Ukubonakaliswa KobuKristu—Phakathi Neziyaluyalu
LENKINGA yaqala kungazelelwe ngolunye usuku ngo-April 1994. Kwaphahlazeka indiza yabulala umongameli waseBurundi nowaseRwanda. Ngemva kwamahora ambalwa elaseRwanda lase likhungethwe udlame olukhulu ngokwesabekayo. Esikhathini esingaphezudlwana kwezinyanga ezintathu kwafa abantu baseRwanda abangaphezu kuka-500 000—abesilisa, abesifazane nezingane. Abanye abantu babhekisela kuleso sikhathi ngokuthi “ukuqothulwa kohlanga.”
Ingxenye yezakhamuzi zaseRwanda eziyizigidi ezingu-7,5 kwadingeka ibaleke. Lokhu kwakuhlanganisa nezigidi ezingu-2,4 ezabhaca emazweni angomakhelwane. Kwaba ukufuduka kwababaleki okukhulu nokushesha kunakho konke emlandweni wanamuhla. Ngokushesha kwamiswa amakamu ababaleki eZaire (manje okuyiDemocratic Republic of Congo), eTanzania naseBurundi. Amanye alamakamu—amakhulu kunawo wonke emhlabeni—ayekhoselise abantu abangu-200 000.
Phakathi kwababaleki kwakunoFakazi BakaJehova abaningi, abantu abathanda ukuthula abasebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Kunoma iliphi izwe abahlala kulo, balondoloza ukuma kokungathathi hlangothi futhi basebenzise isimiso esitholakala kulamazwi ka-Isaya 2:4: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” OFakazi BakaJehova baqashelwa emhlabeni wonke njengeqembu lenkolo elingazange lihlanganyele ekuqothulweni kohlanga eRwanda.
UJesu Kristu wathi abalandeli bakhe ‘abayona ingxenye yezwe.’ Nokho, ngenxa yokuthi “basezweni,” abanakukwazi ngaso sonke isikhathi ukubalekela iziyaluyalu zezizwe. (Johane 17:11, 14) Phakathi nokuqothulwa kohlanga kwaseRwanda, kwafa oFakazi abangaba ngu-400. OFakazi abangaba ngu-2 000 nabantu abanesithakazelo esigijimini soMbuso baba ababaleki.
Ingabe ukungabi ingxenye yezwe kusho ukuthi oFakazi BakaJehova abenzi lutho lapho kugadla inhlekelele? Akunjalo. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Uma umfowethu noma udade ehamba-ze futhi entula ukudla okwanele lolosuku, nokho othile kini athi kuye: ‘Hamba ngokuthula, ufudumale futhi usuthe,’ kodwa ningamniki izidingo zomzimba wakhe, kunanzuzoni? Kanjalo, futhi, nokholo uma lungenayo imisebenzi, lufile.” (Jakobe 2:15-17) Futhi uthando ngomakhelwane lushukumisela oFakazi ukuba basize labo abangenalo ukholo olufana nolwabo.—Mathewu 22:37-40.
Nakuba oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke babefisa ukusiza abakholwa nabo ababebhekene nesimo esiyinhlekelele eRwanda, ukuhlelwa komzamo wosizo kwabelwa iNtshonalanga Yurophu. Ehlobo lika-1994, iqembu lezisebenzi zokuzithandela loFakazi abavela eYurophu laphuthuma liyosiza abafowabo nawodadewabo abangamaKristu e-Afrika. Kwamiswa amakamu nezibhedlela zesikhashana okuhlelwe kahle ukuze kusizwe ababaleki baseRwanda. Bathunyelelwa inani elikhulu lezingubo zokugqoka nezokulala, ukudla nezincwadi zeBhayibheli ngendiza noma ngezinye izindlela. Abantu abangaphezu kuka-7 000 ababesenkathazweni—inani elalicishe liliphinde kathathu eloFakazi BakaJehova eRwanda ngaleso sikhathi—bazuza kulowo mzamo wokunikeza usizo. Ngo-December walowo nyaka, izinkulungwane zababaleki, kuhlanganise nabaningi abangoFakazi BakaJehova, zabuyela eRwanda ukuze ziqale kabusha ukuphila kwazo.
Impi ECongo
Ngo-1996, kwaqubuka impi esifundeni esingasempumalanga yeDemocratic Republic of Congo. Lendawo isemngceleni waseRwanda neBurundi. Kwaphinde kwaba nokudlwengulwa nokubulawa kwabantu. Abantu babaleka phakathi nezinhlamvu ezitshuzayo namadolobha ashayo, ukuze basindise ukuphila kwabo. OFakazi BakaJehova bavimbeleka kuleso siyaluyalu, futhi kwafa abangaba ngu-50. Abanye babulawa izinhlamvu ezaziphaphalaza. Abanye babulawa ngenxa yokuthi babengabohlanga oluthile noma kucatshangwa ukuthi bayizitha. Elinye idolobhana elalinoFakazi abangu-150 ababehlala kulo lashatshalaliswa ngomlilo. Kwamanye amadolobhana kwashiswa izindlu eziningi namaHholo OMbuso athile. Belahlekelwe amakhaya nempahla, oFakazi babalekela kwezinye izindawo futhi basizwa abakhulekeli abakanye nabo bakulezo zindawo.
Impi ibangela indlala, njengoba konakaliswa izilimo, kuphangwa ukudla okugciniwe, futhi kuvinjwa izindlela zokungeniswa kwempahla nokudla. Ukudla okutholakalayo kuyabiza. EKisangani, ekuqaleni kuka-May 1997, ikhilogremu elilodwa lamazambane lalibiza u-R13, okuyimali abantu abaningi ababengenakuyifinyelela. Iningi lalikwazi ukudla kanye nje ngosuku. Yiqiniso, ukuswelakala kokudla kulandelwa izifo. Ukungondleki kahle kuwohloza amandla omzimba okulwa nomalaleveva, isifo sohudo nezinkinga zesisu. Izingane yizo ezihlupheka kakhulu futhi zife.
Ukuhlola Isidingo
OFakazi BakaJehova eYurophu baphinde basabela ngokushesha kuleso sidingo. Ngo-April 1997 iqembu losizo loFakazi elalihlanganisa nodokotela ababili lafika ngendiza nemithi kanye nemali. EGoma oFakazi bendawo base behlele amakomiti osizo ayehlola isimo ukuze kunikezwe usizo oluphuthumayo. Lelo qembu lahlola idolobha nezindawo ezizungezile. Kwathunyelwa abathile ukuba bayofuna imibiko ezindaweni eziqhele kakhulu. Kwatholakala nokwazisa okwakuvela eKisangani, esebangeni elingamakhilomitha ayinkulungwane entshonalanga yeGoma. Abazalwane bendawo basiza ekuhleleni imizamo yosizo eGoma, lapho kuhlala khona oFakazi abangaba ngu-700.
Omunye wabadala abangamaKristu eGoma wathi: “Sathinteka ngokujulile ukubona abafowethu ababevela kude kangaka bezosisiza. Ngaphambi kokuba bafike, sasisizana. Abazalwane kwadingeka babaleke emaphandleni beze eGoma. Abanye balahlekelwa amakhaya abo, futhi bashiya namasimu abo. Sahlala nabo emizini yethu futhi sahlanganyela nabo izingubo zethu zokugqoka nokudla okuncane esasinakho. Kwakungekuningi esasingakwenza endaweni yethu. Abanye bethu babengondlekile kahle.
“Nokho, abafowethu baseYurophu baletha imali eyenza sakwazi ukuthenga ukudla, okwakuyivela kancane futhi kubiza kakhulu. Ukudla kwafika ngaso kanye isikhathi okwakudingeka ngaso, ngoba abaningi base bengasenakho ukudla emakhaya abo. Lokhu kudla sakwabela oFakazi nabantu abangebona oFakazi. Ukube usizo lwalungafikanga ngesikhathi olwafika ngaso, kwakuyofa abaningi ngokwengeziwe, ikakhulukazi izingane. UJehova wabasindisa abantu bakhe. Abantu abangebona oFakazi bahlabeka umxhwele kakhulu. Abaningi bakhuluma ngobunye nothando lwethu. Abanye bavuma ukuthi inkolo yethu ingeyeqiniso.”
Nakuba ukudla kwakuthengwa kuleyo ndawo futhi abantu belashwa, kwakudingeka okwengeziwe. Kwakudingeka izingubo zokugqoka nezokulala kanye nokudla nemithi eyengeziwe. Kwakudingeka nosizo lokwakha kabusha izindlu ezazicekelwe phansi.
Abantu Bapha Ngokungagodli
Abafowethu baseYurophu babezimisele futhi ukusiza. Ihhovisi loFakazi BakaJehova eLouviers, eFrance, lakhipha isimemezelo esasiya emabandleni aseRhône Valley, eNormandy kanye nasengxenyeni yeParis. Lapha kwasebenza esinye isimiso esingokomBhalo: “Lowo ohlwanyela kancane uyovuna kancane futhi; nalowo ohlwanyela kakhulu uyovuna kakhulu futhi. Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:6, 7.
Izinkulungwane zalisebenzisa ngenjabulo lelo thuba lokupha. Kwatheleka amabhokisi nezikhwama zezingubo zokugqoka, izicathulo nezinye izinto eHholo LoMbuso kwabe sekuthunyelwa ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eFrance. Lapho, izisebenzi zokuzithandela ezingu-400 zase zikulungele ukuba nengxenye esinyathelweni esilandelayo somsebenzi okwakuthiwa i-“Help Zaire.” Njengoba izinto ezinikelwe zazitheleka, izisebenzi zokuzithandela zazihlela, zisonga futhi zipakisha izingubo zokugqoka emabhokisini ayepakishwe aba ngu-30 epulangweni ngalinye. Izingane zacabanga ngabafowabo nawodadewabo abancane e-Afrika futhi zabathumelela izinto zokudlala—izimoto zokudlala ezicwebezelayo, ama-top nodoli. Lokhu kwapakishwa kanye nezinto ezidingekayo zokuphila. Sekukonke, kwagcwaliswa amabhokisi angu-9 amakhulu angamamitha angu-12 ubude futhi athunyelwa eCongo.
Lungakanani usizo olwathunyelwa eNkabeni ye-Afrika ngosizo lwezinkulungwane zoFakazi baseBelgium, eFrance naseSwitzerland? Ngo-June 1997 kwase kuthunyelwe ingqikithi yamakhilogremu angu-500 emithi, amathani angu-10 amakhekhe agcwele amaprotheni, amathani angu-20 okunye ukudla, amathani angu-90 ezingubo zokugqoka, amapheya angu-18 500 ezicathulo kanye nezingubo zokulala ezingu-1 000. Kwathunyelwa nezincwadi zeBhayibheli. Konke lokhu kwakwaziswa kakhulu, kwaduduza futhi kwasiza ababaleki ukuba bakhuthazelele ukuvivinywa kwabo. Izinto zosizo sezizonke zabiza cishe u-R4 400 000. Ukunikela okunjalo kwakuwubufakazi bobuzalwane nothando phakathi kwalabo abakhonza uJehova.
Ukwaba Izinto Zosizo ECongo
Lapho izinto ziqala ukufika eCongo, kwafika abafowethu ababili nodadewethu oyedwa bevela eFrance bezosebenza namakomiti osizo endawo. Ngokuphathelene nokubonga okwazwakaliswa oFakazi baseCongo, uJoseline wathi: “Sathola izincwadi eziningi zokwazisa. Omunye udadewethu ompofu wangipha umhlobiso wethusi. Abanye basipha izithombe zabo. Lapho sesihamba, odadewethu banganga, bangisingatha futhi bakhala. Nami ngakhala. Abaningi babesho amazwi anjengokuthi, ‘UJehova muhle. UJehova uyasicabangela.’ Ngakho babeqaphela ukuthi okwakufanele abongwe ngalokhu kupha kwakunguNkulunkulu. Lapho saba ukudla, abafowethu nodadewethu babedumisa uJehova ngezingoma zoMbuso. Kwakuthinta inhliziyo kakhulu.”
Udokotela okuthiwa uLoic wayeyilungu leqembu. Abaningi bagcwala eHholo LoMbuso futhi balinda ngesineke ukuba kufike isikhathi sabo sokuba basizwe. Efisa ukwenza okuthile naye, omunye udadewethu waseCongo wenza amagwinya angu-40 futhi wanikela ngawo ukuze kudle labo ababelindele ukubonana nodokotela. Njengoba kwakunabantu abangaba ngu-80 ababelindile, ngamunye wathola ingxenye yegwinya.
Ukusiza Abangebona OFakazi
Lolu sizo lwenhlalakahle lwalunganikwa oFakazi BakaJehova kuphela. Abanye nabo bazuza, njengoba kwaba njalo ngo-1994. Lokhu kuvumelana neyabaseGalathiya 6:10, ethi: “Khona-ke ngempela, uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.”
OFakazi bathumela imithi nezingubo zokugqoka ezikoleni eziningana zabaqalayo nasekhaya lezintandane eliseduze naseGoma. Lelo khaya lezintandane linezingane ezingu-85. Ohambweni lokuqala lokuhlola isimo, iqembu losizo lavakashela lelo khaya lezintandane futhi lathembisa ukuletha amabhokisi angu-50 amakhekhe agcwele amaprotheni, amabhokisi ezingubo zokugqoka, izingubo zokulala ezingu-100, nemithi kanye nezinto zokudlala. Izingane zaklela egcekeni futhi zahlabelelela izivakashi. Ngemva kwalokho zenza isicelo esikhethekile—zingalithola yini ibhola ukuze zidlale umdlalo kanobhutshuzwayo?
Ngemva kwamasonto ambalwa iqembu losizo lasigcwalisa isithembiso salo sokuletha izinto zosizo. Ehlatshwe umxhwele umoya wokupha nayilokho ayekufunde ezincwadini zeBhayibheli ayeziphiwe, umqondisi waleli khaya lezintandane wathi wayesendleleni yokuba omunye woFakazi BakaJehova. Futhi ingabe izingane zalinikwa ibhola likanobhutshuzwayo? “Cha,” kuphendula uClaude, umqondisi weqembu losizo laseFrance. “Sazinika amabhola amabili.”
Amakamu Ababaleki
Usizo aluzange lunikwe abaseCongo kuphela. Izinkulungwane zababaleki zazibalekile endaweni okulwiwa kuyo zaya ezweni elingumakhelwane lapho kwamiswa khona ngokushesha amakamu ababaleki amathathu. OFakazi baya nalapho ukuze babone ukuthi yini eyayingenziwa. Lapho kulungiselelwa lombiko, amakamu ayekhoselise ababaleki abangu-211 000, iningi labo livela eCongo. Abangaba ngu-800 kwakungoFakazi nezingane zabo nabantu abanesithakazelo ezindabeni ezinhle zoMbuso. Inkinga ephuthumayo yasemakamu kwakuwukuntuleka kokudla. Kwelinye ikamu kwakunokudla okulingene izinsuku ezintathu kuphela, futhi kwakuhlanganisa nobhontshisi osekuyiminyaka emithathu ukhona.
Noma kunjalo, oFakazi babenomoya omuhle. Nakuba babenezincwadi ezincane zeBhayibheli, babeyiqhuba njalo imihlangano endaweni evulekile ukuze bazakhe ngokomoya. Futhi babematasa beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwabanye abasemakamu.—Mathewu 24:14; Heberu 10:24, 25.
Iqembu lokuhlola loFakazi lalihlanganisa nodokotela. Nakuba iziphathimandla zazilivumele ukuba lichithe izinsuku ezimbalwa kuphela ekamu ngalinye, lakwazi ukuhlola abagulayo. Lashiya imithi nemali kubadala abangamaKristu. Ngaleyo ndlela, abafowethu bakwazi ukuqhubeka bephila. Lalethemba ukuthi oFakazi ababesemakamu babengase basheshe babuyele emakhaya abo.
Kuthiwani ngekusasa? UJesu Kristu wabikezela ukuthi izinsuku zethu zaziyoba ezesiyaluyalu, isikhathi esiphawulwa izimpi nokuswelakala kokudla. (Mathewu 24:7) OFakazi BakaJehova bayazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoqeda ukuhlupheka okusemhlabeni namuhla. Ngaphansi kokubusa kwawo, ikhaya lethu eliwumhlaba liyoba ipharadesi lokuthula, inala nenjabulo ehlala njalo esintwini esilalelayo. (IHubo 72:1, 3, 16) Okwamanje, oFakazi bazomemezela izindaba ezinhle zalowo Mbuso wasezulwini futhi bazoqhubeka besiza abakhulekeli abakanye nabo nabanye ngezikhathi zokuswela.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Kusukela ngo-1994, oFakazi BakaJehova eYurophu kuphela baye bathumela amathani angaphezu kuka-190 okudla, izingubo zokugqoka, imithi nezinye izinto zosizo esifundeni saseGreat Lakes e-Afrika
[Ibhokisi ekhasini 6]
Ukubonakaliswa Kothando Lobuzalwane
Phakathi kwalabo abahlanganyela ngentshiseko emsebenzini okuthiwa i-“Help Zaire” eFrance kwakunoRuth Danner. Esemncane, wagqunywa emakamu okuhlushwa amaNazi ngenxa yokholo lwakhe lobuKristu. Wathi: “Sakujabulela kakhulu ukwenzela abafowethu nodadewethu base-Afrika okuthile! Kodwa kukhona okwangenza ngajabula ngokuphindiwe. Ngo-1945, lapho sibuya sivela eJalimane, sasingenalutho. Ngisho nezingubo esasizigqokile zazibolekiwe. Nokho, ngokushesha sathola usizo lwezinto ezibonakalayo kubafowethu abangokomoya baseMelika. Ngakho lomzamo wosizo unginike ithuba lokubonisa umusa nami engawuboniswa kudala. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuba ingxenye yomkhaya omkhulu kangaka wabafowethu ababonakalisa uthando lobuKristu!”—Johane 13:34, 35.
[Isithombe ekhasini 7]
Ngokushesha—umhlaba oyipharadesi onenala yabo bonke