Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Siyafanelana Nalo Muntu?
AKUKHO okungalungile nganoma iyiphi yalezi zimfanelo ezingenhla. Ngayinye iyakhanga. Kodwa awuvumi yini ukuthi uma usasha amashushu ngothando lokuthatheka lapho usemusha, uvame ukugxila ezimfanelweni ezingabalulekile, njengalezo ezisohlwini olungasesandleni sobunxele?
Nokho, njengoba uya uvuthwa, uqala ukusebenzisa amandla akho okuqonda ukuze uhlolisise izinto ezijulile, njengalezo ezisohlwini olungasesandleni sokudla. Ngokwesibonelo, uqala ukubona ukuthi lowaya phuma langa sikothe wangakini angase angabi umuntu onokwethenjelwa noma lowaya mfana odumile ekilasini angase angabi umuntu oziphethe kahle. Uma ‘usudlulile ekuqhumeni kobusha’—okuyisikhathi sokuphila lapho izifiso zobulili ziqale zibe namandla khona—cishe uyobheka ngalé kwezimfanelo ezibonakala ngaphandle ukuze uphendule lo mbuzo, Ingabe siyafanelana nalo muntu?—1 Korinte 7:36.
Ingabe Noma Ubani Nje Ufanelekile?
Njengoba isikhathi siqhubeka, baningi abantu bobulili obuhlukile abangase bakukhange. Kodwa awunakukhetha noma ubani. Ingani phela ufuna umngane wokuphila kwakho konke, othile eniyokwakhana naye. (Mathewu 19:4-6) Angaba ngubani-ke lowo muntu? Ngaphambi kokuba uphendule lowo mbuzo, kudingeka ‘uzibuke esibukweni’ bese uzihlaziya ngokwethembeka.—Jakobe 1:23-25.
Ukuze uzazi kangcono, phendula le mibuzo elandelayo:
Yiziphi izimfanelo zami ezinhle?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Kukuphi lapho ngibuthaka khona?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Nginaziphi izidingo ezingokomzwelo nezingokomoya?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Ukuzazi wena siqu akuwona neze umsebenzi omncane, kodwa ukuzibuza imibuzo enjengaleyo kungaba isiqalo esihle.a Lapho usuzazi kangcono, yilapho uyokulungela kangcono ukuthola othile oyokwakha kunokuba agqamise ubuthakathaka bakho. Kodwa kuthiwani-ke uma usumtholile umuntu ocabanga ukuthi niyafanelana naye?
Ingabe Lobu Buhlobo Buzophumelela?
Ukuze uphendule lowo mbuzo, ake ubhekisise lo mngane wakho ngomqondo ovulekile. Kodwa qaphela! Ungase uthambekele ekuboneni lokho ofuna ukukubona nje kuphela. Ngakho zinike isikhathi. Zama ukubona ubuntu bakhe bangempela.
Abantu abaningi abaqomene ababuki ngalé kwalokho okubonakala ngaphandle. Kunalokho, bayashesha ukubona izinto abafana ngazo: ‘Sithanda umculo ofanayo.’ ‘Sithanda ukwenza izinto ezifanayo.’ ‘Sivumelana ngazo zonke izinto!’ Kodwa njengoba sekubonisiwe ngaphambili, uma usudlulile ngempela ekuqhumeni kobusha, uyobheka ngalé kwezimfanelo ezingabalulekile. Kudingeka uqonde “umuntu osithekile wenhliziyo.”—1 Petru 3:4; Efesu 3:16.
Ngokwesibonelo, kunokuba ugxile ekutheni nivumelana kangakanani ngezinto, kungase kukuvule umqondo ukuqaphela ukuthi kwenzekani lapho ningavumelani. Ngamanye amazwi, lo muntu uzisingatha kanjani izingxabano—ngokuba ungqoshishilizi, mhlawumbe ebonakalisa “isifuthefuthe sentukuthelo” noma ekhuluma “inkulumo eyihlazo”? (Galathiya 5:19, 20; Kolose 3:8) Noma, ingabe ubonakala engumuntu onengqondo—okuwukuzimisela ukugoba uphondo uma nje kungaphulwa zimiso zokulungile nokungalungile?—Jakobe 3:17.
Esinye isici okumelwe usicabangele yilesi: Ingabe lo muntu uthanda ukuxhaphaza nokulawula abanye, noma unesikhwele? Ingabe ufuna umazise ngakho konke okwenzayo? Intokazi egama layo linguNicole ithi: “Isikhwele siwuphawu oluyingozi. Ngiye ngizwe ngemibhangqwana eqomene exatshaniswa ukuthi othile akanakuyimela indaba yokuthi omunye akazange amshayele ucingo asho ukuthi ukuphi—ngicabanga ukuthi lokho kuwuphawu olubi kakhulu.”
Balibheka kanjani abanye isoka lakho noma intombi yakho? Ungase uthande ukuxoxa nalabo asebenesikhathi bemazi lo muntu othandana naye, njengabantu abavuthiwe abasebandleni lakubo. Bayokutshela uma ‘ekhulunyelwa kahle.’—IzEnzo 16:1, 2.b
Ingabe Kufanele Nihlukane?
Kuthiwani lapho uqaphela ukuthi lo muntu oqomene naye ngeke abe ngumngane ofanelekayo womshado? Uma kunjalo, kungaba ukuhlakanipha ukuba ubuqede lobo buhlobo. IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.”—IzAga 22:3.c
Ngokuhamba kwesikhathi, ungase uthandane nomunye umuntu. Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi uyobe usunombono olinganisela ngokwengeziwe kule ndaba—oye wawuthola kulokho oye wabhekana nakho ngokoqobo. Mhlawumbe ngaleso sikhathi impendulo yakho kulo mbuzo othi “Ingabe siyafanelana nalo muntu?” iyoba ngu-yebo!
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole eminye imibuzo ongazibuza yona, bheka ikhasi 30 kuyi-Phaphama! ka-January 2007.
b Bheka nemibuzo esemabhokisini asemakhasini 19-20.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokwehlukana nothile, bheka amakhasi 12-14, kuyi-Phaphama! ka-March 22, 2001.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Yiziphi izimfanelo ezinhle eziyokwenza ube umngane omuhle womshado?
◼ Yiziphi ezinye zezimfanelo obuyozibheka kumngane womshado?
◼ Yiziphi izindlela ongafunda ngazo okwengeziwe ngobuntu, ukuziphatha nedumela lomuntu oqomene naye?
[Ibhokisi ekhasini 18]
Ake uthathe umzuzwana uphendule le mibuzo elandelayo:
Yiziphi izimfanelo njengamanje obungazibheka njengezibalulekile kumuntu ongase ushade naye? Kulolu hlu olungezansi, faka u-✔ ezimfanelweni ezine ocabanga ukuthi zibaluleke kakhulu. Kufanele abe umuntu
obukeka kahle ogxile ezintweni ezingokomoya
onobungane onokwethenjelwa
odumile oqotho
onamahlaya onemigomo
Lapho usemncane, ingabe wake wazizwa usha amashushu ngothile ngenxa yothando lokuthatheka? Ohlwini olungenhla, faka u-✘ emfanelweni owawuyithola ikukhanga ngalowo muntu ngaleso sikhathi.
Ingabe uyoba umyeni omuhle?
IZIMFANELO EZIYISISEKELO
❑ Ulisebenzisa kanjani igunya okungenzeka unalo?—Mathewu 20:25, 26.
❑ Iyini imigomo yakhe?—1 Thimothewu 4:15.
❑ Ingabe njengamanje usebenzela ekufinyeleleni leyo migomo?—1 Korinte 9:26, 27.
❑ Obani abangane bakhe?—IzAga 13:20.
❑ Uyibheka kanjani imali?—Hebheru 13:5, 6.
❑ Ujabulela uhlobo olunjani lokuzijabulisa?—IHubo 97:10.
❑ Indlela agqoka ngayo ibonisani?—2 Korinte 6:3.
❑ Ulubonakalisa kanjani uthando lwakhe ngoJehova?—1 Johane 5:3.
UBUNTU BAKHE
❑ Ingabe ukhuthele?—IzAga 6:9-11.
❑ Ingabe uyisebenzisa kahle imali?—Luka 14:28.
❑ Ingabe ukhulunyelwa kahle?—IzEnzo 16:1, 2.
❑ Ingabe uyabahlonipha abazali bakhe?—Eksodusi 20:12.
❑ Ingabe uyabacabangela abanye?—Filipi 2:4.
IZIMPAWU EZIYINGOZI
❑ Ingabe uthambekele entukuthelweni?—IzAga 22:24.
❑ Ingabe uzama ukukunxenxela ekuziphatheni okubi?—Galathiya 5:19.
❑ Ingabe uyashaya noma uyahlambalaza?—Efesu 4:31.
❑ Ingabe kufanele aphuze ukuze ajabule?—IzAga 20:1.
❑ Ingabe unomona futhi uyazidla?—1 Korinte 13:4, 5.
IZIMFANELO EZIYISISEKELO
❑ Ukubonakalisa kanjani ukuthobeka ekhaya nasebandleni?—Efesu 5:21, 22.
❑ Indlela agqoka ngayo ibonisani?—1 Petru 3:3, 4.
❑ Obani abangane bakhe?—IzAga 13:20.
❑ Uyibheka kanjani imali?—1 Johane 2:15-17.
❑ Iyini imigomo yakhe?—1 Thimothewu 4:15.
❑ Ingabe njengamanje usebenzela ekufinyeleleni leyo migomo?—1 Korinte 9:26.
❑ Ujabulela uhlobo olunjani lokuzijabulisa?—IHubo 97:10.
❑ Ulubonakalisa kanjani uthando lwakhe ngoJehova?—1 Johane 5:3.
UBUNTU BAKHE
❑ Ingabe ukhuthele?—IzAga 31:17, 19, 21, 22, 27.
❑ Ingabe uyisebenzisa kahle imali?—IzAga 31:16, 18..
❑ Ingabe ukhulunyelwa kahle?—Ruthe 4:11.
❑ Ingabe uyabahlonipha abazali bakhe?—Eksodusi 20:12.
❑ Ingabe uyabacabangela abanye?—IzAga 31:20.
IZIMPAWU EZIYINGOZI
❑ Ingabe uthanda izingxabano?—IzAga 21:19.
❑ Ingabe uzama ukukunxenxela ekuziphatheni okubi?—Galathiya 5:19.
❑ Ingabe uyashaya noma uyahlambalaza?—Efesu 4:31.
❑ Ingabe kufanele aphuze ukuze ajabule?—IzAga 20:1.
❑ Ingabe unomona noma uyazidla?—1 Korinte 13:4, 5.