Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/06 k. 3
  • Izingane Ziyahlukunyezwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingane Ziyahlukunyezwa
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nosongo Lobuphekula
    I-Phaphama!—2001
  • Ubuphekula—Obani Abathintekile?
    I-Phaphama!—1987
  • Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ubuphekula—Liyini Ikhambi?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 6/06 k. 3

Izingane Ziyahlukunyezwa

Ubona izinkulungwane zezingane kusihlwa emigwaqweni enyakatho ye-Uganda, zishaya ngolukaCetshwayo. Zisuka emakhaya emaphandleni ngaphambi kokuba kuhlwe ziye emadolobheni amakhulu, njengaseGulu, eKitgum naseLira. Uma zifika lapho, ziyahlakazeka zingene ezakhiweni, eziteshini zamabhasi, emapaki nasemagcekeni ezakhiwo. Lapho ilanga liphuma, uyazibona futhi zingena indlela, zibuyela emakhaya. Kungani zinalo mkhuba oyinqaba?

ABANYE abantu bazibiza ngokuthi abafuduki basebusuku. Kodwa lezi zingane zisuke zingathathi lolu hambo ngoba zisebenza ebusuku. Zisuka ekhaya lapho seliyoshona ngenxa yokuthi uma sekuhwalele emahlathini, kuyingozi ukuba sekhaya.

Sekuyiminyaka engaba amashumi amabili abashokobezi behlasela izindawo zasemaphandleni futhi bathumbe izingane. Unyaka ngamunye bathatha amakhulukhulu amantombazane nabafana emakhaya bahambe bayocasha emahlathini ayisinindolo. Ngokuyinhloko, lezi zingane zithunjwa ebusuku futhi amavukela-mbuso azisebenzisa njengamasosha, izindibi nezigqila zobulili. Uma lezi zingane ezithunjiwe zingabambisani nabathumbi, zingase zisikwe amakhala noma izindebe. Lezo ezibanjwa zizama ukubaleka zibulawa ngesihluku esikhulu.

Zikhona nezinye izisulu zobuphekula ezisencane. Intsha egogekile eSierra Leone yayiseyizingane lapho kufika amadoda ahlome ngocelemba eyinqamula izandla nezinyawo. E-Afghanistan abafana namantombazane badlala ngeziqhumane ezifana nezimvemvane, okuye kuthi lapho lawo “mathoyizi” amahle eqhuma, balahlekelwe yiminwe namehlo.

Ezinye izingane eziyizisulu zobuphekula zibhekana nesimo esihlukile. Ngokwesibonelo, lapho kuhlasela amaphekula ngo-1995 e-Oklahoma City, e-U.S.A., phakathi kwabantu abangu-168 abafa kwakunezingane ezingu-19, ezinye ezazisagqoka amanabukeni. Njengomoya onamandla ocima amakhandlela afilizayo, leli bhomu laqothula ukuphila kwalezi zingane ngokuphazima kweso. Lesi senzo sobuphekula saziphuca ilungelo lokuba abantwana, lokudlala nokuhleka, kanye nokugonwa ngothando oyise nonina.

Lezi yizenzo zamuva, kodwa sekungamakhulu eminyaka ubudlova bamaphekula buhlukumeza umphakathi wesintu, njengoba sizobona.

UKULUNGISELELA UKUSHONA KWENGANE

“Namuhla ekuseni, lapho ngivusa indodana yami eneminyaka engu-11 ubudala, ingibuzile, ‘Ingabe amaphekula asehlaselile namuhla?’” Yilokho okwabhalwa umlobi uDavid Grossman lapho ekhuluma ngobudlova obuhlasele izwe lakubo. Wanezela: “Indodana yami iyesaba.”

Ezikhathini zamuva nje kuye kwafa izingane eziningi lapho kuhlasela amaphekula kangangokuba abazali abathile balungiselela ukufa ngesihluku kwezingane zabo. UGrossman wabhala: “Angisoze ngawukhohlwa umbhangqwana osemusha owangitshela ngalokho owawukuhlelela isikhathi esizayo. Wawuzoshada ube nezingane ezintathu. Hhayi ezimbili, kodwa ezintathu, ukuze kuthi uma kushona eyodwa, kusale ezimbili.”

Lo mbhangqwana awuzange usho ukuthi uyokwenzenjani uma kushona izingane ezimbili—noma zonke zontathu.a

a Izingcaphuno ezikulesi sihlokwana zithathwe encwadini kaDavid Grossman ethi Death as a Way of Life.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela