Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/08 k. 7-k. 10 isig. 8
  • Ukuphila EPharadesi Elibuyiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila EPharadesi Elibuyiselwe
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela IPharadesi Eliyobuyiselwa Ngayo
  • Indlela Okuyoba Yiyo Ukuphila EPharadesi
  • Ukuphila Akwenza Kutholakale
    I-Phaphama!—2006
  • UJesu Uthembisa Ukuphindukuzalwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ithemba Elimenyezelwa Inkolo Yeqiniso
    I-Phaphama!—1999
  • Ngemva KweArmagedoni, Umhlaba OyiPharadesi
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 9/08 k. 7-k. 10 isig. 8

Ukuphila EPharadesi Elibuyiselwe

UJESU wakhuluma ngokuqiniseka ngokuthi umuntu angaphinde aphile, futhi watshela abafundi bakhe ukuthi lokhu kwakuyinto eqinisekile. Wathi: ‘Ekudalweni kabusha niyozuza ukuphila okuphakade.’ Wayesho ukuthini uJesu lapho ekhuluma ‘ngokudalwa kabusha’?—Mathewu 19:25-29.

Ngokokulandisa okufana nalokhu okwalotshwa umlobi weBhayibheli uLuka, uJesu wathi “esimisweni sezinto esizayo,” abafundi bakhe babeyothola “ukuphila okuphakade.” (Luka 18:28-30) Kungani iBhayibheli lithi ‘isimiso sezinto esizayo’ siyafana ‘nokudalwa kabusha’?

Ngokusobala laligcizelela ukuthi uJehova uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi injongo yakhe yokuqala ngesintu yokuba sijabulele ukuphila okuphakade emhlabeni iyafezeka. Abantu bayobuyiselwa ekupheleleni u-Adamu no-Eva ababekujabulela ngaphambi kokuba bone. Ngakho ‘esimisweni sezinto esizayo,’ kuyoba ‘nokudalwa kabusha’ kwezimo ezinjengePharadesi ezazikhona ensimini yase-Edene.

Indlela IPharadesi Eliyobuyiselwa Ngayo

Lapho esemhlabeni, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele lona kanye ithuluzi eliyosetshenziswa uNkulunkulu ukuze abuyisele izimo zokulunga emhlabeni wonke. UJesu wathi kufanele sithandaze sithi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) UNkulunkulu wagcoba iNdodana yakhe njengoMbusi walo Mbuso, oyofeza injongo kaNkulunkulu yokuletha izimo eziyiPharadesi emhlabeni wonke.

Ngokuphathelene naLowo uNkulunkulu amgcobe njengoMbusi, iBhayibheli lithi: “Sizalelwe umntwana, siphiwe indodana; ukubusa kwesikhulu kuyoba phezu kwehlombe lakhe. Igama lakhe kuyothiwa . . . iSikhulu Sokuthula. Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula.” (Isaya 9:6, 7) Kodwa, lo hulumeni ongaphansi ‘kokubusa kwesikhulu’ uyoyifeza kanjani intando kaNkulunkulu?

IBhayibheli liyaphendula, lithi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso [ukubusa kwesikhulu] ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.

Ake sicabangele izimo eziyovama emhlabeni ePharadesi elibuyiselwe, yebo, ‘ekudalweni kabusha,’ lapho iNdodana kaNkulunkulu isebenzisa amandla ayo ‘njengoMbusi oyisikhulu’ eMbusweni kaYise.

Indlela Okuyoba Yiyo Ukuphila EPharadesi

Ukuvuswa kwabafileyo

“Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.”—Johane 5:28, 29.

“Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.

Ukugula, ukuguga noma ukufa kuyobe kungasekho

“Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.”—Isaya 35:5, 6.

“UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Inala yokudla okumnandi

“Umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.”—IHubo 67:6.

“Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

Izindlu ezinhle nomsebenzi owanelisayo kubo bonke

“Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.

Ubugebengu, ubudlova noma impi kuyobe kungasekho

“Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni.”—IzAga 2:22.

“Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:4.

Inkululeko yokungabi nakwesaba nokuthula yonke indawo

“Ziyohlala ngokulondeka, kungekho muntu ozenza zithuthumele.”—Hezekeli 34:28.

“Ngeke neze kulimaze noma kubangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

Yeka injabulo okuyoba yiyo ukuphila lapho izimo ezinjalo sezivamile emhlabeni wonke, lapho bonke abantu sebethanda uNkulunkulu futhi bebonisa uthando ngabanye abantu! (Mathewu 22:37-39) Ungaqiniseka ukuthi zonke izithembiso zikaNkulunkulu ziyogcwaliseka. UNkulunkulu uthi: “Ngikukhulumile nokukukhuluma; ngizokwenza futhi.”—Isaya 46:11.

Ziningi izinto okungase kudingeke ukuba uzifunde ngoJehova uNkulunkulu nezwe lakhe elisha elithenjisiwe. Ngokwesibonelo, ibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi leli zwe elisha selisondele? UMbuso kaNkulunkulu uyoyithatha kanjani indawo yohulumeni emhlabeni? Futhi yiziphi izehlakalo eziyoholela kulokho? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba uhlaziye imibuzo enjengalena. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka ikhasi 32 lalo magazini.

Iminyaka eminingi yokulangazelela komuntu izwe elisha lokulunga isizophela. Kubantu abaningi asebefile, ukufa akusona isiphelo. Ukuphila futhi akuyona nje into engenzeka—kuyintando kaNkulunkulu. Ngempela umuntu angaphinde aphile ngemva kokufa! Yebo, lokho kuyoba ‘ukuphila kwangempela’ ‘okuzayo.’—1 Thimothewu 4:8; 6:19.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela