Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 6/8 k. 12-k. 13
  • Ingabe AmaKristu Kumelwe Asebenzise IRosari?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe AmaKristu Kumelwe Asebenzise IRosari?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMariya NeRosari
  • Umthandazo NeRosari
  • Indlela Yokuya KuNkulunkulu
  • Ingabe Kufanele Uthandaze Encasakazini UMariya?
    I-Phaphama!—2005
  • “Sifundise Indlela Yokuthandaza”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Bheka! Incekukazi KaJehova!”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 6/8 k. 12-k. 13

Umbono WeBhayibheli

Ingabe AmaKristu Kumelwe Asebenzise IRosari?

“UMARIYA neRosari kuyizindlela ezingcono kakhulu zokusondela kuNkulunkulu uMninimandla onke ngomthandazo.”—UJean.

“Uma udinga noma yiluphi usizo kuMariya, lungatholakala ngokuphumelela kakhulu ngokusetshenziswa kweRosari. Angilokothi ngiye nomaphi ngaphandle kwalo!”—UKevin.

“Sasifundiswa ukuthi kumelwe uthandaze kuNkulunkulu ngoMariya.”—UJeannine, owayeyindela yomKatolika.

Ingabe sikhona isisekelo sangempela sokuncika ngokuqiniseka okunjalo kuyiRosari? Ingabe uNkulunkulu, uKristu, noma uMariya bayakutusa ukusetshenziswa kwalo? Umlando neZwi likaNkulunkulu Elingcwele kuthini ngalo?

Abantu abaningi abasebenzisa iRosari bakholelwa ukuthi lowomkhuba waqala ebuKristwini. Nokho, ubufakazi obungokomlando bembula ukuthi lomkhuba wokuhlabelela imithandazo nokuyibala eketangweni lobuhlalu kwaqala ngaphambi kokuqalisa kobuKristu. Ikhulumela imvelaphi yeRosari, iWorld Book Encyclopedia iyabika: “Ubuhlalu bokuthandaza badabuka endulo, futhi cishe basetshenziswa okokuqala amaBuddha. Kokubili amaBuddha namaSulumane ayabusebenzisa emithandazweni yawo.” ICatholic Encyclopedia iyavuma ukuthi ubuhlalu bokuthandaza babujwayelekile emhlabeni wonke kwabangemaKristu emakhulwini amaningi eminyaka futhi babusetshenziswa esikhathini eside ngaphambi kokuba iSonto lamaKatolika lizithathele iRosari.

UMariya NeRosari

UMariya ubizwa ngokuthi “INdlovukazi yeRosari Elingcwele.” Kuthiwa nguye owakhuthaza amaKatolika ukuba “Athandaze iRosari.” IRosari elivame kakhulu, “IRosari Yencasakazi Ebusisiwe UMariya,” linomkhondo ofinyelela ekhulwini le-12 leminyaka C.E. futhi lafinyelela isimo salo esiqinisekile ekhulwini le-15 leminyaka. IRosari noMariya kuyahambisana, njengoba ebhekwa njengomxhasi weRosari nanjengalowo onikezwa ukubaluleka okukhulu kakhulu emthandazweni.

Kungani uMariya neRosari kugcizelelwa kangaka? Lapho ziphendula izikhulu zamaKatolika zibhekisela kulokho ingelosi uGabriyeli eyakusho kuye: “Thokoza, O ndodakazi ethandwa kakhulu! INkosi inawe.” (Luka 1:28, The New American Bible) UMariya wayekuqonda ukuthi indima yakhe ekukhulelweni nasekuzaleni uJesu, nakuba ibalulekile, yayingelutho uma iqhathaniswa nesikhundla esiphakeme esasiyotholwa iNdodana ayezoyibeletha. Ngokuqondene naye, ingelosi uGabriyeli yaqhubeka ithi: “Siyoba sikhulu isithunzi sakhe futhi uyobizwa ngokuthi iNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyomnika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise. . . . Ukubusa kwakhe ngeke kube nakuphela.”—Luka 1:32, 33, NAB.

Phawula ukuthi ukunakekela kwakungamelwe kugxile kuMariya, kodwa eNdodaneni ayezoyikhulelwa—uJesu. Uyena owayezoba mkhulu futhi abuse njengeNkosi. (Filipi 2:9, 10) Akukhulunywa lutho ngokumisa uMariya “njengeNdlovukazi yeRosari Elingcwele.” Nokho, uMariya wasithola isibusiso; waba unina kaJesu.—Luka 1:42.

UMariya wayengeyena owesifazane onesifiso sokuvelela, efuna ukuphakama. Wayejabula futhi anelisekile ngokuba umkhulekeli ophansi kaNkulunkulu oPhezukonke. Isimo sakhe sokuthobeka sembulwa ukusabela kwakhe engelosini uGabriyeli lapho ethi: “Ngiyinceku yeNkosi.” (Luka 1:38, The Jerusalem Bible) Kukho konke ukuphila kwakhe, uMariya wazibonakalisa engowesifazane oqotho onokholo, ongumthandi wokulunga, ongumfundi kaJesu Kristu othembekile owahlanganyela nabanye abakhulekeli ekuthandazeni ngokuthobeka kuNkulunkulu uMninimandla onke. AmaKristu akuqala athandaza noMariya, hhayi kuye.—IzEnzo 1:13, 14.

Umthandazo NeRosari

AmaKristu abheka umthandazo njengelungiselelo loMdali eliyigugu kakhulu—isipho sangempela okumelwe saziswe kakhulu. Umthandazo uyinkulumo enokuhlonipha eya kuNkulunkulu uMninimandla onke. Kumelwe udlulisele imizwa yethu esekujuleni nemicabango esuka enhliziyweni. “Umthandazo kumelwe ube ukuzwakaliswa kobuhlobo bomuntu noNkulunkulu,” kusho iNew Catholic Encyclopedia. Ukunxusa uNkulunkulu akumelwe neze kube inqubo yokugcina icala, futhi akumelwe sibambelele ngokuqinile ohlelweni oluthile oluthandwayo lwamazwi ashiwo ngekhanda.—Mathewu 6:7, 8, qhathanisa neNW.

Ingabe iRosari linengxenye emithandazweni enjalo ezwakalayo? UJeannine waphawula ukuthi ukuhlabelela kokuthi “Dumisani OMariya” kuyiRosari “kwaba okuphindaphindwa ngokungezwakali.” Ukuphindaphinda amazwi afanayo kuyiRosari akuzange kumsondeze eduze noNkulunkulu. Omunye owayekade eyindela engumKatolika, uLydia, uthi: “Angitholanga lutho olufundisayo ekuhlabeleleni iRosari. Ngabe ngakhetha ukufunda izincwadi eziphathelene nenkolo.” Imithandazo ephindaphindwayo ayifezi njongo ewusizo, njengoba uNkulunkulu eye wathembisa: “Ngaphambi kokuba bamemeze, ngiyophendula.” (Isaya 65:24, NAB; Mathewu 6:7, 8, 32) UNkulunkulu uMninimandla onke uyakwazisa futhi uyakuphendula ukunxusa okushiwo ngesisusa esiqondile nokuvela enhliziyweni ethembekile neqotho. IRosari alimsizi umuntu ukuba aye kuNkulunkulu ngemithandazo ezwakalayo, esuka enhliziyweni.—IHubo 119:145; Heberu 10:22.

Indlela Yokuya KuNkulunkulu

Okuwukuphela kwendlela eyamukelekayo yokudlulela ‘kuMuzwi wemikhuleko’ ingoJesu Kristu. (IHubo 65:2) UJesu wafundisa ngokucacile: “NgiyiNdlela, neQiniso nokuPhila. Akekho ongeza kuBaba ngaphandle kokuba aye ngami.” (Johane 14:6, JB) UMariya akamenywanga ukuba abe nengxenye kulomthwalo wemfanelo futhi akhonze njengomxhumanisi. Ukuba uMariya wayenikezwe lelilungelo eliyingqayizivele, ngokuqinisekile uJehova wayeyokwenza lokho kwaziwe.—Heberu 4:14-16; 1 Johane 2:1, 2.

IRosari nokuhlatshelelwa kwemithandazo eshiwo ngekhanda kwadabuka ngaphandle kwamazwe azisholo ukuthi angawobuKristu. Ukuthandaza kuMariya kuwukwedelela lokho uJesu akufundisa, kokuthi “akekho ongeza kuBaba ngaphandle kokuba eze [ngaye].” Ngakho-ke, iRosari noMariya akuyona indlela kaNkulunkulu yokuya kuYe ngomthandazo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela