Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 14-k. 15 isig. 3
  • Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Okushiwo YiBhayibheli
  • Uyini Umoya Ongcwele?
  • Ukuchaza Umoya Ongcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • ‘Egameni Lomoya Ongcwele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Uyini Umoya Ongcwele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Umoya Ongcwele—Amandla KaNkulunkulu Ayisiphekupheku
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 14-k. 15 isig. 3

Umbono WeBhayibheli

Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu?

UYINI umoya ongcwele kaNkulunkulu? Emazwini alo okuqala, iBhayibheli likhuluma ngomoya ongcwele—obizwa nangokuthi “amandla kaNkulunkulu asebenzayo”—‘owehla wenyuka ebusweni bamanzi.’ (Genesise 1:2) Lapho lilandisa ngokubhapathizwa kukaJesu, nakuba lichaza ukuthi uNkulunkulu “usemazulwini,” umoya ongcwele ubonakala “wehla njengejuba” phezu kukaJesu. (Mathewu 3:16, 17) Ngaphezu kwalokho, uJesu wakhuluma ngomoya ongcwele ‘njengomsizi.’—Johane 14:16.

La mavesi eBhayibheli namanye aye aholela abanye ukuba baphethe ngokuthi umoya ongcwele ungumuntu, njengoba uNkulunkulu, uJesu nezingelosi bengabantu bomoya. Empeleni, sekuphele amakhulu eminyaka ezinye zezinkolo ezinethonya kakhulu kweLobukholwa zithi umoya ongcwele ungumuntu. Naphezu kwale mfundiso esinesikhathi eside ikhona, amalungu amaningi esonto asadidekile, futhi amanye aze aphikisane nabaholi bawo benkolo. Ngokwesibonelo, ngokwenhlolo-vo yamuva, amaphesenti angu-61 alabo okwaxoxwa nabo akholelwa ukuthi umoya kaNkulunkulu “uwuphawu lokuba khona kukaNkulunkulu noma amandla akhe, kodwa awuyona into ephilayo.” Nokho, lithini iBhayibheli?

Lokho Okushiwo YiBhayibheli

Umfundi weBhayibheli othembekile uyaphoqeleka ukuba aphethe ngokuthi umoya ongcwele wehlukile encazelweni enikezwa yisonto yokuthi ungumuntu. Ake ucabange ngalokhu kulandisa kweBhayibheli.

1. Lapho uMariya, unina kaJesu, evakashela umzala wakhe u-Elizabethe, iBhayibheli lithi umntwana ongakazalwa wagxuma esibelethweni sika-Elizabethe, futhi “u-Elizabethe wagcwala umoya ongcwele.” (Luka 1:41) Ingabe kunengqondo ukuthi umuntu “angagcwala” omunye umuntu?

2. Lapho uJohane uMbhapathizi ekhuluma nabafundi bakhe ngokuthi uJesu wayezothatha indawo yakhe, uJohane wathi: “Mina, nginibhapathiza ngamanzi . . . , kodwa lowo oza emva kwami, yena ozimbadada zakhe ngingakufanelekeli ukuzikhumula, unamandla kunami. Yena uzonibhapathiza ngomoya ongcwele.” (Mathewu 3:11) UJohane wayengasho ukuthi umoya ongcwele ungumuntu lapho ekhuluma ngokubhapathizwa kwabantu ngawo.

3. Lapho evakashele isikhulu sebutho lamaRoma nomkhaya waso, umphostoli uPetru wakhuluma ngoJesu njengogcotshwe uNkulunkulu “ngomoya ongcwele nangamandla.” (IzEnzo 10:38) Ngokushesha ngemva kwalokho, “umoya ongcwele wehlela” kwabendlu yalesi sikhulu sebutho lezempi. Ukulandisa kuthi abaningi bamangala “ngoba isipho samahhala somoya ongcwele sasithululelwe naphezu kwabantu bezizwe.” (IzEnzo 10:44, 45) Nalapha futhi, inkulumo esetshenzisiwe ayihlangani nomqondo wokuthi umoya ongcwele ungumuntu.

Akuyona into engavamile ukuba iZwi likaNkulunkulu lenze samuntu izinto ezingebona abantu. Lezi zihlanganisa ukuhlakanipha, ukuqonda, isono, ukufa nomusa ongafanelwe. (IzAga 8:1–9:6; Roma 5:14, 17, 21; 6:12) UJesu ngokwakhe wathi “ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yibo bonke abantwana bako.” (Luka 7:35) Ngokucacile, ukuhlakanipha akuyena umuntu onabantwana abangokoqobo! Ngokufanayo, umoya ongcwele awuyena umuntu ngenxa nje yokuthi ngezikhathi ezithile uye wenziwa samuntu.

Uyini Umoya Ongcwele?

EBhayibhelini umoya ongcwele kaNkulunkulu uchazwe njengamandla kaNkulunkulu asebenzayo. Ngakho-ke, ukuhunyushwa okunembile kombhalo weBhayibheli wesiHebheru kuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu “amandla kaNkulunkulu asebenzayo.” (Genesise 1:2) Lo mqondo usekelwa ngokucacile kulo lonke iBhayibheli.—Mika 3:8; Luka 1:35; IzEnzo 10:38.

Ngokuphambene nenkolelo evamile, uNkulunkulu akekho yonke indawo. Kunalokho, uhlala endaweni yomoya, ‘endaweni yokuhlala emisiwe.’ (1 AmaKhosi 8:39; 2 IziKronike 6:39) ImiBhalo ibhekisela nasendaweni eqondile uNkulunkulu ahlala kuyo futhi ‘unesihlalo sobukhosi’ kuyo. (1 AmaKhosi 22:19; Isaya 6:1; Daniyeli 7:9; IsAmbulo 4:1-3) Nokho, angawasebenzisa amandla akhe asebenzayo ‘esendaweni yakhe yokuhlala emisiwe,’ ukuze afinyelele kuyo yonke indawo yomoya nebonakalayo.—IHubo 139:7.

Emuva ngo-1879, umfundi weBhayibheli uCharles L. Ives wayifanekisa kahle indlela kaNkulunkulu yokusebenzisa amandla akhe esendaweni ethile. Wabhala: “Ngokwesibonelo, sithi, ‘Vula amafasitela, ilanga lingene endlini.’ Sisuke singasho ilanga elingokoqobo, kodwa imisebe yalo, evela elangeni.” Ngokufanayo, uNkulunkulu akudingeki ukuba aye lapho efuna ukuwasebenzisa khona amandla akhe asebenzayo. Umane athume umoya wakhe ongcwele, ongafinyelela emikhawulweni yendalo. Ukuqonda ukuthi umoya ongcwele uyini—amandla kaNkulunkulu asebenzayo—kungakwenza uqiniseke ukuthi uJehova uyozifeza izithembiso zakhe.

WAKE WAZIBUZA?

◼ Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi umoya ongcwele ungumuntu?—IzEnzo 10:44, 45.

◼ Uyini umoya ongcwele?—Genesise 1:2.

◼ Ufinyelela kude kangakanani umoya ongcwele kaNkulunkulu?—IHubo 139:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela