Ukuthola Ukuzwana Kwezinhlanga ENingizimu Afrika Enesiyaluyalu
Njengoba ilandiswa nguMerlyn Mehl
NGINGUMUNTU waseNingizimu Afrika, noma, njengoba sichazwa ngendlela engavamile kulelizwe, owaseNingizimu Afrika webala. Futhi nginguprofesa eYunivesithi yaseNtshonalanga Kapa, iYunivesithi enkulu kunawo wonke egcwele abamnyama ezweni. Nginesiqu sobudokotela emfundweni yesayensi yezinto zemvelo. Eminyakeni engama-20 edlule, ngibe futhi omunye woFakazi BakaJehova. Ngakho yisiphi phakathi kwalezizimo ezimbili esiye sangisiza ukuba ngithole ubunye bezinhlanga kulelizwe lokungezwani nezingxabano?
Ukukhulela ENingizimu Afrika
IKapa, esechosheni eliseningizimu yeAfrika, iye yachazwa ‘njengeKapa enhle kunawo wonke emhlabeni wonke.’ Ukubuka izinkanyezi ebusuku obucwathile eKapa kungokuhlangenwe nakho okushukumisayo. Ngesinye isikhathi, ngisenza kanjalo, ngikhumbula ngithi kumngane wami: “Iyini injongo yakho konke lokhu? Ngokuqinisekile kumelwe ukuthi kusho okuthile; nokho, phansi lapha izinto azinanjongo neze. Abantu bangababandlulula kanjani kakhulu kangaka abanye? Kungani izinto zingalungile kangaka?”
Ukuzalelwa eNingizimu Afrika kukwenza uqaphele ubandlululo usemncane. Izinkinga zezinhlanga zibonakala zikhona kuzo zonke izindawo nangaso sonke isikhathi. Kusukela ebuntwaneni, abantu bahlukaniswa futhi babekwe ngezigaba ngokohlanga. Umkhaya wakithi uhlukaniswa imithetho yaseNingizimu Afrika ngokuthi “amakhaladi.” Njengabantwana, safundiswa ukuthi abamhlophe bangabacindezeli kanti thina siphakathi kwabacindezelwayo. Futhi, njengoba sikhula, ukuxhumana phakathi kwezinhlanga esikoleni noma emphakathini kwakungekho nhlobo, kuyaqondakala ukuthi abantu bezinye izinhlanga babesolwa. Kithina kwakubonakala sengathi abamhlophe babenayo yonke into engcono—kuhlanganise izindlu, izindawo, nezikole. Igama elithi “ubandlululo,” ukwahlukaniswa kwezinhlanga okungokomthetho, laba igama elizondwa kakhulu emagameni esiwasebenzisa enkulumweni yethu.
Ngaphambi kokuba ngiqede esikoleni semfundo ephakathi, umkhaya wakithi waphoqeleka ukuba ushiye ikhaya endaweni exube izinhlanga lapho mina nodadewethu esazalelwa khona. Ngani? Ngenxa Yomthetho Ohlukanisa Izindawo, owawuvumela ukuba indawo ethile ihlalwe iqembu elilodwa kuphela lohlanga. Sathuthela kwenye indawo, lapho esahlala khona iminyaka eminingana kwaze kwaba yilapho nayo sekuthiwa “indawo yabamhlophe.” Khona-ke, saphinde sathutha.
Ngenxa yokungalungi okusobala, abazali bami kanye nothisha bethu babesinxusa ukuba sifunde ngokuzikhandla esikoleni. Umyalezo wawuwukuthi: “Kumelwe ubonise omhlophe ukuthi ungcono kunalokho ayikho.” Lokhu kwasithinta isimo sami sengqondo ngesikole. Nakuba nganginamahloni ngokudabukisayo, ngangikuthanda ukufunda. Ukufunda noma yini futhi konke kwakusithatha cishe sonke isikhathi sami. Ngakho-ke, ngaqeda isikole ngiphakathi kwabafundi abaphambili ezweni. Khona-ke kwaba sobala ukuthi kwakufanele ngiye eyunivesithi. Ngenxa yokuthi ngangiyithanda isayensi nezibalo, kwakulula ukuba nginqume ukuphishekela iziqu kwezesayensi, izifundo eziyinhloko kuyisayensi yezinto zemvelo nezibalo.
Kusukela ngo-1960 (ngawo kanye unyaka engaqala ngawo eyunivesithi) uMthetho Wokuhlukaniswa Kwamayunivesithi waqala ukusebenza, ngaphoqeleka ukuba ngifunde eyunivesithi yohlanga lwakithi. Kuningi okwakukhulunywa ngabafundi kulamayunivesithi ahlukene. Unyaka ngamunye ngangiphasa ngamalengiso futhi ekugcineni ngafinyelela isiqu seMaster of Science kuyisayensi yezinto zemvelo ephathelene nenuzi, futhi lokho kwabangela ukuba ngiqashelwe kakhulu, ikakhulukazi ngoba ngalesosikhathi ngakhethwa ukuba ngibe ilungu labafundisa isayensi baseYunivesithi yaseNtshonalanga Kapa—umfundi wokuqala webala ukuba akhethwe kanjalo.
Nokho, kulelizinga ngangizizwa ngikhungatheke kakhulu. Ngangintula impendulo yombuzo obalulekile ekuphileni: Iyini injongo yakho konke lokhu? Amazwi engawasho kumngane wami, aphawulwe ngenhla, ngawasho ngalesikhathi.
Imibuzo Yami Iyaphendulwa
Kuze kufike kulelizinga, inkolo yayinendima encane kakhulu ekuphileni kwami. Ngisengumntwana, ngangisonta eSheshi futhi ngaphehlelelwa ngineminyaka eyi-16 ubudala. Kodwa imibuzo yami ayikaze iphendulwe. Ngakho njengoba ngikhula, ukuya kwami esontweni kwancipha futhi ekugcineni kwanqamuka.
Khona-ke ngolunye usuku ngavakashela ekhaya lomngane esasinaye eyunivesithi. Umkakhe, uJulia, wasebenzisa iBhayibheli ukuze abonise ukuthi likhona ikhambi lezinkinga zezombangazwe nezezinhlanga hhayi ezaseNingizimu Afrika kuphela kodwa nezezwe lonke. Ngangimangele futhi ngingaqiniseki. Kodwa ngayamukela incwajana ethi Basis for Belief in a New World, ngaya ekhaya, futhi ngaqala ukuyifunda nginelukuluku lokwazi.
Ngehora lesibili ekuseni, ngangisayifunda! Lapha kwakukhona amaphuzu acatshangelwe achaza ukuthi kungani iBhayibheli liqinisile, kungani iziprofetho zalo zingathenjelwa, kungani isintu sisengxakini engaka, kungani u-1914 eyisikhathi esiphawuleka kangaka, nokuthi kungani singathembela esimisweni esisha sokulunga lapha emhlabeni. Lokhu ngokuqinisekile kumelwe kube yiqiniso!
Ngosuku olulandelayo ngaphindela ekhaya lomngane wami. “Ingabe unazo izincwadi ezengeziwe ezinjengale?” ngibuza umkakhe. Ngahamba nenqwaba yezincwadi ezikhuluma ngezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, izincazelo zeziprofetho zikaDaniyeli nezesAmbulo, ubunjalo bezinsuku eziyisithupha zendalo, nokuningi, okuningi okwengeziwe. Okubaluleke kakhulu, zabonisa ukuthi akukho lapho iBhayibheli liluvumela khona ubandlululo lwezinhlanga, njengoba ‘uNkulunkulu engabheki buso bamuntu.’ (IzEnzo 10:34) Ngazifunda zonke lezincwadi. Lapha kwakukhona izimpendulo zemibuzo eyayingihlupha njalo. Cishe ngemva konyaka sinesifundo seBhayibheli esasivumelene ngaso, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Lokho kwakungoNovember 21, 1967.
Njengenhlangano, oFakazi BakaJehova abanalo ngempela ubandlululo lwezinhlanga futhi abahlanganyeli kwezombangazwe. Bahlonipha uhulumeni owodwa, uMbuso kaNkulunkulu. Kubo izikhundla zemiphakathi azibalulekile neze. Kodwa eNingizimu Afrika, izinkinga eziphathelene nezinkinga zezinhlanga zihlala zikhona. Ngenxa yoMthetho Ohlukanisa Izindawo, amabandla abonisa izinhlanga ezisezindaweni akuzo. Ngakho eBandleni laseClaremont engangihlanganyela kulo, abantu abaningi babengamakhaladi. Abamhlophe abambalwa ababekhona kwakuyizithunywa zevangeli noma ababonisi.
Ngisakhumbula, ngemva kwayo yonke leminyaka, izenzakalo ezimbili ezibonisa ukuthi kunzima kangakanani ukuba umuntu alahle imiqondo yobuhlanga. Emihlanganweni, abamhlophe ababeba khona babevame ukuya phambili emigqeni yokudla, bathathe ukudla kwabo, bese behamba beyodla bodwa, kuyilapho sonke simile silindile. Lokho kwakungicasula. OFakazi abamhlophe babenomkhuba wokwethula omkabo ngalendlela: “S’thandwa, lona nguMerlyn. Ufunda iBhayibheli.” “Merlyn, lona ngunkosikazi wami, uDade S’ban’bani.” Babengethula ngegama, kodwa mina kwakufanele ngisebenzise igama elithi “Dade” noma “Mfowethu.” Ngangicasuka!
Kodwa-ke ngaqala ukucabanga. Inkinga iwukuthi ngaso sonke isikhathi uba nomuzwa wokuthi omunye umuntu onobandlululo lohlanga. Kanti umphakathi ohlukaniswe ngokwezinhlanga njengowaseNingizimu Afrika kumelwe uthinte wonke umuntu ohlala khona. Iqiniso, abanye boFakazi abamhlophe kwadingeka ukuba babuthuthukise ubuhlobo babo nabanye abantu bebala elihlukile. Kodwa-ke, kwakunjalo nangami. Kuleliphuzu iBhayibheli linikeza lesixwayiso esihle: “Ungasheshi ukubonisa ukucasuka; ngokuba ukucasuka kugodlwa iziwula.” (UmShumayeli 7:9, The New English Bible) Yebo, kwadingeka ukuba ngifunde ukuba ongasheshi ukuzwela nokuthi ngingabheki izinkulumo eziyiziswana engangizizwa njengeziwubandlululo.
Kufanele ngisho futhi ukuthi isimo sisonke ezweni sishintshile kancane kusukela ngalesosikhathi. Eminyakeni yangaphambili, inani elilinganiselwe kuphela labamhlophe elalivumelekile ukuba liye emibuthanweni yenkolo yezinye izinhlanga, futhi kwakudingeka ukuba badle bodwa. Lokhu akusenjalo.
Nokho, okubaluleke kakhulu ukuthi, lena kwakuyinhlangano yabantu abahlangana ngokukhululekile, ababemukelekile ekhaya lomunye nomunye, nababizana ngokuthi dadewethu nangokuthi mfowethu futhi babe beqinisile! Lezimfundiso ziqukethwe futhi zisekelwe ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Ngakho lapho kuphakama izindaba zezinhlanga—futhi eNingizimu Afrika cishe azinakugwenywa—ukucabanga ngalamaphuzu njalo kuyayidambisa imizwa yami. Njengoba iminyaka ihamba, ngifunda ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kangcono futhi kanjalo ngiba nokuthula okukhulu ngezindaba zezinhlanga. Kodwa kudingeka ukuba umuntu asebenzele kukho!
Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
Ngokushesha ngemva kokuba ngibhapathizwe, ngezwa kunesidingo sokuba ngandise inkonzo yami. Ngangingashadile futhi nginemithwalo yemfanelo embalwa, ngakho ngo-October 1, 1968, ngaqala ukuba iphayona elivamile. Lokhu kwabangela isiyaluyalu esikhulu, njengoba kwakusho ukushiya kwami iyunivesithi nokulahla lokho abaningi abakucabangela njengomsebenzi owubukhazikhazi. Indaba yephephandaba eyayikhuluma ngalesinyathelo sami yayinesihloko esithi: “Usosayensi Ophambili Uhamba Eshaya IBhayibheli.” Ngokushesha ngase ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziyishumi noma ngaphezulu nabantu noma nemikhaya ehlukahlukene. Komunye umhlangano ababili balabantu babhapathizwa, kolandelayo, abane; kwase kuba abayisikhombisa, kuqhubeke.
NgoSeptember 17, 1969, ngashada noJulia, uFakazi owangazisa iqiniso. Wathola idivosi ngezizathu ezingokomthetho nezingokomBhalo esikhathini esithile ngaphambi komshado wethu. Lokhu kwasho ukuthi ngazuza umkhaya owawusuphelele, njengoba wayenabafana ababili, uJohn noLeon. Sazimisela ukuqhubeka nenkonzo yobuphayona isikhathi eside ngangokunokwenzeka, okwabonakala kuyisisekelo esihle kubafana futhi kwangisiza ukuba ngiwuphathe ngempumelelo umkhaya wethu wokutholwa.
Ekuqaleni kwawo-70 kwakuyisikhathi esijabulisayo sokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele, njengoba lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa. Lapho sishumayela endlini ngendlu, sathola owesifazane othiwa uAnnabel. Wayamukela ngokushesha incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade kanye neBhayibheli. (Kamuva sathola ukuthi wayekhokhele izincwadi ngemali yokugcina ayenayo—umthengisi wobisi kwadingeka ukuba abuye ngesonto elilandelayo ezolanda imali yakhe!) Kusukela ekuqaleni wasilungiselela kahle isifundo sakhe seBhayibheli samasonto onke naphezu kokuhlushwa ingane yakhe engahlaliseki. Waqala futhi nokutshela abomndeni wakhe ngalokho ayekufunda. Ngokushesha umyeni wakhe, uBilly, wayesemphelezela lapho eya emihlanganweni. Abazali baka-Annabel babethe izingane zabo ezinhlanu ngokohlu lokulandelana kwamaletha. Udadewabo uBeattie waqala ukufunda. UCharlie nomkakhe babengenakusala. UDaphne naye wabonisa isithakazelo, noEdna nomyeni wakhe bahlanganyela. Namuhla wonke umkhaya ubulokhu ukhonza ngokwethembeka iminyaka eminingi. Abesilisa bangabadala noma izinceku ezikhonzayo, futhi abaningi babesifazane baye bakhonza njengamaphayona.
Bese kuba noStanley. Samthola emsebenzini wendlu ngendlu, ukuhambela kokugcina esakwenza ngentambama ebandayo yangoMsombuluko. Kodwa yeka ukwamukeleka! Umkakhe wasingenisa endlini, futhi kwacaca zisuka nje ukuthi sasikhuluma nendoda elihloniphayo iBhayibheli. Eqinisweni, wayesanda kuthandazela usizo lokuqonda iBhayibheli. Ingxoxo yethu yokuqala yayigxile kuZiqu-zintathu. Ngemva kwengxoxo yehora, wabonakala ekholisekile. Ngesonto elilandelayo, wasibingelela ngalamazwi: “Nina niqinisile. Ngilifunde lonke ‘iTestamente Elisha,’ kodwa akekho uZiqu-zintathu. Ngihambile ngayobuza umfundisi ukuthi kungani ebelokhu engidukisa. Wenqabile ukukhuluma nami, ngase ngibuyisela kuye izimvilophu zeminikelo ebengizisebenzisa ekuqoqeni imali kwamanye amalungu esonto.” Konke lokhu wakwenza ngaphandle kokuthola ngisho nencwadi eyodwa kithi! Wafisa ukuza emihlanganweni, futhi samthembisa ukuthi sizomlanda. Kodwa ngaleloSonto saphuza ukufika ngemizuzu emihlanu esikhathini esasisithembisile. Sahlangana naye esekhwele ibhayisikili lakhe eya emhlanganweni! Wathi: “Bese ngicabanga ukuthi ningikhohliwe.” Sasifunda kathathu ngeviki, futhi wabhapathizwa ngemva kwezinyanga ezintathu ngemva kokubonana kwethu kokuqala. UStanley usekhonze iminyaka eminingi ngaleyontshiseko ayenayo kwasekuqaleni.
Mina noJulia sabala sathola ukuthi eminyakeni edlule, siye saba nelungelo lokusiza abantu abangama-50 ukuba babe ngoFakazi BakaJehova.
Ukuphindela Emsebenzini Wokuziphilisa
Ngemva kweminyaka emine sisenkonzweni yobuphayona, imali yethu cishe yayisiphelile. Izindleko zokuphila zase zikhuphukile, nabafana babekhula. Ngakho, singajabule futhi simanqikanqika, sanquma ukuyiyeka inkonzo yesikhathi esigcwele. Lokho kwakungoSeptember 1972. Yini eyalandela? Ngemva konyaka nje, ngoJanuary, 1974, ngaphindela ekufundiseni eyunivesithi lapho kuvela isikhala sokufundisa isayensi yezinto zemvelo. Lokho kwasho ukwenza ushintsho olukhulu nokuqaphela ukuba ngingadumazeki. Kodwa ngokusekela okuqinile kukaJulia, ngakwazi ukwenza lolushintsho. Kwabonakala kusiza kakhulu ukuhlala sikhuthele kakhulu enkonzweni nasebandleni—ngempela ukuqhubeka ‘sifuna umbuso kuqala.’—Mathewu 6:33.
Njengoba bonke abafundisi basemayunivesithi kulindeleke ukuba benze ukucwaninga, kwaphakama inkinga yokuphindela kuyisayensi yezinto zemvelo ephathelene nenuzi. Ngakuthola kunzima kakhulu ukuzibona ngenza uhlobo lokucwaninga olulinganiselwe emkhakheni owodwa kuyilapho isikhathi sami ngingekho eyunivesithi ngangisisebenzisa ngizama ukufundisa abantu iqiniso elivela eBhayibhelini. Kwabonakala kuyize ukuhlanganyela kulokucwaninga engingeke ngenze lutho ngakho. Futhi, yiqiniso, ukucwaninga ngesayensi yezinto zemvelo ephathelene nenuzi ngokunokwenzeka kungase kusetshenziswe empini, futhi lokhu kungaletha izinkinga ngokuqondene nokungathathi-hlangothi kobuKristu.—Isaya 2:2-4.
ENingizimu Afrika iyunivesithi efana naleyo yaseNtshonalanga Kapa inabafundi abaningi abangabanga namathuba enele. Beza eyunivesithi bengayilungele kahle ngenxa yezinga lemfundo eliphansi nezinye izici zomphakathi nezomnotho. Ezimweni eziningi akukhona nje ukuthi bantula ikhono—kumane nje kuwukuthi abazange babe nethuba. Eminyakeni eyi-13 edlule, njengengxenye yomsebenzi wami waseyunivesithi, bengicwaninga ngobunzima bokufunda kwabafundi abanjalo futhi ngihlela izindlela zokufundisa ezingahle zisebenze. Lokucwaninga kwangenza ngaba nesiqu sobudokotela emfundweni yesayensi yezinto zemvelo futhi kwaphumela ekubeni ngikhushulelwe esikhundleni sokuba nguprofesa. Manje izinhlelo zokucwaninga zokubambisana ziyaqhutshwa emayunivesithi aseUnited States naseIsrael. Kuyathakazelisa ukuqhathanisa izinto ezitholwe kulokucwaninga nezindlela zokufundisa zoFakazi BakaJehova.
Umbono owasungulwa nguProfesa Reuven Feuerstein nabakanye naye ubizwa ngokuthi Okuhlangenwe Nakho Kokufunda Ngosizo Lomxhumanisi. Umongo walombono uwukuthi abantwana abalikhulisi ikhono labo lokucabanga ngezisusa zangaphandle ezifinyelela kubo ngezingqondo zabo kuphela kodwa nangomkhulumeli ongumuntu obachazela lezozisusa. Uma lokhu kungenziwa, abantwana abalikhulisi ikhono labo lokucabanga ngendlela abebengenza ngayo.
OFakazi BakaJehova bayigcizelela kakhulu indima yomzali njengomeluleki omkhulu womntwana. Abazali abangoFakazi basebenzisa amahora amaningi nabantwana babo behlola izincwadi ezinemifanekiso ezisiza ekufundeni iBhayibheli, bebabuza ngalokho abakubonayo futhi babasize ukuba bathole lokho okushiwo izindaba zeBhayibheli. Abagcizeleli isidingo sesifundo seBhayibheli samasonto onke kuphela kodwa nesokuyala ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi ezimisweni zeBhayibheli. (Duteronomi 6:6-8) Ukucwaninga okungenhla kubonisa ukuthi ngokwenza kanjalo, eqinisweni abazali bathuthukisa ukuhlakanipha kwezingane zabo.
IConstructivism omunye umbono othi ukufundisa akukhona nje ukudlulisela ukwaziswa okusengqondweni yalowo ofundisayo kuye engqondweni yomfundi. Kunalokho, umuntu ngamunye uzisungulela eyakhe incazelo ngalokho okubonwayo noma okuzwiwayo noma okuhlangatshezwana nakho. Yingakho abantu ababili bengalalela ukwaziswa okufanayo kodwa bafinyelele eziphethweni ezingafani. Ukuze abantu bafunde ngokunenzuzo, kumelwe bazihlaziyele ukwaziswa bona ngokwabo.
Imihlangano yoFakazi BakaJehova ikhuthaza khona lokhu. Wonke umuntu kulindeleke ukuba akulungiselele kusengaphambili ukwaziswa okuzoxoxwa ngakho okuvela ezincwadini ezitholakalayo. Phakathi nomhlangano ngokwawo, kutholakala izimpendulo ezivela ezilalelini ngalokho okulungiselelwe. Ngalendlela abantu abakhuthazwa nje ukuba baveze lokho abakufundile kuphela kodwa nokuba bazuze kulokho abanye abakulungiselele.
Ukufika kwemfundiso esekelwe kuyicomputer kuye kwabatshazwa njengendlela yokwenza isiyalo sisebenze kumuntu siqu. Nokho, umsebenzi wesifundo seBhayibheli oye waphishekelwa oFakazi iminyaka eminingi emakhaya abantu uye wenza kahle kakhulu kulokho! Ofundisayo usiza umuntu oyedwa, ababili, noma abathathu (akuvamile ukuba babe ngaphezulu) ukuze bacabangele ukwaziswa okunyathelisiwe mayelana nendaba yeBhayibheli ebukezwe umfundi ngenkathi elungiselela. Umfundi ukhuthazwa ukuba achaze lokho akuqondayo, esigabeni ngasinye, bese kuxoxwa ngaso—isifundo seBhayibheli somuntu siqu ngempela. Njengoba befundiswa ngezimiso zokufundisa ezinjalo ezinengqondo, yingakho oFakazi BakaJehova bephumelela ngendlela abenza ngayo. Yiqiniso, akudingeki ukuba bayozifunda eyunivesithi lezimiso. Bazithola emthonjeni ophakeme—iBhayibheli.—Mathewu 28:19, 20; Johane 6:45.
Ukuzwana Kwezinhlanga Kuthatha Indawo Yokuzondana Kwezinhlanga
Sekudlule iminyaka engama-20 ngilokhu ngingomunye woFakazi BakaJehova. UJohn noLeon, amadodana ami engingawazali, manje asekhulile, omabili abhapathiziwe futhi akhonza ngokwethembeka. Ngo-1976 indodana yethu uGreame yazalwa. Kuyilungelo ukumkhulisa naye ngendlela yeqiniso. Umkhaya wethu uye wabusiswa ngoba uJulia uphinde wakwazi ukuphayona, kuyilapho mina ngithatha ubuphayona obusizayo okungenani kathathu ngonyaka. Yonke indawo eNingizimu Afrika, kuye kwaba nokwanda okuphawulekayo ekuzondaneni kwezinhlanga. Umuntu ukubona emibhalweni ezindongeni zezakhiwo futhi ukuzwa nasemoyeni. Nokho, phakathi nakho konke ukuhlukaniswa kwezinhlanga, kwenzeka isimanga sanamuhla. Ngenxa yokuxegiswa kwemithetho yokuhlangana okwenziwa uMbuso, oFakazi BakaJehova manje sebeyakwazi ukuhlangana ndawonye ngokukhululeka, ikakhulukazi emihlanganweni emikhulu. Ngike ngaba nelungelo lokuhlanganyela ekuhleleni eminye yalemihlangano yazo zonke izinhlanga. Lapho sibona ukungabikho kokubandlululana kohlanga kusebenza, abantu abafundiswe ngezindinganiso eziphakeme zeBhayibheli ukuba bahluleke ngokuphelele ukuhlukanisa imibala! Lapha kukhona abantu ababona lokho abanye abayikho ngaphakathi, hhayi ibala lesikhumba sabo kuphela.
OFakazi BakaJehova namuhla bakha okuwukuphela kobuzalwane besintu bomhlaba wonke. Ngokushesha, esimisweni sakhe esisha sezinto, uJehova ‘uzokwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa kungabe kusaba-khona; nokudabuka; nokukhala, nobuhlungu kungabe kusaba-khona.’ Ngikanye nezigidi zabafowethu nodadewethu emhlabeni wonke, ngibheke phambili kulelozwe elisha elijabulisayo, lokulunga, elingenalo ubandlululo lwezinhlanga.—IsAmbulo 21:3-5.