Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/06 k. 18-k. 20 isig. 4
  • Ngingawunqoba Kanjani Lo Mkhuba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingawunqoba Kanjani Lo Mkhuba?
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nomuzwa Wecala
  • Ukubaluleka Kokuthulula Isifuba Kothile
  • Ngingawunqoba Kanjani Umkhuba Wokushaya Indlwabu?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngingakuyeka Kanjani Ukucabanga Ngobulili?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingalwisana Kanjani Nomkhuba Wokushaya Indlwabu?
    I-Phaphama!—1988
  • Kungokungathi Sina Kangakanani Ukushaya Indlwabu?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 11/06 k. 18-k. 20 isig. 4

Intsha Iyabuza . . .

Ngingawunqoba Kanjani Lo Mkhuba?

“Ngaqala ukushaya indlwabu ngineminyaka engu-8 ubudala. Ngokuhamba kwesikhathi ngafunda umbono kaNkulunkulu mayelana nale ndaba. Ngangizizwa kabi njalo lapho ngiwela kulo mkhuba. Ngangizibuza: ‘UNkulunkulu angamthanda kanjani umuntu onjengami?’ Ngangiqiniseka ngokuthi ngeke ngingene ezweni elisha likaNkulunkulu.”—ULuiz.a

MHLAWUMBE nawe, njengoLuiz, uye waba yisigqila somkhuba wokushaya indlwabu. Uyazi ukuthi uJehova ubezojabula ngawe uma ulwa nale nkanuko futhi ubonisa ukuzithiba, okuyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23; 2 Petru 1:5, 6) Kodwa ngezinye izikhathi uyahluleka ukuzithiba. Isikhathi ngasinye ngemva kokuwela kulo mkhuba futhi, uphetha ngokuthi ngeke ushintshe, nokuthi ngeke ukwazi ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu ezilungile.

Yileyo ndlela kanye uPedro osemusha ayezibheka ngayo. Uthi: “Lapho ngihluleka ukuzithiba, ngangizizwa kabi. Ngangicabanga ukuthi ngeke ngithethelelwe ngalokho engangikwenzile. Ngangikuthola kunzima ukuthandaza. Ngangike ngiqale ngokuthi: ‘Jehova, angazi ukuthi uzowuzwa yini lo mthandazo, kodwa . . . ’” Insizwa egama layo lingu-André yayinombono ofanayo. Ithi: “Ngangizizwa sengathi ngingumzenzisi omkhulu. Kwakuyinkinga ukuvuka ekuseni ngibhekane nosuku. Ngangikuthola kunzima ukuhlala emihlanganweni yobuKristu noma ukuhlanganyela enkonzweni.”

Uma uzizwa njengoLuiz, uPedro noma u-André, yima isibindi. Awuwedwa, futhi ungaluthola usizo! Intsha eningi—kanye nabantu abadala—baye baba nenkinga yokushaya indlwabu futhi bakwazile ukuyinqoba. Nawe ungayinqoba.b

Ukubhekana Nomuzwa Wecala

Njengoba sekushiwo, labo abaye bawela emkhubeni wokushaya indlwabu ngokuvamile bahlushwa umuzwa wecala. Ngokungangabazeki, ‘ukudabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu’ kungakunika amandla okuwunqoba lo mkhuba. (2 Korinte 7:11) Kodwa ukuba nomuzwa wecala ngokweqile kungaba yisithiyo. Kungakwenza udumazeke kakhulu uze ufune ukushiya phansi.—IzAga 24:10.

Ngakho-ke, lwela ukuba nombono ofanele ngale ndaba. Ukushaya indlwabu kuwuhlobo oluthile lokungcola. Kungakwenza ‘isigqila sezifiso nezinjabulo ezihlukahlukene,’ futhi kugqugquzela nezimo zengqondo ezingakulimaza kakhulu. (Thithu 3:3) Ngesikhathi esifanayo, ukushaya indlwabu akukhona ukuziphatha okuxekethile okwedlulele njengobufebe. (Efesu 4:19) Ngakho-ke, uma unenkinga yokushaya indlwabu, akufanele uphethe ngokuthi sewenze isono esingenakuthethelelwa. Into ebalulekile ukulwa nesifiso sokwenza lo mkhuba nokungavumi ukunqotshwa kule mpi!

Ngesinye isikhathi kulula ukudangala ngemva kokushelela. Lapho kwenzeka lokhu, khumbula amazwi ezAga 24:16: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka; kodwa ababi bayokwenziwa ukuba bakhutshwe yinhlekelele.” Ukushiyeka kwesikhashana nje akukwenzi ube umuntu omubi. Ngakho-ke ungadikibali. Kunalokho, hlolisisa ukuthi yini ebangele ukuba uphinde uwele ogibeni, bese uyigwema leyo nto.

Esikhundleni sokuqhubeka uzisola ngenkinga yakho, zinike isikhathi sokuzindla ngothando nomusa kaNkulunkulu. Umhubi uDavide, naye owayevamile ukubhekana nobuthakathaka wathi: “Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:13, 14) Yebo, uJehova uyakuqaphela ukungapheleli kwethu futhi “ukulungele ukuthethelela” lapho sona. (IHubo 86:5) Ngakolunye uhlangothi, ufuna ukuba sizame ukuthuthuka.

Yiziphi izinyathelo ezisebenzayo ongazithatha ukuze unqobe lo mkhuba futhi ugweme ukuphinde uwele kuwo?

Ukubaluleka Kokuthulula Isifuba Kothile

Nakuba kukhulunywa ingcaca ngobulili emazweni amaningi, abantu abaningi basakuthola kunzima ukukhuluma ngobulili ngendlela ehloniphekile. Esimweni sakho amahloni angase akwenze kube nzima ngisho nokukhuluma nothile ngale ndaba. Omunye umKristu owalwa nokushaya indlwabu iminyaka ethile wathi: “Yeka ukuthi ngifisa kanjani ukuthi ngabe ngaqunga isibindi ngakhuluma nothile ngakho lapho ngisemusha! Imizwa yecala yangihlupha iminyaka eminingi, futhi yabuphazamisa ngempela ubuhlobo bami nabanye, futhi ngaphezu kwakho konke, yaphazamisa ubuhlobo bami noJehova.”

Ubani okufanele ukhulume naye? Umuntu ongcono kakhulu kungaba ovuthiwe ngokomoya, mhlawumbe umzali. Ungase uqale ngokuthi: “Ngicela ukukhuluma nawe ngenkinga engihlupha kakhulu.”

UMário wanquma ukukhuluma noyise, owaba nozwela nokuqonda okukhulu. Waze wavuma nakuMário ukuthi naye wayeke walwa nalo mkhuba lapho esemncane. UMário uthi: “Ukwethembeka nobuqotho bukababa kwangikhuthaza kakhulu. Ngaphetha ngokuthi uma ayekwazile ukunqoba, nami nginganqoba. Sangithinta kakhulu isimo sengqondo sikababa kangangokuba ngakhala izinyembezi.”

U-André waqunga isibindi wakhuluma nomdala ongumKristu, futhi uyajabula ukuthi wenza kanjalo.c Uthi: “Njengoba lo mdala ayengilalele amehlo akhe agcwala izinyembezi. Lapho ngiqeda wangiqinisekisa ngothando lukaJehova. Wangitshela ukuthi inkinga yami ivamile. Wangithembisa ukuthi uzoyihlola intuthuko yami futhi anginike nokwaziswa okwengeziwe okuvela ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini. Lapho ngikhuluma naye, ngenza isinqumo sokulwa nale nkinga—ngisho nalapho kwenzeka ngishiyeka.”

NjengoMário no-André, ungaluthola usizo emizamweni yakho yokunqoba umkhuba wokushaya indlwabu. Landela iseluleko esisebhokisini elithi “Zivikele!” Yebo, qiniseka ukuthi ungayinqoba le mpi!

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

b Nakuba abantu abacashunwe kulesi sihloko kungabesilisa, baningi nabesifazane abanenkinga yokushaya indlwabu. Ngakho-ke, iseluleko esinikezwayo sisebenza kwabesilisa nabesifazane. Qaphela nokuthi lesi sihloko sikhuluma ngokushaya indlwabu ngasese. Ukukwenza kumuntu ongashadile naye kuhlanganisiwe kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi i-porneia, isono esibi emehlweni kaNkulunkulu.—Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kunani Ukuhlanganyela Ubulili Ngaphambi Komshado?” kuyi-Phaphama! ka-August 8, 2004, amakhasi 12-14.

c Owesifazane osemusha angase afune ukukhuluma nonina noma udade ovuthiwe ngokomoya ebandleni.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Kungani kubalulekile ukukhumbula ukuthi uJehova “ukulungele ukuthethelela”?—IHubo 86:5.

◼ Yiziphi izinyathelo oyozithatha ukuze unqobe umkhuba wokushaya indlwabu?

◼ Kungani kungafanele ube namahloni okucela usizo?

◼ Ungayigcina kanjani ingqondo yakho ezintweni ezimsulwa?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 19]

Ukushiyeka Akusho Ukunqotshwa!

Yeka ukuthi kulula kanjani ukucabanga ukuthi: ‘Kungcono ukuba ngivele ngiyeke ngoba sengihlulekile.’ Yilwa nalowo muzwa. Ungavumeli ukushiyeka nje kwesikhashana, noma okumbalwa kukwenze uhluleke.

Ake ucabange ngalo mfanekiso: Uma ubukhuphuka ngezitebhisi ezinde wabe sewushelela wawa, wabuyela emuva ngesitebhisi esisodwa noma ezimbili, ubungasho yini ukuthi, ‘Ngizovele ngiyoqala phansi’? Ngokuqinisekile ubungeke! Kungani-ke kufanele usebenzise le ndlela yokucabanga eyiphutha lapho ulwa nemikhuba emibi?

Ngokuvamile imizwa yecala ilandela ukushiyeka. Ungase ube nale mizwa bese uyeqisa, uphethe ngokuthi awuyinto yalutho, ubuthakathaka futhi awufanelwe yilutho oluhle. Ungazivumeli ukuba ube nomuzwa wecala oweqisa kangaka. Lokhu kukuqeda amandla owadingayo ukuze uqhubeke nale mpi. Khumbula lokhu: Umuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila emhlabeni, uJesu Kristu, wezela ukuzohlawulela izoni, hhayi abantu abaphelele. Ngakho-ke akekho noyedwa kithi oyokwenza izinto ngendlela ephelele kulesi sikhathi.—Ithathwe kuyi-Phaphama! ka-April 8, 1991, ikhasi 15.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]

Zivikele!

◼ Phoqa ingqondo yakho ukuba icabange ezinye izinto.—Filipi 4:8.

◼ Gwema ukubuka izinto ezivusa izifiso ezingafanele.—IHubo 119:37.

◼ Thandazela “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7.

◼ Yiba matasa ngemisebenzi yamaKristu.—1 Korinte 15:58.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]

Usizo Olwengeziwe

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe kokunqoba umkhuba wokushaya indlwabu, bheka izahluko 25 no-26 zencwadi ethi Intsha Iyabuza . . . Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela