Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/12 kk. 26-27
  • Izinambuzane Ezidliwayo—Isidlo Esingasoze Sasilibala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinambuzane Ezidliwayo—Isidlo Esingasoze Sasilibala
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Idili Ehlathini
  • Aphephile Futhi Akulungele Ukudliwa Abantu
  • Isidlo Esiyinhloko
  • Ukuphila Okumangalisayo Kwezinambuzane
    I-Phaphama!—2000
  • Sidla Amacimbi
    I-Phaphama!—2007
  • Ibhu Elihle
    I-Phaphama!—2001
  • Ukudla Okusheshayo Kwezinambuzane
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 6/12 kk. 26-27

Izinambuzane Ezidliwayo—Isidlo Esingasoze Sasilibala

ABANGANE bethu abaningana bake basimema nomkami ukuba siyodla nabo endaweni ethule yaseBangui, inhloko-dolobha yeCentral African Republic.

Njengoba sifika bathi kithi, “Ngenani! Cishe senifile yindlala!” Ngisho nangaphambi kokuba singene, sikhangwa iphunga elimnandi lika-anyanisi, ugaliki nezinye izinongo futhi kuyachwaza njengoba abangane bethu bexoxa. Osimemile, u-Ella, usixoxela ngesidlo esizosijabulela.

“Izinambuzane ziwumthombo obalulekile wamaprotheni kubantu abaningi baseCentral Africa,” kusho u-Ella. “Kodwa asizidli nje ngenxa yokuthi kufanele; sizidla ngoba zimnandi.” Uyanezela, “Namuhla sizodla ama-makongo—amacimbi.”

Kwakungafanele kusimangaze lokho. Nakuba isidlo sezinambuzane singeke sakhanga kuwo wonke umuntu, emazweni angaphezu kwekhulu, izinambuzane ezithile zibhekwa njengesibiliboco.

Idili Ehlathini

Kunezinhlobo ezihlukahlukene zezinambuzane ezidliwayo eCentral African Republic. Ngezikhathi zemvula, izinhlwabusi ziphithizela ezidulini zemihlwa noma emadolobheni zigcwale ezibanini zikagesi. Ngemva kwemvula yakusihlwa, izingane ziyagijima zizibuthe ngobhasikidi—ngokuvamile, zilokhu ziziphonsa emlonyeni zibe zichwaza injabulo. Izinhlwabusi zingomiswa elangeni bese zidliwa, zingagazingwa zifakwe usawoti kanye nopelepele ogayiwe noma zingase zenziwe isitshulu noma zifakwe emadombolweni.

Ama-kindagozo, okungamaboni aluhlaza agcwala kule ndawo ngezinkathi ezingenamvula. Abantu baseCentral Africa bayawagazinga noma bawabilise ngemva kokuba bewachuthe imilenze nezimpiko.

Kunezinhlobo eziningi zamacimbi adliwayo kulo lonke leli zwe. Samenywa ukuba sizodla amacimbi ohlobo lwe-Imbrasia. Ibhu elikhulu elinsundu lizalela amaqanda alo ezihlahleni ze-sapelli. Ngemva kokuba amacimbi esechanyuselwe, abantu bendawo bayawaqoqa bawageze. Ngemva kwalokho babe sebewapheka bawafake utamatisi, u-anyanisi nezinye izithako kuye ngendlela umkhaya opheka ngayo. Amanye angase onyiswe noma afuswe ngethuthu ukuze angonakali. Ungakwazi nokuwagcina kuze kuphele izinyanga ezintathu engakonakali.

Aphephile Futhi Akulungele Ukudliwa Abantu

Nakuba kungezona zonke izinambuzane ezidliwayo, eziningi ziphephile uma zitholakale ezindaweni ezingenazo izibulala-magciwane nomquba onamakhemikhali futhi ziphekwe ngendlela efanele. Yiqiniso ukuthi kufanele baqaphele labo abanemizimba engezwani nezinambuzane zasolwandle, njenge-shellfish, nayo eyisinambuzane. Ngokungefani ne-shellfish ephila ngokudla izinto ezibolile, izinambuzane eziningi ezidliwayo zidla amacembe ahlanzekile kuphela kanye nezitshalo imizimba yabantu ebingeke ikwazi ukuzigaya.

Amacimbi awukudla okunomsoco ngokumangalisayo nakuba kungalindelekile ngenxa yobuncane bawo. NgokweNhlangano Yokudla Nezolimo YeZizwe Ezihlangene, amacimbi omisiwe anamaprotheni aphindwe izikhathi ezingaphezu kwezimbili kunalawo atholakala enyameni yenkomo. Ochwepheshe bokudla sebebheka izinambuzane njengokudla okunomsoco okungondla abantu emazweni asathuthuka.

Kuye ngokuthi umuntu udla luphi uhlobo lwecimbi, amagremu ayikhulu nje kuphela angaba nengxenye enkulu yezakhi ezibalulekile ezidingekayo usuku ngalunye ezinjenge-calcium, okusansimbi, i-magnesium, i-phosphorus, i-potassium, ne-zinc, kanye nezinye izakha-mzimba. Ngaphezu kwalokho, ufulawa owenziwe ngamacimbi atholakala emhlabathini ungase wenziwe idokwe ukuze kudle izingane ezingondlekile kahle.

Ngaphandle komsoco otholakalayo, ukudla izinambuzane kunezinye izinzuzo. Ukudla izinambuzane kuyiphatha kahle imvelo. Kudinga amanzi amancane futhi kukhipha igesi encane ebamba ukushisa. Ukwenezela kulokhu, ukudla amacimbi kuyindlela engokwemvelo yokulawula izinambuzane.

Isidlo Esiyinhloko

Njengoba sasimagange silindele lesi sidlo esikhethekile, sakhumbula ukuthi isivumelwano soMthetho esasinikwe u-Israyeli wasendulo sathi izintethe zihlanzekile. Izinceku zikaNkulunkulu weqiniso ezinjengoJohane uMbhapathizi, zazizidla. (Levitikusi 11:22; Mathewu 3:4; Marku 1:6) Noma kunjalo, singase siqale singabaze ukudla into esingayijwayele.

U-Ella waqhamuka ekhishini ephethe isidlo esishisayo esajabulisa wonke umuntu. Kwakukhona nabanye abangu-8 ababemomotheka abangabakhona lapho eCentral Africa, kanti phambi kwethu kwakunezitsha ezimbili ezinkulu ezinamacimbi. Njengezivakashi, saba nelungelo lokuphakelwa kuqala futhi saphakelwa okuningi.

Singasho sithi: “Uma uba nelungelo lokudla ukudla okungabizi, okumnandi nokunempilo, unganqikazi! Awusoze wakulibala.”

[Isithombe ekhasini 27]

Ama-makongo angaphekiwe

[Isithombe ekhasini 27]

Ama-kindagozo aselungele ukudliwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela