadi efanayo iyachaza: “Amaqoqo amahlanu obuhlalu obuyishumi, ahlukaniswe ubuhlalu obubodwa, ashukumisela abantu ukuba baphindaphinde umthandazo ‘kaMariya Ocwebileyo’ izikhathi eziyishumi nesihlanu, baphindaphinde ‘uBaba Wethu’ kahlanu, bese besho ‘Inkazimulo Iye KuBaba’ kahlanu.” Ingabe uNkulunkulu uyakwamukela ukuphindaphindwa kwemithandazo eyenziwa ngerosari?

Nalapha futhi, iziyalezo uJesu azinika abafundi bakhe zisinika impendulo ewujuqu. Wathi: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayozwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi.” (Mathewu 6:7) Ngakho uJesu watshela abalandeli bakhe ngokuqondile ukuba bagweme ukuphindaphinda imithandazo.

Kodwa othile angase abuze, ‘UJesu akazange yini afundise abafundi bakhe ukuba baphindaphinde uBaba Wethu, oyingxenye yerosari?’ Kuyavunywa ukuthi uJesu wafundisa umthandazo oyisibonelo, osewaziwa ngokuthi uBaba Wethu, noma uMthandazo WeNkosi. Nokho, kufanele siphawule ukuthi lokhu wakwenza ngemva nje kokunikeza isixwayiso esingenhla sokuba ‘singaphindaphindi izinto ezifanayo.’ Ukuthi uJesu wayengahlosile ukuba umthandazo oyisibonelo uphindaphindwe kuboniswa umahluko okhona emazwini akhe ezibonelo ezimbili ezilotshiwe afundisa ngazo abafundi bakhe ukuthandaza. (Mathewu 6:9-15; Luka 11:2-4) Imiqondo eyavezwa uJesu kulezi zimo iyefana, kodwa akasebenzisanga amazwi afana nse. Lokhu kusenza siphethe ngokuthi uJesu wayemane enikeza izibonelo zendlela abalandeli bakhe abangathandaza ngayo nalokho okufanele bakuthandazele. Okubaluleke nakakhulu, amazwi akhe abonisa ukuthi leyo mithandazo kufanele iqondiswe kubani.

Ukuhlonipha UMariya

Ukuthi imiBhalo ayiwafundisi amaKristu ukuba athandaze kuMariya akusho neze ukuthi ibukelwa phansi indima ayifeza ekugcwalisekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu. Izibusiso ezilethwa yiNdodana yakhe ziyobazuzisa phakade bonke abantu abalalelayo. UMariya ngokwakhe wathi: “Zonke izizukulwane ziyothi ngiyajabula.” Umzala wakhe u-Elizabethe wathi uMariya ‘wayebusisiwe phakathi kwabesifazane.’ Ngempela, wayebusisiwe. Kwakuyilungelo elimangalisayo kuMariya ukukhethwa ukuba azale uMesiya.—Luka 1:42, 48, 49.

Nokho, uMariya akuyena yedwa owesifazane imiBhalo ethi ubusisiwe. Ngenxa yezenzo zikaJayeli zokuzuzisa isizwe sakwa-Israyeli wasendulo, naye kwathiwa ‘ubusiswé ukubedlula bonke phakathi kwabesifazane.’ (AbaHluleli 5:24) UJayeli, uMariya nabanye besifazane abesaba uNkulunkulu ababethembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ngokuqinisekile bakufanelekele ukulingiswa—kodwa hhayi ukuba sibakhulekele.

UMariya wayengumlandeli kaJesu othembekile. Wayekhona ezenzakalweni eziningi phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni kanye nalapho efa. Ngemva kokuvuswa kukaJesu ‘wayephikelela emthandazweni’ kanye nabafowabo bakaJesu. Lokhu kusinika isizathu sokukholelwa ukuthi naye wagcotshwa kanye nabo ngomoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E., ngakho wayenethemba lokuba ingxenye yesigaba somlobokazi esiyobusa ezulwini kanye noKristu.—Mathewu 19:28; IzEnzo 1:14; 2:1-4; IsAmbulo 21:2, 9.

Nokho, akukho kulokhu okusigunyaza ukuba sithandaze kuMariya. Umthandazo osuka enhliziyweni uyingxenye ebalulekile yokukhulekela, futhi amaKristu akhuthazwa ukuba ‘aphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Kodwa, yonke imithandazo enjalo yokukhulekela kufanele iqondiswe kuJehova kuphela, ngoJesu Kristu.—Mathewu 4:10; 1 Thimothewu 2:5.

[Umbhalo waphansi]

a Umqondo wokuthi uMariya ungunina kaNkulunkulu usekelwe emfundisweni kaZiqu-zintathu engqubuzana nemiBhalo, ethi uJesu unguNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela