Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 11/8 k. 7-k. 10 isig. 4
  • Ikhambi Langempela Lokuvala Igebe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhambi Langempela Lokuvala Igebe
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usumisiwe Kakade Futhi Uyasebenza!
  • Ukubonakaliswa KobuKristu—Phakathi Neziyaluyalu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso Kwamanye Amazwe AseYurophu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ukukhulekela Kweqiniso Kuyanda EMpumalanga Yurophu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Ukukhula Othandweni Ndawonye
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 11/8 k. 7-k. 10 isig. 4

Ikhambi Langempela Lokuvala Igebe

AMAKHULU ezigidi zabantu emhlabeni wonke azama ukuqhubeka ephila usuku ngalunye naphezu kobubha. Kusobala ukuthi isintu sidinga uhulumeni onokulunga nongenayo inkohlakalo okufunayo ngempela ukuguqula lesi simo esingenabulungisa. Futhi uhulumeni onjalo kumelwe ube namandla anele okufeza izinhloso zawo ezinhle. Ingabe ngempela singalindela ukuba abantu bamise uhulumeni onjalo?

Umlando ufakazela ukuthi lesi sixwayiso seBhayibheli siyiqiniso: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.” (IHubo 146:3) Uke waqaphela yini ukuthi ukuthemba ohulumeni babantu noma abaholi kuvame ukuholela ekudumazekeni? Ubani-ke omunye esingamethemba?

Empeleni, izigidi zabantu ziye zathandazela uhulumeni onokulunga ozoshintsha isimo esingenabulungisa. Mhlawumbe nawe uye wawusho umthandazo oyisibonelo uJesu awufundisa, othi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini. Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku; futhi usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi. Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.”—Mathewu 6:9-13.

Ingabe siyawudinga lo Mbuso? Ingabe unokulunga futhi awunayo inkohlakalo? Ingabe unamandla anele okufeza izinhloso zawo ezinhle? Akubuzwa! UNkulunkulu omise lo hulumeni, ‘uBaba wethu osemazulwini,’ ‘unguNkulunkulu olungile noMsindisi,’ futhi ‘ulungile emisebenzini yakhe yonke.’ (Isaya 45:21; Daniyeli 9:14) Ngaye, kuthiwa: “Amehlo akho ahlanzeké kakhulu ukuba ubone okubi,” ngakho singaqiniseka ngokuthi uhulumeni wakhe awusoze waba nenkohlakalo. (Habakuki 1:13) Futhi njengoba ‘uNkulunkulu engakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga amukeleka kuye,’ siyazi ukuthi uyikhathalela ngokungakhethi inhlalakahle yomuntu ngamunye osemhlabeni.—IzEnzo 10:34, 35; Roma 2:11.

Usumisiwe Kakade Futhi Uyasebenza!

Nakuba uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini, uyophatha izindaba zasemhlabeni ngokuqondile ukuze kufezwe izinjongo zikaNkulunkulu. Lokhu kuhlanganisa nokususa uhulumeni wabantu ongaphelele bese kumiswa uhulumeni kaNkulunkulu ophelele esikhundleni sawo. KuDaniyeli 2:44 kunalesi sithembiso: “Ezinsukwini zalawo makhosi [ohulumeni] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”

Ngaphansi kokuqondisa kwalo Mbuso, ekugcineni intando kaNkulunkulu iyokwenzeka kokubili ezulwini nasemhlabeni. Yeka indlela okukhuthaza ngayo ukwazi ukuthi lo hulumeni uyoqeda yonke iminonjana yokungalingani okuye kwabangela izimo ezeqisayo zokuceba nobumpofu emlandweni! Ngeke kusaphinde kube nabantu abambalwa abacebile kanye nezigidigidi ezimpofu.

Yeka ukuthi kujabulisa kangakanani ukwazi ukuthi uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini ususithathile kakade isinyathelo sokuzixazulula unomphela lezi zinkinga! Uhlelo lwezikhathi zeBhayibheli kanye nezenzakalo zezwe kubonisa ngokucacile ukuthi ngonyaka ka-1914 kwamiswa uhulumeni kaNkulunkulu ezulwini.a Ngakho, sekuyiminyaka ecishe ibe ikhulu umatasa ubeka isisekelo sezwe elisha lokulunga.

Labo abaqaphelayo ukuthi uMbuso usumisiwe futhi abalandela iziqondiso zawo ngokuzithoba abanalo ubandlululo. OFakazi BakaJehova benza umsebenzi wabo wokushumayela cishe kuwo wonke amazwe. Izakhamuzi zala mazwe, kungakhathaliseki ukuthi zicebile noma zimpofu, zinikwa ithuba lokufunda indlela yokuzuza ukuphila okuphakade. (Johane 17:3) OFakazi abakuvumeli ukuba ukungafani ngengcebo kunqume izikhundla eziphathiswa abantu emabandleni abo. Ababahluleli abantu ngokwalokho abanakho. Kunalokho, bahlonishwa ngenxa yalokho abayikho. Kugcizelelwa kakhulu izindinganiso ezingokomoya esikhundleni sezinto ezibonakalayo.

Ungathanda yini ukwazi ukuthi ungaphila kanjani ngaphansi kwalo hulumeni wokulunga? Khona-ke, qala ukuphenya namuhla. Funda ukuthi ungayilindela kanjani injabulo yokuphila lapho izwe selingasahlukanisiwe yingcebo.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka amakhasi 95-107 encwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 8, 9]

Becebile Noma Bempofu, Bonke Bangabazalwane

◼ Ekupheleni kweMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova abaningi eYurophu nasemazweni aseMpumalanga babeswele ukudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. OFakazi bakwamanye amazwe bathumela indathane yezingubo zokugqoka nokudla kubafowabo abangokomoya eYurophu, ePhilippines naseJapane. OFakazi base-United States naseCanada banikela ukuze kuthunyelwe impahla yokusiza emazweni ase-Austria, Belgium, Czechoslovakia (manje eyiCzech Republic neSlovakia), Finland, France, Greece, Holland, Hungary, Italy, Jalimane, Ngilandi, Poland naseRomania.

[Izithombe]

E-United States

ESwitzerland

EJalimane

◼ Muva nje, ehlobo lika-1994, iqembu laseYurophu loFakazi abangamavolontiya laphuthuma ukuyosiza abafowabo nodade e-Afrika. Kwamiswa amakamu ahlelwe kahle nezibhedlela kulawo makamu ukuze kusizwe ababaleki baseRwanda. Kwathunyelwa indathane yezingubo zokugqoka, zokulala, ukudla nezincwadi zeBhayibheli ukuze kusizwe ababaleki abangaphezu kuka-7 000—okwakuyinani eliliphinda cishe kathathu inani loFakazi BakaJehova baseRwanda ngaleso sikhathi.

◼ Ngemva kweminyaka emibili, ngo-1996, kwagqashuka impi empumalanga yezwe laseDemocratic Republic of Congo. Kwacekelwa phansi amasimu, kwebiwa ukudla ezitolo futhi kwavalwa nemizila yokuthutha izinto. Abantu abaningi babethola ukudla kanye nje ngosuku, okwabangela ukungondleki nezifo. OFakazi BakaJehova baseYurophu basukumela phezulu. Iqembu losizo loFakazi, elalihlanganisa nodokotela, lafika ngendiza liphethe imithi nemali. Ngo-June 1997, oFakazi baseBelgium, eFrance naseSwitzerland base benikele ngamakhilogremu angu-500 emithi, amathani ayishumi emiqathane enothe ngamaprotheni, amathani angu-20 okunye ukudla, angu-90 ezingubo zokugqoka, amapheya angu-18 500 ezicathulo kanye nezingubo zokulala eziyinkulungwane—impahla eyadla cishe imali engamaRandi ayizigidi ezingu-6,7.

◼ Ngaphandle nje kokwanelisa izidingo ezingokwenyama, oFakazi BakaJehova bakuthakazelela ngisho nakakhulu ukusiza abantu ngokomoya. Lokhu kubenza babe nesifiso sokwakha amaHholo OMbuso azosetshenziswa njengezikhungo zokuqeqeshwa okungokomoya. Ngo-1997 kwabikwa: “Ngosizo lwabafowethu bakwamanye amazwe, [i-Watch Tower] Society iye yakwazi ukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso amasha angu-413 futhi yalungisa amanye angu-727 enkathini nje eyizinyanga ezine emazweni angu-75 ahlukahlukene.” Ngo-2003, kwabikwa: “Phakathi kwamanye amazwe aseYurophu azuzayo elungiselelweni lokwakhiwa kwamaHholo OMbuso emazweni alinganiselwe ngokwezimali kubalwa neRomania, lapho kuye kwakhiwa khona amaHholo OMbuso angu-124 kusukela ngo-July 2000. Njengoba kusetshenziswa umklamo othi awufane kuwo wonke amaHholo OMbuso, kwakhiwa amahholo angu-61 e-Ukraine ngo-2001, kwakhiwa namanye angu-76 ngo-2002. Ngosizo lwemali enikelelwe iSikhwama SamaHholo OMbuso, kuye kwakhiwa amakhulukhulu amaHholo OMbuso eBulgaria, eCroatia, eMacedonia, eMoldova, eRussia kanye naseSerbia neMontenegro.”

[Izithombe]

ECroatia

EBulgaria

ERomania

[Isithombe ekhasini 7]

Ivolontiya linakekela izintandane ezimbili ezingababaleki

[Umthombo]

© Liba Taylor/Panos Pictures

[Isithombe ekhasini 10]

OFakazi BakaJehova basakaza isigijimi sethemba

[Isithombe ekhasini 10]

UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ubumpofu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela