Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 7-k. 8 isig. 3
  • Ukuphila Akwenza Kutholakale

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Akwenza Kutholakale
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubufakazi Bokuthi UMbuso KaNkulunkulu Useduze
  • Ukuphila Okuseduze
  • Ukuphila EPharadesi Elibuyiselwe
    I-Phaphama!—2008
  • Ithemba Elimenyezelwa Inkolo Yeqiniso
    I-Phaphama!—1999
  • Lapho Bonke Abantu Beyothandana Khona
    I-Phaphama!—1998
  • “Izindaba Ezinhle” Abafuna Ukuba Uzizwe
    OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 7-k. 8 isig. 3

Ukuphila Akwenza Kutholakale

“BHEKA! Inkosi iyobusa ngenjongo yokulunga.” Izithembiso ezishukumisayo ezinjengalesi eziphathelene nokubusa koMbuso kaJesu ziyizici ezivelele zeBhayibheli. Esinye isithembiso esifana nalesi sithi: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. . . . Igazi labo liyoba igugu emehlweni ayo.”—Isaya 32:1; IHubo 72:12-14.

Ingabe ukhona ongaphika ukuthi abantu emhlabeni wonke bayakudinga ukubusa kokulunga okunjengalokhu? UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bahlale becabanga ngoMbuso kaNkulunkulu. Wabafundisa ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

Ubufakazi Bokuthi UMbuso KaNkulunkulu Useduze

Singazi kanjani ukuthi lo Mbuso uyofika nini ukuze kuphenduleke lowo mthandazo? Abafundi bakaJesu bokuqala babefuna ukwazi, ngakho babuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho [njengeNkosi ebusayo] nesesiphelo sesimiso sezinto?” UJesu waphendula: “Isizwe siyovukela isizwe . . . , futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo. Zonke lezi zinto ziwukuqala kwemihelo yokucindezeleka.” Kanti futhi waxwayisa: “Ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho uthando lwabaningi luyophola.”—Mathewu 24:3-12.

Esinye isiprofetho seBhayibheli sithi “ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Ungase uvume ukuthi incazelo yalezi “zinsuku zokugcina” ifanelana kahle nezikhathi esiphila kuzo. Kunobufakazi obuningi bokuthi manje isikhathi sokuba kugcwaliseke isiprofetho seBhayibheli esilandelayo: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.

Ukubusa koMbuso ‘kweSikhulu Sokuthula’ kuyosusa konke okungase kuphazamise ukuthula kwalabo abayosinda lapho kuphela leli zwe. (Isaya 9:6) Isiprofetho seBhayibheli siyathembisa: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Lokhu kuphela kwezwe kuyovula indlela yokuba labo abenza intando kaNkulunkulu bajabulele lokho okwalahlekela umkhaya wesintu lapho abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, behlubuka kuNkulunkulu.

Ukuphila Okuseduze

UJesu wachaza: ‘Ekudalweni kabusha, iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo.’ (Mathewu 19:28) Kuyini lokhu “kudalwa kabusha”? Enye inguqulo isebenzisa inkulumo ethi “ukwenziwa kabusha kwazo zonke izinto.” (New International Version) Okunye ukulandisa kweBhayibheli okufana nalokhu kubiza le nkathi ngokuthi “isimiso sezinto esizayo.” (Luka 18:30) Ngaleso sikhathi uJesu uyosebenzisa igunya alinikwe uNkulunkulu njengeSikhulu Sokuthula ngokudlulisela ukuphila okuphakade kubo bonke ababonisa ukholo emhlatshelweni wakhe wesihlengo.—Johane 5:21.

Esimisweni sezinto esisha sikaNkulunkulu, abantu bayojabulela ukuphila okufana nalokho uNkulunkulu akunika u-Adamu no-Eva ngesikhathi ebabeka ePharadesi lasemhlabeni. Khumbula ukuthi uNkulunkulu wabayala ukuba babe nabantwana, yebo, ukuba ‘bagcwalise umhlaba bawunqobe.’ Isabelo sabo sasiwukuba benze umhlaba wonke ufane nePharadesi lase-Edene! (Genesise 1:28) Ngokufanayo, ekudalweni kabusha umhlaba uyogcwala abantu abasinde ekupheleni kwaleli zwe, abantwana babo, kanye nalabo abafa kodwa babuyiselwa ekuphileni ngovuko. Isabelo salaba bantu siyoba ukuhlanganyela ekwenzeni umhlaba ube ipharadesi, ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni.

Cabanga ngezinye izibusiso iBhayibheli elibonisa ukuthi ziyojatshulelwa abantu kulowo mhlaba omusha wokulunga.—2 Petru 3:13.

Nakuba kungase kubonakale sengathi izithembiso eziboniswe emifanekisweni ekula makhasi azisoze zagcwaliseka, ziyogcwaliseka nakanjani “esimisweni sezinto esizayo.” Ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wachaza lokho okudingekayo ukuze abantu bajabulele lezi zibusiso, ethi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kwangathi ungaba phakathi kwalabo abalufuna ngokuthobeka lolu lwazi olunika ukuphila.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

“Uyobizwa ngokuthi . . . iNkosana Yokuthula. Ukwanda kukahulumeni wakhe nokuthula akuyikuba nakuphela.”—Isaya 9:6, 7, NIV

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 8, 9]

Bonke Bayoba Namakhaya Nomsebenzi

“Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo . . . Ngeke batshale kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.

Bonke Bayoba Nenala Yokudla

“Umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo.” “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni.”—IHubo 67:6; 72:16.

Ukuthula Kwembulunga Yonke Kuyothinta Ngisho Nezilwane

“Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, . . . nomfanyana nje uyoba umholi wako.”—Isaya 11:6.

Kuyoqedwa Impi, Kube Nokuthula Phakade

“Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.” “Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula.”—Isaya 2:4; 9:7.

Abathandekayo Abafile Bayovuswa

“Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu], baphume.”—Johane 5:28, 29.

Ngeke Kusaba Khona Ukugula Noma Ukufa

“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” “Ukufa ngeke kusaba khona . . . Izinto zangaphambili zidlulile.”—Isaya 33:24; IsAmbulo 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela