Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 12/8 k. 28-k. 31 isig. 5
  • Isayensi NeBhayibheli Kwangisiza Ukuba Ngithole Injongo Yokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isayensi NeBhayibheli Kwangisiza Ukuba Ngithole Injongo Yokuphila
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphishekela Imfundo Ephakeme
  • Ukufuna Izimpendulo Kungiyisa ENdiya
  • Ngathola Izimpendulo EBhayibhelini
  • Ukuthola Okungale Kwezimpendulo Engangizifuna
  • Isayensi NeBhayibheli
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Umkhathi Nokuphila Kwavela Kanjani?
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuthola Ukuzwana Kwezinhlanga ENingizimu Afrika Enesiyaluyalu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 12/8 k. 28-k. 31 isig. 5

Isayensi NeBhayibheli Kwangisiza Ukuba Ngithole Injongo Yokuphila

NJENGOBA ILANDISWA NGUBERND OELSCHLÄGEL

Kwaphela iminyaka engu-20 ngifuna injongo yokuphila. Zimbili izinto ezangisiza ukuba ngiyithole: isayensi neBhayibheli. Ukufunda kwami ngesayensi kwangenza ngaqiniseka ukuthi kumelwe ukuba kunenjongo ekuphileni. Kodwa yiBhayibheli elangembulela leyo njongo langisiza nokuba ngiyiqonde.

KUNGENZEKA ukuthi uke wabezwa abantu bethi isayensi iyaphikisana neBhayibheli. Mina ngiye ngakufunda kokubiIi, kodwa angivumelani nalokho abakushoyo. Mhlawumbe ungathanda ukwazi isizathu salokho.

Ngazalwa ngo-1962 eStuttgart, idolobha eliseningizimu yeJalimane. Ubaba wayesebenza njengomklami wemishini, futhi yena nomama babeyishisekela kakhulu imisebenzi yesonto. UKarin, udadewethu, wazalwa eminyakeni emine ngaphambi kwami. Lapho ngiseyingane, ingqopha-mlando ekuphileni kwami kwaba yilapho ubaba engipha amathuluzi okucwaninga ngesayensi. Ngangikujabulela kakhulu ukucwaninga ngezinto ezithile eziyisisekelo eziphathelene nokuxutshwa kwamakhemikhali ne-physics. Yebo, ngangikujabulela kakhulu ukufunda.

Kamuva ngayeka ukusebenzisa izinto zokucwaninga ngesayensi ngabe sengisebenzisa i-computer. Ngisho nalapho ngisemncane, ngangibona ukuthi i-computer engcono kunawo wonke ubuchopho. Kodwa ngangizibuza: ‘Buvelaphi ubuchopho? Ubani owabufaka kithi? Futhi iyini injongo yokuphila?’

Ukuphishekela Imfundo Ephakeme

Ngaphothula esikoleni ngineminyaka engu-16 ngabe sengiqala ukufundela umsebenzi njengomsizi endaweni yokugeza izithombe. Njengoba ukufunda kwakuyiyona nto engangiyijabulela kakhulu, umgomo wami kwakuwukufunda nge-physics eyunivesithi. Kodwa kwakusekude ukuba ngiqale ukufunda khona. Kwangithatha iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba ngifanelekele ukungena eyunivesithi. Ngaqala ukufunda eyunivesithi eStuttgart ngo-1983, ngabe sengiqhubeka nezifundo zami eMunich. Ekugcineni, ngathola iziqu zobudokotela kuyi-physics e-University of Augsburg ngo-1993.

Kwakungelula neze lapho ngisaqala ukufunda eyunivesithi. Ihholo esasifundela kulo lalivame ukugcwala abafundi abangaba ngu-250, iningi labo elazishiya phansi izifundo kungakapheli ngisho nezinyanga ezimbalwa. Ngangizimisele ukuba ngingayeki kodwa ngiqhubeke nesengikuqalile. Ukuhlala emahostela abafundi kwangenza ngajwayelana nabaningi ababebonakala begxile kakhulu ekuzijabuliseni. Ukujwayelana nabantu abanjalo kwakungekuhle ngaso sonke isikhathi. Futhi ngenxa yalokho, ngaqala ukuya emaphathini nokusebenzisa izidakamizwa.

Ukufuna Izimpendulo Kungiyisa ENdiya

Ukufunda i-physics kwangenza ngayiqonda ngokujulile imithetho yemvelo yendawo yonke. Nganginethemba lokuthi ekugcineni isayensi iyongembulela ukuthi iyini ngempela injongo yokuphila. Kodwa kwakungale kwayo ukuba ingembulele. Ngo-1991, ngaya eNdiya neqembu elithile siyofunda ngobuciko baseMpumalanga bokuzindla. Yeka ukuthi kwaba kuhle kanjani ukuzibonela mathupha lelo zwe nabantu bakhona! Kodwa ngabamba ongezanzi lapho ngibona umehluko phakathi kwabacebile nabampofu.

Ngokwesibonelo, eduze kwedolobha lasePune savakashela uchwepheshe othile wobuHindu owayethi ukuhlakulela indlela efanele yobuciko bokuzindla kungamsiza umuntu ukuba acebe. Sasizindla njengeqembu njalo ekuseni. Lo chwepheshe wayethengisa nemithi ngemali eshisiwe. Kusobala ukuthi wayethola imali eningi; wawubona nangendlela ayephila ngayo ukuthi udla izambane likapondo. Sabona nezindela ezazibonakala ziphila ngobumpofu, ngokungefani nalo chwepheshe. Ngazibuza, ‘Lokhu kuzindla akuzicebisanga ngani pho lezi zindela?’ Kubonakala sengathi uhambo lwami lokuya eNdiya lwangenza ngaba nemibuzo eminingi kakhulu kunezimpendulo.

Enye yezinto eziyisikhumbuzo engazithenga eNdiya kwakuyinsimbi yokuzindla. Ngatshelwa ukuthi uma ngiyishaya ngendlela efanele, yayiyokhipha umsindo womculo ozongisiza ukuba ngizindle ngendlela efanele. Lapho sengibuyele emuva eJalimane, ngathenga ishadi lokuma kwezinkanyezi elaliklanywe umuntu owayethi uyakwazi ukubona ikusasa lami kusengaphambili. Kodwa ukwenza lo mkhuba wokuzindla akuzange kungembulele lutho ngokuphila. Ngadumala kabi lapho ngithola ukuthi leli shadi lokuma kwezinkanyezi liyiphepha nje elingenamsebenzi. Ngakho angizange ngizithole izimpendulo zemibuzo yami maqondana nenjongo yokuphila.

Ngathola Izimpendulo EBhayibhelini

Ukuphila kwami kwashintsha ngendlela engalindelekile ngo-1993. Ngase ngiziphothulile izifundo zami zaseyunivesithi sengilwenzile nocwaningo futhi manje ngase ngimatasa nokubhala umbiko wokuthola iziqu zobudokotela ze-quantum physics. Ngasebenza cishe ubusuku nemini ukuze ngikwazi ukuqeda ngesikhathi esibekiwe, futhi ngazishaya indiva zonke ezinye izinto. Kwathi ngingazelele ngolunye usuku ntambama, ngezwa othile engqongqoza emnyango. Ngavula, ngathola kumi abesifazane ababili.

Babuza: “Ubuwazi yini ukuthi unyaka ka-1914 wawuwunyaka obaluleke kakhulu ngokweBhayibheli?” Wavele wangidida nje lo mbuzo. Ngangingakaze ngizwe ngento enjalo; kanti-ke nje ngangingenaso kwasikhathi sokuyihlola. Noma kunjalo, lo mbuzo wavusa ilukuluku. Babengasho kanjani ukuthi iBhayibheli labikezela kusengaphambili ukuthi unyaka ka-1914 wawuyoba unyaka ophawulekayo?

“Ungathanda ukwazi okwengeziwe?” beqhubeka. ‘Nakanjani, uma ngikulalela lokho abafuna ukungitshela kona,’ ngicabanga, ‘ngizoyithola into ewukuziphikisa enkulumweni yabo.’ Kunokuba ngithole izinto eziphikisanayo, ngathola ubufakazi obugculisayo bokuthi iBhayibheli linokwethenjelwa. Ngafunda ukuthi isiprofetho seBhayibheli sibonisa ngokucacile ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ophathiswe uMesiya—uhulumeni wasezulwini lowo ngokuhamba kwesikhathi oyobusa kuwo wonke umhlaba—wamiswa ngo-1914.a

Laba besifazane babengoFakazi BakaJehova, futhi banginika incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.b Kwathi kungakapheli nazinsuku zingaki ngabe sengiyifunde yonke futhi ngathola ukuthi konke ekushoyo kunengqondo. OFakazi bangibonisa eBhayibhelini ukuthi kuyintando kaJehova ukuba isintu siphile phakade emhlabeni oyipharadesi. Ngokwesiprofetho seBhayibheli, lesi sithembiso sizogcwaliseka ngokushesha. Yeka ithemba elimangalisayo lesikhathi esizayo! Leli themba langithinta inhliziyo ngaze ngahlengezela nezinyembezi. Ingabe yikona lokhu ebengilokhu ngikufuna kuyo yonke le minyaka engu-20?

Ngokushesha nje ngaqonda ukuthi iyini injongo yami ekuphileni: ukuba ngazi uJehova uNkulunkulu futhi ngimkhonze ngenhliziyo ephelele. Ngaqhubeka ngifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, nginomuzwa wokuthi engikufundayo kuyiqiniso. Kwakungelula ukwanelisa isifiso sami esijulile sokwazi ngezinto ezingokomoya. Ezinyangeni ezintathu nje, lapho ngisaqedela ukubhala umbiko wokuthola iziqu zobudokotela, ngase ngifunde ingxenye yalo lonke iBhayibheli.

Ukuthola Okungale Kwezimpendulo Engangizifuna

Ngo-May 1993, ngaya ngokokuqala ngqa emhlanganweni webandla eliseduze loFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso lase-Augsburg. Okwakufundiswa lapho kwakuzwakala kuyiqiniso. Ngaphezu kwalokho, ngazizwa ngikhululekile lapho ngiphakathi koFakazi. Bangibingelela ngemfudumalo bangenza ngazizwa ngamukelekile, nakuba bengangazi. Owesifazane othile osekhulile wahlala eduze kwami wayesenza umzamo omkhulu wokungitholela iculo. Emasontweni alandelayo, enye indoda enguFakazi nendodana yayo base behamba nami ngemoto ukuya eHholo LoMbuso. Ngokushesha nje, laba bangane abasha baqala ukungimemela emizini yabo. Ngokuhamba kwesikhathi ngaba nesifiso sokuxoxela abanye ngezinto engangizifunda ngenjongo yokuphila.

Ukukulalela ngobuqotho engangikufunde eBhayibhelini kwase kuqalile kakade ukungishukumisela ukuba ngenze izinguquko ekuphileni kwami. Ngokwesibonelo, ngase ngingasakufuni ukugcina izinto ezihlangene nokulumba. Ngakho ngawalahla amashadi ami okuma kwezinkanyezi kanye nensimbi yokuzindla nezinye izinto eziyisikhumbuzo zenkolo engazithenga eNdiya. Isifundo sami seBhayibheli saqhubekela phambili, futhi ngazinikezela kuJehova uNkulunkulu, ngabe sengibhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova eMunich ngo-June 1994. Ngokwenza kanjalo ngangibonisa ukuthi sengiyiqonda ngokuphelele injongo yangempela yokuphila.

Ngo-September 1995, ngaba yiphayona elivamile, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Lokhu kwasho ukuchitha isikhathi esiningi ngixoxa nabantu ngezinjongo zikaNkulunkulu. Ukuze ngikwazi ukukufeza lokhu, ngathembela emandleni kaJehova. Izikhathi eziningi ngangibuya sekuhlwile ekhaya ngemva kokusebenza amahora amaningana ngishumayela, ngizwa injabulo nokwaneliseka engangingakaze ngikuzwe ngaphambi kokuba ngazi uJehova. Ngo-January 1997, ngamenywa ukuba ngizoqhubeka nenkonzo yami yesikhathi esigcwele ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eJalimane, eSelters, elibizwa ngokuthi iBethel, lapho ngihlala khona manje. Nakuba abazali bami bengakholelwa ezinkolelweni zami ezingokwenkolo, baye bangivakashela izikhathi eziningana, futhi sebeyihlonipha kakhulu manje iBethel, kanti bayajabula nangokuhlala kwami lapha.

Isayensi NeBhayibheli

Abanye bangase bazibuze ukuthi umuntu oye wachitha iminyaka efunda ngesayensi angakukholelwa kanjani ngempela okushiwo yiBhayibheli. Mina ngiye ngathola ukuthi isayensi ayiphikisani neBhayibheli. Njengesazi se-physics, ngiye ngafunda ngemithetho elawula ukuphila, futhi le mithetho inikeza ubufakazi bokuthi yaklanywa umuntu ohlakaniphe kakhulu kunabantu.

Ngokwesibonelo, kunezinkolelo-mbono eziningi eziphathelene ne-physics, isayensi yokuthakwa kwemithi neyezinto eziphilayo. Nakuba lezi zinkolelo-mbono zingase zibe lula ngokuyisisekelo, izibalo ezihlangene nazo ziyinkimbinkimbi ngempela. Ososayensi abakhaliphile basungula izinkolelo-mbono ezithile bese bethola uMklomelo KaNobel ngomsebenzi wabo. Yeka ukuthi kumelwe ukuba ukhaliphe kakhulu kangakanani-ke uMuntu owaklama futhi wadala indawo yonke, ososayensi abazama kanzima kangaka ukuyiqonda!

Akunangqondo ngempela ukuthi ukuphila kwavela ngengozi, njengoba nje izazi eziningi zokuziphendukela kwemvelo zisikisela kanjalo. Ngokwesibonelo: Ake uthathe amabhola ayishumi uwabeke emgqeni enkundleni yebhola, ngalinye liqhelelane nelinye ngemitha elilodwa. Yibe usukhahlela ibhola lokuqala, uzame ukwenza ukuba ibhola ngalinye lishaye elilandelayo emgqeni, kuze kube yilapho eseshayisene wonke la mabhola ayishumi. Ngaphezu kwalokho, zama ukubikezela ukuthi ibhola ngalinye liyogcina limi kuphi. Amathuba okuphumelela mancane kakhulu kangangokuthi abantu abaningi cishe bebengabheka lowo mgilingwane ozama ukuwenza njengento engasoze yenzeka.

Uma kunjalo, umuntu angasho kanjani-ke ukuthi amangqamuzana omuntu angaba khona ngengozi—ukuba khona kwawo okuhilela izinqubo eziyinkimbinkimbi kakhulu kunokukhahlela amabhola? Incazelo enengqondo iwukuthi uMuntu ohlakaniphe kakhulu kunabantu wadala abantu nazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo emhlabeni. Ingabe lo Muntu, onguMdali, ubengenza lokhu ngaphandle kwenjongo? Phinde. Kumelwe ukuba wayenenjongo, futhi leyo njongo yembuliwe kanti futhi ichazwe ngendlela eqondakalayo eBhayibhelini.

Njengoba ungase ubone, kokubili isayensi neBhayibheli kwangisiza ukuba ngithole izimpendulo zemibuzo okwase kuphele iminyaka ngizibuza yona ngokuphila. Ake ucabange ukuthi ungazizwa ukhululeke futhi ujabule kangakanani lapho uthola okuthile obulokhu ukufuna enkathini engaphezu kweminyaka engu-20. Ngifisa ngenhliziyo yami yonke ukuba ngisize abanye abantu abaningi ngangokunokwenzeka bathole lokho nami engagcina sengikutholile—hhayi nje izimpendulo zemibuzo yami, kodwa nendlela efanele yokukhulekela okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova, okuyinto ebaluleke nakakhulu!

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe, bheka isahluko 10, esithi “UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa,” emakhasini 90-7 encwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

b Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Kodwa manje ayisanyatheliswa.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]

Njengesazi se-physics, ngiye ngafunda ngemithetho elawula ukuphila, futhi le mithetho inikeza ubufakazi bokuthi yaklanywa umuntu ohlakaniphe kakhulu kunabantu

[Isithombe ekhasini 28]

Lapho ngineminyaka engu-12 ubudala

[Isithombe ekhasini 29]

Lapho ngisafuna injongo yokuphila, ngaphendukela ebucikweni baseMpumalanga bokuzindla

[Isithombe ekhasini 31]

Ukushumayela kwabanye kunginika injabulo nokwaneliseka kwangempela

[Umthombo]

Cover of book: J. Hester and P. Scowen (AZ State Univ.), NASA

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela