Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 13-k. 15 isig. 5
  • Ngangiyindodana Esaphazayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngangiyindodana Esaphazayo
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngishiya Ikhaya
  • Emadolobheni Amakhulu
  • Ukuphila Njengomshushumbisi Wezidakamizwa
  • Ngagqunywa Ejele
  • Ukubuyela “Ebhizinisini”
  • Ukubuyela KuNkulunkulu
  • Ukuvala Igebe Lesikhathi Engasichitha
  • Umkhaya Owangithanda Ngempela
    I-Phaphama!—1995
  • “Uthando Alupheli Nanini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Iqiniso Lasindisa Ukuphila Kwami
    I-Phaphama!—1996
  • UJehova Uyisiphephelo Sami
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 13-k. 15 isig. 5

Ngangiyindodana Esaphazayo

Njegoba ilandiswa NguMeros William Sunday

Ngafundiswa ukuthanda uNkulunkulu ngisewusana; kodwa lapho sengineminyaka engu-18, ngavukela futhi ngalishiya ikhaya. Kwaphela iminyaka engu-13 ngiphila njengendodana esaphazayo yomfanekiso kaJesu. (Luka 15:11-24) Ngaba umdayisi wezidakamizwa ngacishe ngachitha nokuphila kwami. Ake nginitshele ukuthi yini eyabangela ukuba ngishintshe ukuphila kwami futhi ngibuyele ekhaya.

NGAZALWA abazali abangamaKristu ngo-1956, ngingowesibili ezinganeni ezingu-9. Sasihlala e-IIesha, idolobha eliseningizimu-ntshonalanga yeNigeria. Ubaba wakhuliswa njengomKatolika, kodwa ngo-1945 umfowabo kayise wamnika incwadi ethi The Harp of God.a Ngemva kokuyifunda, ubaba wafuna oFakazi BakaJehova. Ngo-1946 wabhapathizwa, umama walandela ngemva kwalokho.

Ngisakhumbula ukuthi uJehova wayengokoqobo kanjani kimi ebuntwaneni nendlela engangihlanganyela ngayo ngentshiseko ekushumayeleni nabazali bami. Ubaba wangifundela iBhayibheli. Ngezikhathi ezithile, u-Alice Obarah, umyeni wakhe owayengumbonisi ojikelezayo endaweni yakithi, naye wayengifundela. Abazali bami babefuna ukuba ngibe yisikhonzi sesikhathi esigcwele. Nokho, umama wasikisela ukuthi ngiqale esikoleni esiphakeme.

Nokho, ngokushesha nje lapho ngiqala kulesi sikole ngineminyaka engu-16, ngobulima ngaba nabangane ababengazihloniphi izimiso zeBhayibheli. Yeka ukuthi kwakuyiphutha eliwubuphukuphuku kanjani! Ngokushesha, ngaqala ukubhema nokuziphatha kabi. Ngabona ukuthi indlela yami yokuziphatha yayingahambisani nemiyalo engangiyithola emihlanganweni yobuKristu, ngakho-ke ngayeka ukuya kuyo nokuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu. Abazali bami bezwa ubuhlungu kakhulu, kodwa ngangingasenandaba nemizwa yabanye.

Ngishiya Ikhaya

Ngemva kweminyaka emibili esikoleni esiphakeme, ngashiya ikhaya ngaqala ukuhlala nabangane khona endaweni. Ngezinye izikhathi nganginyonyoba ngingene ekhaya, ngithathe noma yikuphi ukudla engikutholayo, ngibaleke. Ekhathazekile, ubaba wayeka ukungikhokhela esikoleni, enethemba lokuthi ngizoshintsha.

Kodwa cishe ngaso leso sikhathi, ngathola umfundaze. Imali yokungixhasa yayivela eScotland futhi ngezinye izikhathi ngangithola nezipho, kuhlanganise nemali. Phakathi naleso sikhathi, abafowethu ababili nabo bayeka ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova, konke lokhu kwaletha usizi olukhulu kubazali bami. Umama wangincenga izikhathi eziningi ekhala. Nakuba lokho kwakungenza ngiphatheke kabi, angizange ngizishintshe izindlela zami.

Emadolobheni Amakhulu

Ngemva kokuqeda isikole ngo-1977, ngaya eLagos ngathola umsebenzi. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngathola imali ngokungemthetho ngathenga ithekisi. Njengoba ngase nginemali eningi, ngaqala ukusebenzisa izidakamizwa nokuchitha isikhathi esiningi kuma-nightclub nasezindaweni zobufebe. Ngokushesha ukuphila kwaseLagos kwase kunesithukuthezi, ngakho ngo-1981 ngathuthela eLondon. Ngasuka khona ngaya eBelgium, lapho ngafike ngafunda khona isiFulentshi futhi ngabamba itoho endaweni yokudlela. Nokho, isikhathi sami esiningi ngasichitha ngithumela izimoto nemishini kagesi eNigeria.

Ubaba wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBelgium wacela ukuba baxhumane nami bazame ukungifundela iBhayibheli. Kodwa njalo lapho oFakazi befika emzini wami, ngangibaxosha. Ngaqala ukuya esontweni lapho khona sasidla, siphuze, sidlale nemidlalo ehlukahlukene ngemva kwenkonzo.

Ukuphila Njengomshushumbisi Wezidakamizwa

Ngo-1982, ngathumela ngomkhumbi imoto yohlobo oluphambili eNigeria ngabe sengiziyela mina echwebeni ngiyoyilanda. AbeHhovisi Lezinto Ezingenayo eNigeria bathola ukuthi amaphepha entela ayengowomgunyathi, ngakho-ke ngaboshwa izinsuku ezingu-40. Ubaba wangikhokhela ibheyili. Njengoba ngangidinga imali ukuze ngisule leli cala, ngaphindela eBelgium nezimpahla ezithile, kuhlanganise namakhilogremu amaningana ensangu. Ngemva kokuphuma phambili ecaleni lamaphepha omgunyathi, ngaba umshushumbisi wezidakamizwa.

Kolunye uhambo ngaboshwa eNetherlands. Izikhulu zomnyango wabavela kwamanye amazwe zangibuyisela ekhaya, zangifaka ebhanoyini elaliya ngqo eNigeria. Endizeni ngahlangana nabanye abashushumbisi bezidakamizwa, sahlela ukuhweba ngezidakamizwa ndawonye. Ngo-January 1984, ngathuthela kwelinye izwe lase-Afrika. Njengoba ngangikwazi ukukhuluma isiFulentshi, ulimi olukhulunywa kulo, ngakwazi ukuzakhela ubungane ngokushesha namaphoyisa, amasosha, kanye nezikhulu zomnyango wabavela ngaphandle. Ngaleyo ndlela sakwazi ukungenisa izinkulungwane zamakhilogremu ensangu kulelo zwe.

Ngagqunywa Ejele

Ngaphinde ngangena enkingeni. Ngangihlele nenduna yempi ukuba ingisize ngishushumbise izimpahla zami esikhumulweni sezindiza kulelo zwe. Kodwa yephuza ukufika emsebenzini, ngabe sengiboshwa. Amaphoyisa angishaya futhi angihlukumeza kangangokuba ngaze ngaquleka. Angiyisa esibhedlela afike angishiya khona, ecabanga ukuthi ngizokufa. Kodwa ngasinda futhi kamuva ngabekwa icala, ngagwetshwa.

Lapho ngiphuma ejele, umngane engangimcele ukuba anakekele umuzi wami wayesedayise yonke into engeyami wayesenyamalala. Ukuze ngiziphilise, ngaqala ukudayisa insangu ngokushesha. Nokho, ngemva kwezinsuku eziyishumi ngaphinde ngaboshwa ngadonsa izinyanga ezintathu ejele. Lapho ngidedelwa, ngangigula kangangokuba ngaphinde ngacishe ngafa. Ngandlela-thile, ngakwazi ukubuyela eLagos.

Ukubuyela “Ebhizinisini”

ELagos ngathola abanye engangisebenzelana nabo, sabe sesiya eNdiya, lapho sathenga khona i-heroin engabiza ama-dollar angu-600 000. Sasuka eBombay (esiyiMumbai) saya eSwitzerland, sabe sesiya ePortugal, ekugcineni saya eSpain. Sonke sathola inzuzo enkulu sabe sesibuyela eLagos ngezindlela ezingafani. Ngasekupheleni kuka-1984, ngadayisa ezinye izidakamizwa. Iphupho lami kwakuwukuba ngihlanganise ama-dollar ayisigidi bese ngizinza e-United States.

Ngo-1986, ngahlanganisa yonke imali enganginayo ngathenga i-heroin engaxutshwe nalutho eLagos. Ngaya nayo kwelinye izwe, kodwa yonke yaphelela ezandleni zomshushumbisi onobugovu ongazange angikhokhele. Ngisabela ukuphila kwami ngaphindela eLagos, ngaphandle kokuthi vu ngalokho okwakwenzekile. Ngangimpofu, ngokwezimali nangokomzwelo. Okokuqala ngqa ekuphileni kwami, ngahlala phansi ngacabanga ngenjongo yokuphila. Ngazibuza, ‘Kungani izinto zami ziya le nale?’

Ukubuyela KuNkulunkulu

Ngobunye ubusuku ngokushesha nje ngemva kwalokho, ngathandaza ngacela ukuba uJehova angisize. Ngakusasa ekuseni kwafika indoda esikhulile nomkayo bangqongqoza emnyango. BabengoFakazi BakaJehova. Ngabalalela ngesizotha, ngathatha nomagazini. Ngachaza, “Abazali bami bangoFakazi BakaJehova. U-Alice Obarah wayengifundela iBhayibheli.”

Le ndoda endala, uP. K. Ogbanefe, yaphendula: “Sibazi kakhulu abakwa-Obarah. Manje bakhonza ehhovisi lethu legatsha laseNigeria eLagos.” Banginxusa ukuba ngibabone. Ukubonana kwami nabakwa-Obarah kwangikhuthaza kakhulu. Ngemva kwalokho uMfoweth’ u-Ogbanefe waqala isifundo seBhayibheli nami, futhi ngokushesha ngaqala ukwenza ushintsho ekuziphatheni kwami okubi. Kwakungelula lokhu ngoba sase siside isikhathi ngisebenzisa izidakamizwa. Noma kunjalo, ngangizimisele ukulungisa ukuphila kwami.

Kodwa kwakunezilingo eziningi nezingcindezi! Labo ababethi bangabangane bami babefika lapho ngihlala khona bangilinge ngezithembiso. Ngesinye isikhathi ngaze ngabuyela ekubhemeni nasekuziphatheni okubi. Ngathandaza kuNkulunkulu ngamthululela konke okusenhliziyweni yami. Ngokushesha ngabona ukuthi njengoba abangane bezwe babengiphambukisile, babengeke bangisize manje. Ngaqaphela ukuthi ukuze ngithuthuke ngokomoya, kwakufanele ngithuthe eLagos. Kodwa nganginamahloni okubuyela ekhaya e-IIesha. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, ngabhalela ubaba nomfowethu omdala ngacela ukubuyela ekhaya.

Ubaba wangiqinisekisa ukuthi ngamukelekile ukubuyela ekhaya, futhi umfowethu wathi uzongisiza ngokwezimali. Ngakho-ke ngemva kweminyaka eyishumi ngishiye abazali bami, ngabuyela ekhaya. Ngemukelwa ngemfudumalo. Umama wamemeza, ethi: “Siyakubonga, Jehova!” Lapho ubaba efika ngalobo busuku, wathi: “UJehova uzokusiza.” Njengoba wonke umndeni wawuhlangene ndawonye, wathandaza kuJehova, emcela ukuba angisize njengoba ngase ngibuyele ukuzokwenza intando yaKhe.

Ukuvala Igebe Lesikhathi Engasichitha

Ngaphinde ngaqala isifundo sami seBhayibheli futhi ngathuthuka ngokushesha; ngabhapathizwa ngo-April 24, 1988. Ngokushesha ngaqala ukushiseka enkonzweni. Ngo-November 1, 1989, ngaqala ukukhonza njengephayona—umshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngo-1995, ngamenyelwa ekilasini leshumi leSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo eNigeria. Ngemva kwalokho, ngo-July 1998, ngabelwa njengombonisi ojikelezayo, ngihambela amabandla oFakazi BakaJehova. Ngemva konyaka, ngabusiswa ngoRuth, owaba umkami nomngane engihamba naye.

Namanye amalungu omkhaya wakithi aye athuthuka ngokomoya. Omunye wabafowethu, naye owayeyekile ukukhonza uJehova, wabuyela ekukhulekeleni kweqiniso futhi wabhapathizwa. Ngiyajabula ukuthi ubaba wasibona sibuya. Wakhonza ebandleni njengenceku ekhonzayo ngenjabulo kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1993 eneminyaka engu-75 ubudala. Umama uyaqhubeka ekhonza uJehova ngentshiseko e-IIesha.

Angu-16 esewonke amazwe engaya kuwo ngifuna umcebo eYurophu, e-Asia, nase-Afrika. Ngenxa yalokho, ngazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi. (1 Thimothewu 6:9, 10) Uma ngibheka emuva, ngizisola kakhulu ngokuthi ngachitha isikhathi esiningi kangaka sobusha ezidakamizweni nasekuziphatheni okubi. Ngiyazisola ngobuhlungu engabubangela uJehova uNkulunkulu nomkhaya wakithi. Kodwa, ngiyajabula ngokuthi ngasinda ngaze ngakwazi ukubuyelwa yingqondo. Ngizimisele ukuhlala ngithembekile kuJehova futhi ngimkhulekele kuze kube phakade.

[Umbhalo waphansi]

a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa ayisanyatheliswa.

[Isithombe ekhasini 13]

Ngesikhathi ngisemusha ngivukela

[Isithombe ekhasini 15]

Ngosuku engabhapathizwa ngalo

[Isithombe ekhasini 15]

Nginomkami, uRuth

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela