Sinesibindi, Nokho Sinokuthula
1 Abantu abaningi esibashumayezayo bakhuluma izinto abazikholelwa ngobuqotho kodwa ezingqubuzana neqiniso leBhayibheli. Nakuba kumelwe sishumayele ngesibindi, sifisa ‘nokuba nokuthula nabantu bonke,’ sigweme ukucasula abanye ngokungadingekile. (Roma 12:18; IzE. 4:29) Njengoba sihambisa isigijimi soMbuso, singaba kanjani nesibindi nokho sibe nokuthula?
2 Thola Izinto Enivumelana Ngazo: Umuntu onokuthula uyazigwema izimpikiswano. Ukuziphikisa ngokungadingekile izinkolelo ezigxilile zomninikhaya ngeke kumenze athambekele ekusamukeleni isigijimi sethu. Uma esho into enganembile, mhlawumbe ngobuhlakani singaqala indaba esingase sivumelane naye kuyo. Ngokugcizelela lokho esivumelanayo kukho, singase sikwazi ukumthambisa bese simfinyelela inhliziyo.
3 Uma siwuyeka umbono oyiphutha womninikhaya singawuphikisi, ingabe silulaza iqiniso? Cha. Umsebenzi wethu njengezikhonzi ezingamaKristu awukhona ukuphikisa zonke izinkolelo eziyiphutha esizizwayo, kodwa uwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 24:14) Kunokusabela ngamawala lapho umuntu eveza umbono oyiphutha, singabheka lokhu njengethuba lokuqonda indlela acabanga ngayo.—IzAga 16:23.
4 Hlonipha Isithunzi Somuntu: Zikhona izikhathi lapho kumelwe siphikise izimfundiso zamanga ngesibindi. Nokho, njengabantu abanokuthula siyakugwema ukuhlekisa ngabanye nokusebenzisa amaganyana okweyisa lapho sikhuluma ngalabo abakholelwa futhi bafundise izinto ezingelona iqiniso. Ukuziphakamisa kuyabaqhelisa abantu, kodwa ukuthobeka nomusa kwenza abathandi beqiniso bafune ukwazi. Ukubonisa ukuthi siyabahlonipha abantu abasilalele nezinkolelo zabo kulondoloza isithunzi sabo, kwenze kube lula ukuba bamukele isigijimi sethu.
5 Umphostoli uPawulu wacabangela izinkolelo zalabo ayebashumayeza futhi wazama ukushumayela izindaba ezinhle ngendlela eyayizobafinyelela izinhliziyo. (IzE. 17:22-31) Ngokuzithandela, waba “izinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo,” ukuze ‘ngazo zonke izindlela asindise abathile.’ (1 Kor. 9:22) Nathi singenza okufanayo ngokuba abanokuthula njengoba sishumayela izindaba ezinhle ngesibindi.