Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
IMoldova
Kwaze kwaphela iminyaka engaphezu kuka-60 oFakazi BakaJehova eMoldova behlupheka ngaphansi kwamakhosi ohlanga aseRomania, umbuso wamaFascist nowamaKhomanisi. Ngaphansi kwamakhosi ohlanga nombuso wamaFascist, babehlushwa nayiSonto Lobu-Orthodox. Noma kunjalo, emhlabeni jikelele, iMoldova iphakathi kwamazwe anenani elincane kakhulu okufanele oFakazi balishumayeze! Funda uzwe ukuthi uJehova ubanikeza kanjani amandla bonke labo abamesabayo nokuthi ubenza kanjani banqobe njengoba bengavumi ukwehlulwa ukwesaba abantu.
AmaCongo Amabili
Ucabangani uma uzwa igama elithi “Congo”? Abaningi bacabanga ihlathi elishisa bhe, elicinene kuze kube sengathi imisebe yelanga ayingeni phakathi kulo. Njengoba uzwa izinkawu nezinyoni ziklabalasa, nanku nomsindo wezigubhu zidlulisa imiyalezo evela ezigodini ezikude. Mhlawumbe ucabanga ngomfula omkhulukazi nodungekile, ogwinciza udabule phakathi e-Afrika kuhle kwenyoka enkulu. Kunjalo-ke eCongo, kodwa akugcini lapho. Mabili amazwe abizwa ngegama lomfula owehlukanisayo. Ukholo lwakho luzoqina lapho ufunda indlela amadoda nabesifazane abanesibindi abasakaza ngayo iqiniso leBhayibheli kulo lonke leli zwe elinezinto ezithakazelisayo.