Ezentsha Yethu
Ukuphika KukaPetru UJesu
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UMATHEWU 26:31-35, 69-75.
Bangaki abantu obabona ngeso lengqondo kulesi sigcawu?
․․․․․
Ingabe ucabanga ukuthi abantu abakhulu noPetru babenobungane? benelukuluku? bethukuthele? noma okunye?
․․․․․
Ucabanga ukuthi uPetru wazizwa kanjani lapho esolwa?
․․․․․
Kungani uPetru amphika uJesu? Ingabe kwakungenxa yokungamthandi noma ngenxa yokunye?
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.—FUNDA ULUKA 22:31-34; UMATHEWU 26:55-58; UJOHANE 21:9-17.
Iyiphi indima okungenzeka ukuzethemba kukaPetru ngokweqile kwaba nayo ephutheni alenza?
․․․․․
UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyamethemba uPetru, nakuba ayazi ukuthi wayezokhubeka okwesikhashana?
․․․․․
Nakuba uPetru amphika uJesu, wabonisa kanjani ukuthi unesibindi kunabanye abafundi?
․․․․․
UJesu wabonisa kanjani ukuthi umthethelele uPetru?
․․․․․
Ucabanga ukuthi kungani uJesu abuza uPetru kathathu ukuthi, ‘Uyangithanda na?’
․․․․․
Ucabanga ukuthi uPetru wazizwa kanjani ngemva kokuxoxa noJesu, futhi ngani?
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokwesaba abantu.
․․․․․
Nozwela lukaJesu ngabafundi bakhe, ngisho nalapho benze amaphutha.
․․․․․
Yini ekuhlabe umxhwele ngalokhu kulandisa, futhi ngani?
․․․․․
․․․․․