“Siyohlangana Emthonjeni”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMOLDOVA
UMAKOTI wethukile njengoba ebuka amanzi ekhiwa emthonjeni futhi echithwa emgwaqweni. Uyahleka njengoba umkhwenyana emqukula enqamula naye umgwaqo othelwe ngamanzi. Abangane namalungu omkhaya abahlangene ndawonye bazobona laba abasanda kushada futhi bayabahalalisela lapho benza umkhuba oyisiko elidala. Leli siko elingavamile libonisa ngokucacile ukuthi eMoldova, umthombo wendawo awuyona nje indawo yokukha amanzi kuphela.
IMoldova eseningizimu-mpumalanga yeYurophu, iphahlwe yi-Ukraine ngasenyakatho, empumalanga naseningizimu, kanye neRomania ngasentshonalanga. Ubukhulu bayo bungamakhilomitha-skwele angaba ngu-34 000.
Yize kunemifula ecishe ibe ngu-3 100 eMoldova, isomiso ngokuvamile senza ukuba le mifula ingakwazi ukuba namanzi alingene izidingo zabantu abangu-4 300 000. Ukuze kwenezelwe kula manzi atholakala emifuleni nasemachibini, amaphesenti angaphezu kuka-20 amanzi esizwe atholakala emithonjeni. Kulinganiselwa ukuthi kunemithombo ebalelwa phakathi kuka-100 000 no-200 000 etholakala ohlangothini lweMoldova esigodini sasePrut!
Imithombo engasemigwaqweni emincane nemikhulu yaseMoldova, efulelwe futhi yahlotshiswa kahle iyizindawo ezikahle zokuqeda ukoma kulabo abasuke besendleleni futhi bekhathele. Emadolobhaneni amaningi kuleli zwe, umthombo wendawo uyindawo yokuhlangana nabangane nixoxe ngezenzakalo zosuku.
Isiko Lokuhlonipha Amanzi
EMoldova kuboniswa ngezindlela ezihlukahlukene ukuhlonishwa kwamanzi asemthonjeni. Ngokwesibonelo, izindlu zangasese zakhiwa kude nomthombo wamanzi womndeni, futhi ukuze amanzi omthombo agcinwe ehlanzekile, kuyenqatshelwa ukubuyisela amanzi asele emthonjeni. Uma kukhiwe amanzi amaningi kunadingekayo, lawo manzi asele kufanele achithwe noma athelwe esitsheni esiseduze nomthombo. Ngaphezu kwalokho, kubhekwa njengokungahloniphi ukukhafulela eduze komthombo. Phela isiko linqabela ngisho nokuhilizisana eduze nomthombo!
Imithombo igqugquzela ukubambisana emphakathini wabantu baseMoldova. Ukumbiwa komthombo omusha kuyisenzakalo somphakathi futhi kubhekwa njengokubaluleke ngendlela efanayo nokwakhiwa kwendlu entsha. Lokhu kubonakala ngisho nangesisho sendawo esithi, Umuntu ohlulwe ukwakha umuzi, ukukhulisa indodana, ukumba umthombo futhi atshale nesihlahla udlale ngokuphila kwakhe. Lapho umthombo usuqediwe, wonke amalungu omphakathi abe neqhaza ekumbiweni kwawo amenyelwa edilini elikhulu.
Ukukhathazeka Ngemvelo
Imithombo eminingi eMoldova ithola amanzi ayo ngaphansi komhlaba ekujuleni okungamamitha amahlanu kuya kwangu-12. Amanye amanzi atholakala ekujuleni okungamamitha aphakathi kwangu-150 nangu-250. Naphezu kwemizamo yokuvikela ukungcoliswa kwamanzi, amanzi amaningi aseMoldova avela emhlabathini aye angcoliswa udoti olahlwa yizimboni kanye nokusetshenziswa kabi kwamakhemikhali ezolimo. Incwadi yango-1996 yeZizwe Ezihlangene i-Republic of Moldova Human Development Report yabika ukuthi umanyolo onama-nitrate kanye namagciwane abangela izifo kuye kwangcolisa “amaphesenti angaba ngu-60 emithombo yaseMoldova.” Nokho, kule minyaka yamuva amanzi emithombo asehlanzeke kangcono kunangaphambili, ngenxa yokwehla kwezinga lemikhiqizo yezimboni namakhemikhali kanye noketshezi olunobuthi olufinyelela emanzini angaphansi komhlaba.
Uma uvakashela eMoldova, akudingeki ukuba uchithe amanzi emgwaqweni ukuze uxoxe nabantu. Njengoba uqeda ukoma ngengilazi yamanzi abandayo ungezwa nezenzakalo zosuku. Okudingayo nje ukuba umuntu waseMoldova onomoya wokungenisa izihambi akucele ukuba nihlangane emthonjeni.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 30, 31]
UBUCIKO BEZIZUKULWANE
U-Oleg wenza izinto ezakhiwe ngothayela, futhi ubelokhu akha izinto eziyimihlobiso zokwemboza imithombo kusukela aqeda esikoleni. “Ngicabanga ukuthi ukusebenza ngothayela kusegazini kithi,” kusho u-Oleg. “Ekuqaleni kwekhulu elidlule leminyaka, umkhulu wafunda ukwakha izinto ngothayela kumJuda owayehlala emphakathini omkhulu wamaJuda ngaphandle nje kwedolobhana lakubo iLipcani. Ngemva kokubulawa kwamaJuda ngempi yezwe yesibili, abantu abambalwa abasala ababekwazi ukusebenza ngothayela babengewona amaJuda. Ubaba wakufunda ngaleso sikhathi ukusebenza ngothayela wabe eselidlulisela kimi leli khono.”
U-Oleg usebenzisa amathuluzi ajwayelekile kanye nambalwa anemifekethiso ukuze enze imihlobiso yezembozo zemithombo; izandla zakhe ziqondiswa yisiko nemicabango yezinto ezintsha emfikelayo. Ubuciko bakhe baziswa kakhulu abantu bendawo. U-Oleg uthi: “Amakhasimende ami ayazikhulumela ukuze athole amanani aphansi kubantu abasebenza ngothayela, kodwa uma ngiwenzela isembozo somthombo, ngokuvamile ayakujabulela ukungikhokhela inani engilishoyo.”
[Amabalazwe ekhasini 30, 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UKRAINE
MOLDOVA
ROMANIA
ULwandle Olumnyama