Sidla Amacimbi
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EZAMBIA
ABANYE abantu bakhetha ukungawadli amacimbi. Kodwa baningi abanye abasijabulelayo lesi sidlo esingenamathambo esehla esiphundu. Amacimbi okuthiwa ama-Imbrasia belina awukudla okuthandwayo ezingxenyeni ezithile zase-Afrika. Kuleli zwekazi la macimbi aziwa kabanzi ngelithi mopane worm, okuyigama lesihlahla somvuma (mopane tree) athanda ukuhlala kuso. Abantu abaningi basemaphandleni bakulangazelela ngentshiseko ukuyobutha lokhu kudla okunempilo okuphiqikayo. UKeith Leggett, we-Kalahari Conservation Society uthi: “Awumthombo obaluleke kakhulu wamaprotheni.” La macimbi anendima ebalulekile futhi esimisweni semvelo emahlathini asemathafeni avame ukoma futhi angavundile.
Njengoba izimvula zasehlobo zina kuyo yonke indawo ezingxenyeni eziseningizimu ye-Afrika ngasekuqaleni kuka-November, izwe liyavuseleleka. Izigidi zeziphungumangathi ezingaphansi komhlaba ezizimele sezingamabhu amahle. Ngamasonto ambalwa nje, inzalo yawo iyokhula isuka ekubeni amaqanda amancane ibe amaqhimiza bese iba “amasosishi” akhuluphele anemibala egqamile.
Ezindaweni lapho ngokuvamile kudliwa khona ukudla okunesitashi njengomdumbula nombila, amacimbi ayisishebo esijabulisayo. Nakuba engeyona intandokazi kwabaningi bethu, ukuba kwawo namaphesenti angu-60 amaprotheni kuwenza abe ukudla okubalulekile, ikakhulu lapho amaprotheni asezingeni eliphezulu ebiza kakhulu noma eyindlala khona. La macimbi anomsoco olinganayo nowenyama noma inhlanzi, njengoba equkethe izingxenye ezintathu kwezine zamaprotheni, amavithamini namaminerali adingwa umuntu omdala ngosuku. Yebo, lezi zinambuzane ezincane zinomsoco!
Ngokuqinisekile kuyabaxaka abantu abadla amacimbi ukuthi abalimi bakwezinye izindawo babhidlangile ekusebenziseni amakhemikhali abizayo ukuze babulale lezi zinambuzane ezinomsoco. Njengoba izigidi zazo zidla, zenza amaqabunga ngokuvamile angadliwa, futhi ngezinye izikhathi anobuthi, abe ukudla okubalulekile. Konke lokho zikufeza ngaphandle kokusebenzisa amathuluzi okulima abizayo futhi akudingeki mali yokuziyisa kodokotela bezilwane! Njengoba ebuthwa ngezandla, la macimbi awukudla okubalulekile okutholakala ngomzamo omncane kakhulu.
La macimbi awusizo kakhulu ekuvundiseni umhlaba nokulondoloza amahlathi endawo ezungezile. Nakuba indlovu iyisilwane esikhulu futhi idla kakhulu, isimiso sayo sokudla asilutho uma siqhathaniswa nesala macimbi amancane. Esikhathini sawo sokuphila esifushane, esingamasonto ayisithupha, inqwaba yala macimbi idla uhlaza oluphindwe kayishumi futhi ikhiqiza umquba ocishe uphindwe kane kunalowo okhiqizwa izindlovu ezilukela kuleyo ndawo efanayo. Akumangalisi-ke ukuthi umzimba wawo ukhula ngendlela emangalisayo ephindwe izikhathi ezingu-4 000! Yingakho-ke ukubuthwa kwawo okungalawulwa kunomthelela ekuvundeni kwenhlabathi nasekulondolozweni kwezinto eziphilayo nendawo ezungezile.
Abuthwa kanjani amacimbi? Njalo ngezikhathi zemvula, abesifazane basemaphandleni bayaqoqana ukuze bayowabutha mhlawumbe kabili ngonyaka. Emasontweni ambalwa babutha la macimbi, ababe sebewakhama, bawabilise bese bewomisa elangeni. Nokho, ukuwabutha nokuwalungisa la macimbi adliwayo kudinga ukucophelela okukhulu. Kumelwe kususwe uboya noma ameva ayisivikelo ahlobisa imizimba yezinye izinhlobo zala macimbi. Kumelwe kuqashelisiswe futhi phakathi nale nqubo yokuwalungisa ngoba amanye awo adla izitshalo ezinobuthi ezingaba yingozi kubantu. Lapho esomile, umuntu angavele awaklumuze nje enjalo, nakuba ngokuvamile ebuye afakwe emanzini, abiliswe nesitshulu, noma athoswe notamatisi no-anyanisi.
Umcabango nje wokudla amacimbi ungavusa imizwa ehlukahlukene kuwe, kungase kuthi wazame noma uzizwe ungakhululekile. Ungase ukhethe ukuligwema ithuba lokudla lesi sidlo esehla esiphundu. Kodwa khumbula, awumthombo obaluleke kakhulu wamaprotheni amaningi futhi angenisa imali eyengeziwe emikhayeni eminingi yase-Afrika.
[Izithombe ekhasini 26]
Amacimbi okuthiwa ama-“mopane worm” abaluleke kakhulu ngoba aqukethe amaprotheni amaningi
[Isithombe ekhasini 27]
Esikhathini sawo sokuphila esifushane esingamasonto ayisithupha, umzimba wawo ukhula ngokuphindwe izikhathi ezingu-4 000