Intsha Iyabuza...
Ingabe Nginokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla?
“Ngezinye izikhathi lapho ngihlala phansi ukuze ngidle, ngivele ngikhathazeke ngiqale ukuvevezela. Ngesaba ukukhuluphala. Ngiye ngizitshele ukuthi, ‘Kumelwe ngehlise umzimba ngamanye amakhilogremu amabili.’”—UMelissa.a
“Ngifuna ukuba nomzimba okhangayo, ngakho ngiyakwesaba ukukhuluphala. Kodwa angifuni namunye azi ukuthi ngiyahlanza ngemva kokudla. Kubangela amahloni.”—U-Amber.
“Ngiye ngizitshele ukuthi: ‘ . . . Namuhla, ngizokwenza kangcono . . . ’ Kodwa kamuva ngalo lolo suku ngesikhathi engingenakuzibamba ngaso, ngiphinde ngifobele. Ngibe sengidliwa unembeza ngize ngifise nokufa.”—UJennifer.
UFUNA ukubukeka kahle, futhi kungokwemvelo lokho. Ufuna ukududuzwa lapho unexhala noma ucindezelekile. Akukho okungalungile nangalokho. Kodwa uma ufana nenye yala mantombazane, kungenzeka unenkinga. Uma kunjalo, awuwedwa. Iqiniso liwukuthi, izigidi zentsha—ikakhulu amantombazane—zinokuphazamiseka kwemikhuba yokudla.b
Ake sihlolisise inkinga ye-anorexia, i-bulimia nokufobela. Ngayinye yalezi zinkinga inezimpawu ezithile eziphawulekayo, kodwa zonke zihilela isimo sengqondo esiphambene maqondana nokudla. Uma uzibona usesimweni esifana nalezi ezilandelayo, qiniseka ukuthi lukhona usizo. Ungalulama!
Ake Sithi Qaphuqaphu Ngalezi Zinkinga
◼ I-ANOREXIA. Kungakhathaliseki ukuthi izace kangakanani, uma intombazane ene-anorexia izibuka esibukweni, ibona umuntu okhuluphele. Ukuze yehlise umzimba iphendukela emizamweni ewukweqisa. Omunye onale nkinga uthi: “Ngaqala ukukhathazeka kakhulu ngokubala ama-kilojoule okudla engikudlayo. Ngangikuhlela ngokucophelela ukudla engizokudla ngalelo sonto, futhi noma nini lapho ngicabanga ukuthi ngidle ama-kilojoule amaningi kakhulu, ngangizincisha ukudla bese ngivivinya umzimba ngokweqile. Ngosuku, ngangiphuza amaphilisi okuhlambulula isisu afinyelela kwayisithupha.”
Ngokushesha, izimpawu ze-anorexia ziqala ukubonakala. Ukwehla komzimba kuwuphawu oluvamile, kodwa onalesi sifo angase aqothuke nezinwele, isikhumba some, ahlale ekhathele namathambo awohloke. Kanti angase angayi esikhathini ngezinye izikhathi noma kunqamuke izinyanga ezithile zilandelana.
Mhlawumbe lezi zimpawu zibonakala zingenangozi, kodwa ungaphazami—I-“anorexia” iwusongo olukhulu lokuphila. Okunye ukuhlola kwabonisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, abantu abafinyelela kumaphesenti ayishumi abane-anorexia babulawa yiyona le nkinga yabo, ngokuvamile ngenxa yokungasebenzi kwezitho zomzimba noma ezinye izinkinga ezihlangene nokungondleki kahle.
◼ I-BULIMIA. Kunokuba igweme ukudla, intombazane ene-bulimia iyafobela, idle ukudla okunama-kilojoule angaba ngu-15-000 ngamahora amabili nje kuphela! Ngemva kwalokho iyakubuyisa, ngokuvamile ngokuziphoqa ukuba ihlanze noma ngokuphuza imithi ehlambulula isisu.
Ngokuvamile, ukufobela kwenziwa ekusithekeni. Enye intombazane ithi: “Ngangivame ukufobela uma ngibuya esikoleni futhi ngithola ukuthi akukho muntu ekhaya. Ngangiqiniseka ukuthi ngiyabufihla ubufakazi.” Kodwa ngemva kokufobela, yayidliwa unembeza. Ithi: “Ngangiphatheka kabuhlungu kakhulu ngengikwenzile. Kodwa ngangazi ukuthi ngingazilungisa ngokushesha lezi zenzo zami. Ngangikhuphuka ngiye esitezi, ngifike ngibuyise bese ngizizwa ngikhululekile futhi nginamandla.”
Naphezu kwanoma yini ebonakala izuzisa, ukudla bese ubuyisa nokuhlambulula isisu kuyingozi. Ukusebenzisa kabi imithi yokuhlambulula isisu kwenza ulwelwesi lwamathumbu lube buthaka kanti kungabangela nezilonda noma izifo ezithile. Ukuhlanza njalo kungenza umuntu aphelelwe amanzi emzimbeni, abole amazinyo, kulimale umminzo amelwe nayinhliziyo imbala.
◼ UKUFOBELA. Njengoba kunjalo ngomuntu one-bulimia, umuntu ofobelayo uzigcingca kakhulu ngokudla. Umahluko ukuthi yena akakubuyisi ukudla akudlile noma ahlambulule isisu. Ngenxa yalokho, angase akhuluphale kakhulu. Kodwa abanye bazincisha ukudla ngemva kokufobela noma bavivinye umzimba ngokweqile. Ngezinye izikhathi uma umuntu ezama ukulawula umzimba ngale ndlela, umkhaya nabangane abayiqapheli le nkinga yakhe.
Njengabantu abanenkinga ye-anorexia ne-bulimia, abantu abafobelayo banombono ongemuhle ngokudla. Ikhuluma ngayo ngokwayo nangabanye abanale nkinga, enye intombazane ithi: “Ukudla kuwumngane wethu wangasese—mhlawumbe yikona kuphela okungumngane wethu.” Enye ithi: “Lapho umuntu esefobela, akukho okunye okubonakala kubalulekile. Ukudla kubonakala kuyiyona nto ebaluleke kunazo zonke—kuyaduduza—kodwa ngemva kokufobela kulandela imizwa yecala nokucindezeleka.”
Ngisho noma ungakubuyisi ukudla noma uhlambulule isisu, ukufobela kuyingozi. Kungaholela esifweni sikashukela nesenhliziyo, umfutho ophakeme wegazi nakwezinye izifo eziningi. Kanti kungalimaza kakhulu ngokomzwelo.
Ingabe Kungenzeka Kuwe?
Yiqiniso, abantu abaningi abafuna ukwehlisa umzimba noma abafuna ukuhlala beyimiqemane abanako ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Noma kunjalo, ngemva kokucabangela okushiwo ngenhla, ungase uzibuze ukuthi uphokophele kuleyo ndlela yini. Zibuze:
◼ Ingabe nginamahloni ngemikhuba yami ehlangene nokudla?
◼ Ingabe ngiyabafihlela abanye ngemikhuba yami yokudla?
◼ Ingabe ukudla sekuyiyona nto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwami?
◼ Ingabe ngizikala izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ngosuku?
◼ Ingabe ngizimisele ukwenza izinto eziyingozi ukuze ngehlise umzimba?
◼ Ingabe ngike ngiziphoqe ukuba ngibuyise, noma ngisebenzisa imithi yokuhlambulula isisu?
◼ Ingabe indlela engidla ngayo iyabuthinta ubudlelwane bami nabanye? Ngokwesibonelo, ingabe ngikhetha ukuba ngunkom’ idla yodwa kunokuba ngibe nabanye abantu, ukuze ngikwazi ukufobela noma ngibuyise ngingabonwa muntu?
Uma izimpendulo zakho kule mibuzo zibonisa ukuthi unenkinga, zibuze,
◼ Ingabe ngiyakujabulela ngempela ukuphila ngale ndlela?
Yini ongayenza ngalesi simo?
Thatha Isinyathelo Manje!
Isinyathelo sokuqala siwukuba uvume ukuthi unenkinga. UDanielle uthi: “Ngemva kokucabanga ngakho, ngaqaphela ukuthi nginemizwa nemikhuba efana neyamantombazane ane-anorexia. Kwakwesabisa ukubhekana neqiniso lokuthi ngangenza izinto ezifana ncimishí nalezo ayezenza.”
Esesibili, thandaza kuJehova ngale nkinga yakho.c Mnxuse ukuba akunike ukuqonda ukuze ubone ukuthi le nkinga yakho yokungadli kahle ibangelwa yini ukuze ukwazi ukuyinqoba. Ungathandaza njengoDavide: “O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula, ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi, ungihole ngendlela yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.
Kanti kokunye ungase uthole ukuthi umanqikanqika ukuyeka lo mkhuba wakho wokungadli kahle. Kungenzeka ukuthi usufana nomlutha, usuncike kuwona. Lena enye indaba ongayithandazela kuJehova. Yilokho uDanielle akwenza. Uyavuma: “Ekuqaleni ngangingakufuni ngempela ukululama. Ngakho kwadingeka ngithandazele isifiso sokuba ngilulame.”
Esesithathu, xoxa nabazali bakho noma omunye umuntu omdala ongakusiza. Abantu abadala abakhathalelayo ngeke bakwenze ube namahloni. Kunalokho, bayolwela ukulingisa uJehova, iBhayibheli elithi ngaye: “Akazange akudelele noma akwenyanye ukuhlupheka kohluphekile; akazange abufihle ubuso bakhe kuye, futhi wezwa lapho ekhalela usizo kuye.”—IHubo 22:24.
Yiqiniso, indlela eholela ekululameni ayilula. Kwezinye izimo ungase udinge usizo lochwepheshe.d Into ebalulekile ukuthatha isinyathelo. Yilokho enye intombazane eyayine-bulimia eyazimisela ukukwenza. Ithi: “Ngolunye usuku ngaqala ukuqaphela ukuthi sengibuswa yilo mkhuba wokubuyisa ukudla. Kodwa ngangingaqiniseki ukuthi ngingakwazi yini ukuwuyeka. Ekugcineni, ngenza into enzima kunazo zonke okwake kwadingeka ngizenze. Ngacela usizo.”
Nawe ungenza okufanayo!
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
b Njengoba kungabesifazane ikakhulu abanale nkinga yokungadli kahle, sizokhuluma kakhulu ngabantu balobo bulili. Kodwa izimiso eziningi okuxoxwa ngazo kulesi sihloko ziyasebenza nakubantu besilisa.
c Lapho uzizwa ucindezelekile, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokukhathalela ngokuzindla ngemiBhalo enjengale: Eksodusi 3:7; IHubo 9:9; 34:18; 51:17; 55:22; Isaya 57:15; 2 Korinte 4:7; Filipi 4:6, 7; 1 Petru 5:7; 1 Johane 5:14.
d AmaKristu kufanele aqiniseke ukuthi noma yikuphi ukwelashwa akukhethayo akungqubuzani nezimiso zeBhayibheli.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Ingabe ucabanga ukuthi unokuphazamiseka kwemikhuba yokudla? Uma kunjalo, ubani ongacela kuye usizo?
◼ Ungamsiza kanjani umngane onale nkinga?
[Ibhokisi ekhasini 19]
“Ngicabanga ukuthi unenkinga . . .”
Uma ilungu lomkhaya noma umngane esho lawo mazwi, yilwa nesifiso sokufuna ukubeka izaba. Ake sithi umngane uyaqaphela ukuthi umphetho wangemuva wengubo yakho uyaqaqeka. Ubungeke yini ukwazise uma ekutshela ngaphambi kokuba uqaqeke wonke? IBhayibheli lithi: “Kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.” (IzAga 18:24) Uma othile eza kuwena ezobonisana nawe ngenkinga okungenzeka unayo, lowo muntu uzibonakalisa ewulolo hlobo lomngane!
[Ibhokisi ekhasini 19]
“Ngangifuna ukuzaca nakanjani”
“Ngaqala ukwehlisa umzimba. Ngabe sengikhishwa amabamba, ngakho-ke ngangingakwazi ukudla. Lokho kwangenza ngangena shí enkingeni ye-anorexia. Ngabuswa ukubukeka nokuthi umzimba wami ungakanani. Ngangicabanga ukuthi angizacile ngokwanele. Indlela enganginciphe ngayo yayisabisa. Ngawulimaza kakhulu umzimba wami! Manje izinzipho zami azisakhuli. Ngonakalisa iwashi lomzimba wami. Ngiye ngaphuphunyelwa isisu izikhathi ezine. Nganqamuka ukuya esikhathini ngaphambi kwesikhathi, futhi umzimba wami awukugayi kahle ukudla. Kanti nginenkinga yokudleka kolwelwesi lukapopopo. Konke lokhu ngenxa nje yokuthi ngangifuna ukuzaca nakanjani.”—UNicole.
[Ibhokisi ekhasini 20]
Lapho inkinga iphinde ibuya
Ungase ukwazi ukunqoba le nkinga yakho yokungadli kahle, kodwa ingase ibuye ngamandla ngemva kwamasonto noma izinyanga ezimbalwa. Uma lokho kwenzeka, ungalilahli ithemba. IBhayibheli liyavuma ukuthi “olungile angawa ngisho nakasikhombisa.” (IzAga 24:16) Ukubuya kwenkinga akusho ukuthi uyisehluleki. Kumane kugcizelela isidingo sokuba uzimisele ngamandla, uqaphele izimpawu ezikuxwayisa ngokubuya kwenkinga, futhi ukhulume ngokukhululekile nabantu abakusekelayo abangakusiza.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]
Funda okwengeziwe ngale nkinga
Uma uhlushwa ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla, uyobe wenza kahle ngokufunda ngakho. Lapho wazi okwengeziwe ngakho, yilapho kuyoba lula nakakhulu ukulwa nakho. Cishe uyozuza ngokubukeza ukwaziswa okuwusizo okwakhishwa kuyi-Phaphama! ka-January 22, 1999, amakhasi 3-12, neka-April 22, 1999, amakhasi 13-15.
[Ibhokisi ekhasini 21]
OKUMELWE KUPHAWULWE ABAZALI
Yini ongayenza uma indodakazi yakho iwele kule nkinga yokungadli kahle? Okokuqala, bukeza ngokucophelela ukwaziswa okukulesi sihloko nakwezinye izincwadi eziboniswe ekhasini 20. Zama ukuqonda ukuthi kungani indodakazi yakho iye yakhetha le nkambo.
Kuye kwaqashelwa ukuthi abantu abaningi abanomkhuba wokungadli kahle bayazenyeza, abawafuni amaphutha, futhi bazibekela imigomo abangenakuyifinyelela. Qiniseka ukuthi awuzibhebhezeli lezi zindlela zokuziphatha. Yakha indodakazi yakho. (Isaya 50:4) Ukuze umelane nomkhuba wokungawafuni amaphutha, yenza ‘ukucabangela kwakho kwaziwe.’—Filipi 4:5.
Hlolisisa nesimo sakho sengqondo maqondana nokudla nobungako bomzimba. Ingabe uye wagxila kakhulu kulezi zinto ungahlosile, mhlawumbe ngezwi noma ngesibonelo sakho? Khumbula, intsha ikhathazeka kakhulu ngendlela ebukeka ngayo. Ngisho nokuyigcona nje uyibiza “ngesidudla” noma uhlekise ngokukhula kwayo ngokushesha ngenxa yokuthomba kungase kutshale umbono okungewona engqondweni yosemusha ethonyeka kalula.
Lapho usuyicabangele ngomthandazo le ndaba, xoxa ngokukhululeka nendodakazi yakho.
◼ Hlela ngokucophelela lokho ofuna ukukusho nesikhathi sokukusho.
◼ Veza umuzwa wakho ngokucacile ngezinto ezikukhathazayo nesifiso sakho sokusiza.
◼ Ungamangali uma iqala ngokuzivikela.
◼ Yiba isilaleli esinesineke.
Okubaluleke nakakhulu, hileleka nawe emizamweni yendodakazi yakho yokululama. Bambisanani njengomkhaya kulokhu!
[Isithombe ekhasini 21]
Kungase kudingeke uthandazele isifiso sokululama