Isizathu Sokushiya Kwami Esekisini
NJENGOBA ILANDISWA NGUMARCELO NEÍM
NGAZALELWA eMontevideo, e-Uruguay. Nakuba abazali bami babemesaba uNkulunkulu, babengasonti. Umama washona engozini ngiseneminyaka emine ubudala, ngabe sengikhuliswa izihlobo ezazama ukugxilisa kimi izindinganiso ezinhle zokuziphatha. Lapho sengineminyaka engu-20, nganquma ukuhamba izindawo ezihlukahlukene ukuze ngazi amazwe ahlukene namasiko.
Lapho ngiseColombia ngaqala ukusebenza njengomsizi emasekisini. Ngabona indlela abadlali besekisi ababebonakala bejabula ngayo lapho izixuku zishaya ihlombe, futhi ngafuna ukuba omunye wabo. Ngakho-ke ngaziqeqeshela ukudlala ngebhayisikili, ngaya ngokuya ngisebenzisa amancane kwaze kwaba yilapho sengikwazi ukudlala ibhayisikili elingamasentimitha angu-12 ubude—elingelinye lamancane kakhulu emhlabeni. Laliphelela esandleni sami. Ngaqala ukujabulela isilinganiso esithile sodumo kulo lonke elaseNingizimu Melika. Lapho sengineminyaka engu-25, ngafika eMexico ngasebenza emasekisini amaningi.
Ukuphila Kwami Kwashintsha Ngokushesha
Ngangikuthanda ukuphila kwasesekisini. Kwakuhilela ukuhamba kakhulu, ukuhlala emahhotela aphambili, nokudla ezindaweni eziphambili. Ngesikhathi esifanayo, nganginomuzwa wokuthi ukuphila kwami akunanjongo, futhi ngangingenalo ithemba ngekusasa. Ngenye intambama ukuphila kwami kwashintsha. Umphathi wohlelo esekisini wanginika incwadi ayeyitholile, eyayinesihloko esithi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!a Ngemva kombukiso ngayifunda kwaze kwaba sentathakusa. Nakuba kwakungelula ukuyiqonda le ncwadi, incazelo yesilo sasendle esibomvu klebhu nesifebe sesAmbulo yangithakazelisa. (IsAmbulo 17:3–18:8) Khona-ke, ngathi ngihlanza inqola yokuthwala izimpahla engangiyithengile, ngathola enye futhi incwadi eyayishicilelwe abanyathelisi abafanayo, ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.* Yayiqondakala kalula, futhi ngokushesha ngabona ukuthi kufanele ngishumayele. Ngakho ngokushesha ngaqala ukuxoxa nabo bonke engihlangana nabo ngengangikufundile.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngabona isidingo sokuxhumana noFakazi BakaJehova. Kule ncwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo kwakunenombolo yocingo yentombazane enguFakazi eyayishiyele umngane wami le ncwadi. Ngakho-ke ngashaya ucingo, futhi ubaba wale ntombazane wangimemela emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova eTijuana, eMexico. Lwangihlaba umxhwele uthando olwaluboniswa lapho futhi ngaqiniseka ukuthi lena yinkolo yeqiniso. Noma kuphi lapho isekisi laliya khona, ngangiya eHholo LoMbuso lendawo futhi ngithole izincwadi ukuze ngishumayele ngokwethukela.
Kunokuthile okwenzeka okwangiqinisekisa nakakhulu ukuthi ngangihamba ngendlela elungile. OFakazi bangimemela eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu futhi bachaza ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba amaKristu abe khona. Kodwa kwakuwusuku lokuvula isekisi, futhi ngacabanga ukuthi anginakukwazi ukuba khona. Ngathandaza ngokujulile kuJehova ngale ndaba, futhi kwenzeka isimanga. Kusasele amahora amabili ngaphambi kokuba kuqale umdlalo wesekisi, kwahamba ugesi! Ngaleyo ndlela, ngakwazi ukuya eSikhumbuzweni futhi kwathi kamuva ngabuyela emuva ngayodlala. Kimina kwabonakala sengathi uJehova wayewuphendulile umthandazo wami.
Ngesinye isikhathi ngangisakaza amapheshana ngisalindile emgqeni wasebhange. Umdala othile ongumKristu wangibona futhi wangitusa ngentshiseko yami. Wangikhuthaza ukuba ngishumayele ngendlela ehlelekile, ngaphansi kokuqondisa kwebandla. Wangichazela ngothando ukuthi kwakudingeka ngenze ushintsho ekuphileni kwami ukuze ngishumayele. Ngesikhathi ngisacabanga ngalolu shintsho, ngathenjiswa umsebenzi okhokhela kakhulu esekisini e-United States. Inhliziyo yami yahlukana phakathi. Ngangifuna ukuya e-United States, kodwa uma ngiwamukela umsebenzi, ngangingazi ukuthi kuzokwenzekani ngenkambo engase ngiyiqalile. Lolu kwakuwuvivinyo lwami lokuqala, futhi ngangingafuni ukudumaza uJehova. Naphezu kokumangala kwengangisebenza nabo esekisini, ngalishiya isekisi, ngazinza ebandleni, ngagunda izinwele zami ezinde, futhi ngenza nolunye ushintsho endleleni yami yokuphila ukuze ngifanelekele ukukhonza uJehova.
Ukuphila Okwanelisayo Ngaphandle Kokuzisola
Ngo-1997 ngaphambi nje kokuba ngibhapathizwe njengomunye woFakazi BakaJehova, ngathola uvivinyo lwesibili—elinye ithuba lokuya e-United States, kulokhu kwakungelokuyodlala ohlelweni oludumile lwethelevishini eMiami futhi zazizokhokhelwa zonke izindleko. Kodwa ngangifuna ukubhapathizwa futhi ngifeze ukuzinikezela kwami kuJehova. Ngakho-ke ngawenqaba lowo msebenzi, bamangala kakhulu nabameleli balolu hlelo.
Abanye abantu baye bangibuze ukuthi ngiyazisola yini ngokushiya isekisi. Impendulo yami ukuthi angisoze ngenana ubuhlobo bami noJehova nothando ngokuphila engangikuphila ngaphambili. Nakuba umsebenzi wami omusha njengesikhonzi sesikhathi esigcwele esingumKristu ungangenzi ukuba ngishayelwe ihlombe, ngibe nodumo noma ingcebo yaleli zwe, ukuphila kwami sekunenjongo. Ngigcwele ithemba eliyigugu lokuphila emhlabeni oyipharadesi nelokwamukela umama ovukweni.—Johane 5:28, 29.
[Umbhalo waphansi]
a Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.