Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/07 k. 18
  • Inswempe—Ayaziwa EHawaii

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inswempe—Ayaziwa EHawaii
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2007
  • Uhambo Olungenakulibaleka Lokuya ENgorongoro Crater
    I-Phaphama!—2005
  • Ukwakheka Kweziqhingi
    I-Phaphama!—1998
  • Intaba-mlilo Enolaka Iphenduka Isiqhingi Esinokuthula
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 2/07 k. 18

Inswempe—Ayaziwa EHawaii

MINA nabangane bami sasilangazelela ukuvakashela eHawaii esiqhingini saseMaui. Sasifuna ukubona ukuphuma kwelanga ngokukhethekile siphezu kwentaba-mlilo iHaleakala, ephakeme ngamamitha angu-3 055. Sasitshelwe ukuthi kuyinto ewumbukwane. Into eyayiyinkinga ukuthi kwakufanele sivuke entathakusa ngehora lesibili sihambe ngemoto sinqamule isiqhingi sisuka eKapalua, lapho sasihlala khona. Ngemva kwalokho kwakufanele sicace intaba ngemoto. Sasicabanga ukuthi ukuhamba ekuseni kangaka kwakuzobangela isithukuthezi. Lutho neze! Sasiyingxenye yohide lwezimoto ezazikhuphuka kancane ngomgwaqo onamajika oya esiqongweni. Kwakumakhaza lapho sifika esiqongweni. Kodwa sasiphethe izingubo zokwembatha ukuze sifudumale.

Amakhulu abantu ayelinde ngesineke ukuphuma kwelanga cishe ngehora lesithupha ekuseni. Kwakunokulangazela okukhulu, futhi amakhamera ayemi ngomumo ukuze athwebule lesi simanga. Naso-ke isimanga! Ngaleyo nkathi yokulangazela, sadumala lapho sibona amafu eyothi mbo phezu komgodi wentaba-mlilo, asibange sisakwazi ukuthwebula izithombe eziyingqopha-mlando! Kodwa kuyinto ehlale ilindelekile ukuba kube njalo ezintabeni eziseduze kwePacific Ocean. Ngakho-ke kwadingeka ukuba sehlise umoya silinde amafu ukuba ahlakazeke kancane kancane ngenxa yokuphuma kwelanga. Ngemva kwalokho, kwenzeka esinye isimanga! Kude le, saqala ukubona lo mgodi wentaba-mlilo owomile onezindlela eziningi zokuhamba. Kwathi cosololo.

Ngokushesha sezwa umsindo ongajwayelekile—ukukokoza okuthi akufane nokwenkukhu. Sabe sesibona ukuthi lo msindo uvelaphi. Kwakuyinyoni enhle yaseYurophu nase-Asia yomkhaya wezinswempe, ebizwa ngokuthi i-chukar, egama layo lesiLatini lithi Alectoris chukar. Phakathi nenkathi yokuzalela ichitha isikhathi esiningi isesidlekeni. Ayizange ikhethe ukundiza ibaleke kodwa yakhetha ukugijima ibaleka.

Kwenzeka kanjani ukuba lolu hlobo lwenyoni lube sesiqhingini esihle saseMaui? Kuthiwa lezi zinyoni zalethwa kule ndawo. Ezwekazini laseNyakatho Melika, lezi zinyoni ziyadedelwa ukuze zizingelwe. Sakubona kuyilungelo elikhulu ukuba okungenani sikwazi ukuyibonela eduze le nyoni enamahloni.—Inikelwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela