Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/06 k. 28-k. 29 isig. 5
  • Ingabe Kuwusizo Ukuba Nokuthula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kuwusizo Ukuba Nokuthula?
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Funa Ukuthula Futhi Ukuphishekele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Abantu Abanokuthula Badingeka Ngempela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuthula—Ungakuthola Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Sinesibindi, Nokho Sinokuthula
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 5/06 k. 28-k. 29 isig. 5

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Kuwusizo Ukuba Nokuthula?

ENTSHUMAYELWENI yakhe edume kunazo zonke, uJesu Kristu wathi: “Bayajabula abanokuthula.” Waphinde wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5, 9) Ukuba nokuthula kuhilela okungaphezu nje kokungaxabani namuntu noma ukuzizwa uzolile. Umuntu onokuthula uthatha isinyathelo kuqala sokuzwana nabanye abese ekuphishekela ngenkuthalo ukukhuthaza ukuthula.

Ingabe amazwi kaJesu acashunwe ngenhla ayasebenza osukwini lwethu? Abanye bacabanga ukuthi ukuze umuntu aphumelele kuleli zwe lanamuhla, kufanele esabise abanye, abe nolaka noma abe yisidlova. Ingabe kuwukuhlakanipha ukuphindisela okubi ngokubi noma ukubuyisela ukuphathwa kabi ngokuphatha kabi? Noma ingabe kuwusizo ukuba nokuthula? Ake sicabangele izizathu ezintathu zokuthi kungani kufanele sicabangele amazwi kaJesu athi: “Bayajabula abanokuthula.”

◼ UKUZOLA KWENHLIZIYO “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba,” kusho IzAga 14:30. Imibiko eminingi yezokwelapha iveza ukuthi ulaka nendluzula kungenza umuntu ashaywe unhlangothi futhi amelwe yinhliziyo. Lapho likhuluma ngabantu abanezifo zenhliziyo, elinye iphephabhuku lezokwelapha muva nje liye laqhathanisa ukuthukuthela kakhulu noshevu. Labuye lathi “ukucasuka kakhulu kungenza umuntu agule kakhulu.” Nokho, labo abaphishekela ukuthula, bangaba ‘nenhliziyo ezolile’ futhi bazuze.

Esinye isibonelo salokhu nguJim, oneminyaka engu-61 ubudala futhi osengumfundisi weBhayibheli emphakathini waseVietnam. Uyachaza: “Ngemva kweminyaka eyisithupha ngiyisosha futhi sengijutshwe kwaze kwaba kathathu ukuyohlasela eVietnam, ngangibazi kahle ubudlova nentukuthelo kanye nokucindezeleka. Ukuphila kwami kwangaphambili kwakungicindezela, kungenza ngiqwashe. Ngokushesha ukucindezeleka nezinkinga zesisu kanye nokuphazamiseka kwemizwa kwayikhinyabeza impilo yami.” Yini eyamkhulula? Uyaphendula: “Ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova kwasindisa ukuphila kwami. Ukufunda injongo kaNkulunkulu yokuletha umhlaba omusha onokuthula nendlela ‘engingagqoka ngayo ubuntu obusha’ kwangenza ngaba nenhliziyo ezolile. Ngenxa yalokho impilo yami iye yathuthuka kakhulu.” (Efesu 4:22-24; Isaya 65:17; Mika 4:1-4) Ngenxa yalokho abaye bahlangabezana nakho ekuphileni, abaningi baye baphetha ngokuthi ukuhlakulela umoya wokuthula kungathuthukisa impilo enhle ngokomzwelo, ngokwenyama nangokomoya.—IzAga 15:13.

◼ UBUHLOBO OBUJABULISAYO Ubuhlobo bethu nabanye buyozuzisa lapho sibonisa umoya wokuthula. IBhayibheli liveza ukuthi ‘ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa kufanele kususwe kanye nabo bonke ububi.’ (Efesu 4:31) Labo abanokhahlo ngokuvamile benza abantu bababalekele futhi bazithola beshiyiwe, bengenabo abangane abangathembela kubo. IzAga 15:18 zithi: “Umuntu ofuthelene ubhebhezela umbango, kodwa owephuza ukuthukuthela uyayiqeda ingxabano.”

U-Andy, umKristu oneminyaka engu-42 ubudala futhi ongumdala eNew York City, wakhulela endaweni enobudlova. Uyachaza: “Ngafakwa esiyingini ngaqeqeshelwa ukushaya isibhakela ngineminyaka engu-8. Engilwa nabo ngangingababheki njengabantu. Kunalokho, ngangivele ngithi enhliziyweni, ‘shaya noma ushaywe.’ Ngokushesha ngase ngihamba neqembu lezigangi. Sasilwa izimpi eziningi zasemgwaqweni futhi sihileleka nasezingxabanweni. Sengake ngabekwa izibhamu ekhanda ngasongelwa nangemimese. Ngangixabana nabangane bami abaningi futhi sasesabana.”

Yini eyenza ukuba u-Andy aphishekele ukuthula? Uthi: “Ngelinye ilanga ngaya emhlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, futhi ngokushesha ngezwa umoya wothando phakathi kwabantu ababelapho. Kusukela lapho, ukuzihlanganisa kwami nalaba bantu abathanda ukuthula kuye kwangisiza ngaba nenhliziyo ezolile, futhi ngokuhamba kwesikhathi kwashintsha indlela yami yokucabanga. Ngiye ngazenzela abangane abaningi engingathembela kubo njalo.”

◼ ITHEMBA NGEKUSASA Isizathu esibaluleke kunazo zonke sokuba umuntu onokuthula yilesi: Kubonisa udumo nenhlonipho ngentando yoMdali wethu. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyasinxusa: “Funa ukuthola ukuthula, ukuphishekele.” (IHubo 34:14) Ukuvuma ukuthi uJehova uNkulunkulu ukhona, kanye nokufunda bese sihlonipha izimfundiso zakhe ezinika ukuphila, kusivulela ithuba lokuba nobungane naye. Ngalobo bungane obuqinile, sithola “ukuthula kukaNkulunkulu.” Lokhu ukuthula okukudlula konke naphezu kwezinselele ezingase zilethwe ukuphila.—Filipi 4:6, 7.

Ngaphezu kwalokho, ngokuba nokuthula, sibonisa uJehova ukuthi sifuna ukuba uhlobo olunjani lwabantu. Singambonisa manje uNkulunkulu ukuthi siyokufanelekela ukuphila ezweni elisha elinokuthula alithembisile. Lapho esesusa ababi, futhi njengoba uJesu asho, evumela abamnene ukuba ‘badle ifa lomhlaba,’ nathi singaba khona lapho ukuze sizibonele. Yeka isibusiso!—IHubo 37:10, 11; IzAga 2:20-22.

Yebo, kusobala ukuthi amazwi kaJesu athi “bayajabula abanokuthula” awusizo kakhulu. Singaba nenhliziyo ezolile, nobungane obunenjongo kanye nethemba eliqinile ngekusasa. Lezi zibusiso zingaba ezethu uma senza konke okusemandleni ethu ukuba sibe “nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.

[Izithombe ekhasini 28]

“Impilo yami iye yathuthuka kakhulu.”—UJim

[Izithombe ekhasini 29]

“Ngiye ngaze- nzela abangane abaningi engingathembela kubo njalo.”—U-Andy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela