Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 10-k. 12 isig. 5
  • Intsha Iyabuza. . .

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intsha Iyabuza. . .
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Angiseyona Ingane”!
  • Ingabe Kufanele Isuswe Imithetho?
  • Ukukhulumisana Okusebenzayo
  • Kungani Kunemi-Thetho Eminingi Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ingabe Imithetho Yasekhaya Inesidingo Ngempela?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Kumelwe Ngilalele Umama Nobaba?
    I-Phaphama!—1988
  • Basha—Qondiswani Yizwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 10-k. 12 isig. 5

Intsha Iyabuza. . .

Kungani Kunemithetho Eminingi Kangaka?

“Isikhathi sokubuya ekhaya engangisinqunyelwe sasingihlanyisa! Kwakungicasula ukubona abanye bevunyelwa ukuba babuye sekwephuzile kunami.”—U-Allen.

“Kuyacasula ukunakwa njalo ukuthi uwusebenzisa kanjani umakhalekhukhwini wakho. Nginomuzwa wokuthi ngiphathwa njengomntwana.”—U-Elizabeth.

INGABE uzizwa uncishwe umoya ngenxa yemithetho eminingi ekhaya? Ingabe wake wacabanga ukunyenya uphume endlini noma uqambe amanga kubazali bakho ngalokho okwenzayo? Uma kunjalo, imizwa yakho ingase ifane neyothile osemusha othi abazali bakhe bambiyela ngokweqile, uthi: ‘Kufanele banginike ithuba lokuphefumula kancane!’

Imithetho yasekhaya, njengoba ibizwa kanjalo ngezinye izikhathi, imithetho ephathelene nezinto okufanele nokungafanele zenziwe oyibekelwa abazali noma yilabo abakunakekelayo. Le mithetho ingase ihlanganise lokho okufanele ukwenze ngomsebenzi wesikole, imisebenzi yasekhaya, isikhathi sokubuya ekhaya, kuhlanganise nemingcele yokusebenzisa ucingo, ithelevishini noma i-computer. Ingase yenabele nasezintweni ezenziwa ngaphandle kwekhaya ihlanganise ngisho nokuziphatha kwakho esikoleni nendlela okhetha ngayo abangane.

Abasha abaningi ngokuvamile bazithola sebeyiphulile imithetho yabazali. Cishe ababili kwabathathu entsheni okwaxoxwa nayo ocwaningweni oluthile bathi babeke bajeziswa ngenxa yokwephula imithetho yasekhaya, okwenza lokhu kube yisizathu esivame kakhulu sokujeziswa.

Nokho, intsha eningi iyavuma ukuthi eminye imithetho iyadingeka ukuze kugwenywe isiyaluyalu. Kodwa uma idingeka ngempela imithetho yasekhaya, kungani eminye yayo icasula kangaka? Uma uzizwa ubophekile ngenxa yemithetho yabazali bakho, ungayithola kanjani impumuzo?

“Angiseyona Ingane”!

“Ngingababonisa kanjani abazali bami ukuthi angiseyona ingane nokuthi sekufanele bangivumele ukuba ngikhule?” kubuza u-Emily osemusha. Ingabe wake wazizwa ngaleyo ndlela? Njengo-Emily, ingase ikucasule imithetho ngenxa yokuba nomuzwa wokuthi uphathwa njengengane encane engakwazi ukuzisiza. Kuyiqiniso, abazali bakho kungenzeka izinto bazibona ngenye indlela. Cishe banomuzwa wokuthi imithetho yabo ibalulekile ukuze bakuvikele futhi bakulungiselele ukuba ukwazi ukuthwala imithwalo yokuba mdala.

Ngisho noma unenkululeko ngokwezinga elithile, ungase ube nomuzwa wokuthi imithetho yakini ayisahambisani neminyaka yakho. Lokhu kungaba buhlungu kakhulu uma izingane zakini zibonakala sengathi zona ziyayekelelwa. UMarcy osemusha uthi: “Ngineminyaka engu-17, kodwa namanje kusafanele ngisheshe ngibuye ekhaya. Ngijeziswa njalo lapho ngona, kodwa lapho umfowethu eseneminyaka elingana neyami, indaba yesikhathi sokubuya ekhaya yayingaphathwa nakuphathwa ngingasasho-ke eyokujeziswa.” Uma ekhumbula iminyaka yakhe yobusha, uMatthew washo lokhu ngodadewabo omncane nomzala bakhe, “La mantombazane ayeyekelelwa!”

Ingabe Kufanele Isuswe Imithetho?

Kuyaqondakala ukuthi ungase ulangazelele ukuphuma ngaphansi kwesandla sabazali bakho. Kodwa ingabe bekungakuhambela kahle ngempela ngaphandle kwemithetho yabo? Mhlawumbe kunentsha elingana nawe oyaziyo evunyelwayo ukuba ibuye nganoma yisiphi isikhathi, engagqoka noma yini eyithandayo, futhi engaya noma kuphi lapho ithanda khona nabangane bayo nganoma isiphi isikhathi. Mhlawumbe abazali bamatasa kakhulu ukuba babone ukuthi izingane zabo zenzani. Ezimweni eziningi, le ndlela yokukhulisa izingane ayikaze iphumelele. (IzAga 29:15) Ukungabikho kothando okungaka emhlabeni kungenxa yokuthi kugcwele abantu abanobugovu, iningi labo elakhuliswa emakhaya angenawo umthetho.—2 Thimothewu 3:1-5.

Ngelinye ilanga ungase ulibheke ngenye indlela ikhaya elingenayo imithetho. Cabanga ngenhlolo-vo eyenziwa kwabesifazane abasebasha abakhulela emakhaya angenamithetho noma isiqondiso sabazali. Uma bebheka emuva, abekho phakathi kwabo abakubona kuyinto enhle ukungaqondiswa abazali. Kunalokho, bakubheka njengobufakazi bokuthi abazali abanandaba futhi abanaki.

Kunokuba nomhawu ngentsha evunyelwa ukuba izenzele umathanda, zama ukubheka imithetho yabazali bakho njengobufakazi bokuthi bayakuthanda futhi bayakukhathalela. Ngokubeka imingcele enengqondo, balingisa uJehova uNkulunkulu, othi kubantu bakhe: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.”—IHubo 32:8.

Nokho, okwamanje imithetho ingase ibonakale ingaphezu kwamandla akho. Uma kunjalo, cabanga ngezinyathelo ezisebenzayo ongazithatha ukuze wenze ukuphila kwakho kwasekhaya kujabulise kakhudlwana.

Ukukhulumisana Okusebenzayo

Kungakhathaliseki ukuthi ufuna inkululeko eyengeziwe noma ufuna ukunciphisa ukukhathazeka kwakho ngenkululeko onayo, umanqoba ukukhulumisana kahle. Abanye bangase bathi: ‘Kodwa sengike ngazama ukukhulumisana nabazali bami, kodwa akusizi ngalutho!’ Uma lena kuyindlela ozizwa ngayo, zibuze, ‘Ngingayithuthukisa yini indlela engikhulumisana ngayo nabanye?’ Ukukhulumisana kuyithuluzi elibalulekile elingakusiza ukuba (1) uthole lokho okufunayo noma (2) uqonde kangcono ukuthi kungani kwenqatshwa lokho okucelayo. Ngokuqinisekile, uma ufuna ukuthola amalungelo abantu asebekhulile, kunengqondo ukuhlakulela indlela evuthiwe yokukhulumisana nabanye.

Funda ukulawula imizwelo yakho. IBhayibheli lithi: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” (IzAga 29:11) Ukukhulumisana kahle akusho ukukhononda nje kuphela. Lokhu kungenza ukuba uhlale uthethiswa! Ngakho-ke gwema ukububula, ukunyukubala nokuduba njengengane. Kungakhathaliseki ukuthi uzwa kuthi gaklaza iminyango noma ugidagide lapho abazali bakho bekushayela umthetho, ukuziphatha ngaleyo ndlela kuyomane nje kuholele emithethweni eyengeziwe—hhayi enkululekweni eyengeziwe.

Zama ukuqonda umbono wabazali bakho. UTracy, umKristu osemusha ohlala nomzali oyedwa, uye wakuthola kuwusizo lokhu. Uthi: “Ngike ngizibuze ukuthi, ‘Yini umama azama ukuyifeza ngemithetho yakhe?’ Uzama ukungisiza ukuba ngibe umuntu ongcono.” (IzAga 3:1, 2) Ububele obunjalo bungakusiza ukuba uveze umbono wakho kubazali bakho. Ngokwesibonelo, ake sithi bamanqikanqika ukuba uye embuthanweni othile. Esikhundleni sokuphikisana nabo, ungase ubuze, “Kuthiwani uma ngihamba nomngane ovuthiwe, othenjwayo?” Abazali bangase bangazivumi izicelo zakho ngaso sonke isikhathi; kodwa uma ukuqonda ukukhathazeka kwabo, unethuba elihle lokusikisela indlela engcono.

Yenza abazali bakho bakwethembe. Ukuthola ukwethenjwa abazali bakho kufana nokuqongelela imali ebhange. Ungakhipha leyo obuyifakile kuphela. Ukusebenzisa imali engaphezu konayo kubangela ukuba uhlawule, futhi ukukwenza kaningana kungabangela ukuba ivalwe ngokuqondile i-akhawunti yakho yasebhange. Ukuthola ilungelo elengeziwe kufana nokukhipha imali ebhange; uyolinikezwa uma nje usuzakhele idumela elihle lokuziphatha.

Ungeqisi kulokho okulindele. Abazali banomthwalo wemfanelo wokulawula lokho okwenzayo ngendlela enengqondo. Ngakho, iBhayibheli likhuluma ‘ngomyalo kayihlo’ ‘nangomthetho kanyoko.’ (IzAga 6:20) Noma kunjalo, akufanele ube nomuzwa wokuthi imithetho yasekhaya izokonakalisa ukuphila kwakho. Ngokuphambene nalokho, uma uthobela igunya labazali bakho, uJehova uthembisa ukuthi, ngokuhamba kwesikhathi, ‘kuyokuhambela kahle’!—Efesu 6:1-3.

Lapho Kwephulwe Umthetho

Kungenzeka ujwayelene nalesi simo: Wephule umthetho wesikhathi sokubuya ekhaya, awuyenzanga imisebenzi yakho yasekhaya, noma usebenzise ucingo isikhathi eside. Manje kufanele ulandise kubazali bakho! Ungakugwema kanjani ukwenza isimo sibe sibi kakhulu?

Khuluma iqiniso. Akusona isikhathi sokuqamba amanga lesi; khuluma iqiniso futhi uyichaze yonke imininingwane. (IzAga 28:13) Ukuhubhuza amanga kungenza abazali bakho bangabe besakwethemba nhlobo. Gwema ukuthethelela noma ukunciphisa iphutha olenzile. Khumbula ngaso sonke isikhathi ukuthi “impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.”—IzAga 15:1.

Xolisa. Ukubonisa ukuzisola ngokukhathazeka, ngendumalo noma ngomsebenzi omkhulu owubangele kuyafaneleka futhi kunganciphisa nesijeziso. (1 Samuweli 25:24) Nokho, ukudabuka kwakho kufanele kube qotho.

Yamukele imiphumela. Ungase uqale ngokungavumelani nesijesizo, ikakhulukazi uma sibonakala singenabo ubulungisa. (IzAga 20:3) Nokho, ukuthwala imiphumela yalokho okwenzile kuwuphawu lokuvuthwa. (Galathiya 6:7) Into engcono ongayenza kungaba ukusebenzela ukuphinde wethenjwe abazali.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

  • Yimiphi imithetho okuthola kunzima ukuyithobela?

  • Yimaphi amaphuzu akulesi sihloko angakusiza ubhekane nemithetho yabazali?

  • Ungenza kanjani ukuba abazali bakho bakwethembe ngokwengeziwe?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela