Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 6/1 kk. 28-31
  • Iphupho Lami Kwakuwukudlala Esekisini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iphupho Lami Kwakuwukudlala Esekisini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiqalo Sempilo Entsha
  • Isono Esikhulu
  • Ngiyajabula Naphezu Kokukhubazeka
  • Isizathu Sokushiya Kwami Esekisini
    I-Phaphama!—2007
  • Umkhankaso Okhethekile EBulgaria Uyaphumelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Inkululeko Engokwenkolo EBulgaria
    I-Phaphama!—1992
  • UJehova Uye Wanginikeza Amandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 6/1 kk. 28-31

Iphupho Lami Kwakuwukudlala Esekisini

Ilandiswa uZoya Dimitrova

Ngesikhathi ngineminyaka engu-15, iphupho lami lafezeka futhi ngaqala ukudlala esekisini. Kodwa ngo-September 4, 1970, ngavelelwa yingozi. Ngazigcina ngenza izimanga phezulu lé emoyeni, ngokuphazima kweso ngase ngiwe bhú phansi.

NGAZALWA ngo-December 16, 1952, futhi mina nodadewethu sakhuliswa yibo bobabili abazali bethu eSofia, eBulgaria. Ngaleso sikhathi, iBulgaria yayiyizwe lobuKhomanisi futhi inkolo yayivunyelwe kodwa yayingathandisiswa kahle. Iningi labantu lalingakholelwa kuNkulunkulu, nalabo ababekholelwa, iningi labo lalikugcina kuyimfihlo. Nakuba umndeni wakithi wawuzibiza ngokuthi ungama-Orthodox, abazali bami abazange bangifundise ngoNkulunkulu ngakho ngangingenandaba naye.

Kwangikhanyela ngisemncane ukuthi ngithanda zonke izinhlobo zemidlalo, ikakhulukazi owama-gymnastic (umdlalo wokuzivocavoca). Lapho ngineminyaka engu-13, kwafika indoda esikoleni ifuna intombazane eyayizoqeqeshelwa ukudlala esekisini. Uthisha owayengifundisa ukuzivocavoca wayitshela ngami. Lokho kwaholela ekutheni ngihlangane nethimba elahlola ukuthi ngiyafaneleka yini, futhi ngavivinywa yiqembu labaqeqeshi. Leso sikhathi sasimnandi ngoba ngangihanjiswa kulezi zindawo ngonyanyavu lwemoto yemenenja yohlobo lwaseMelika. Ngajabula ngafa lapho kukhethwa mina futhi ngaqala ukuzilolonga ngokuzikhandla nokujwayeza umzimba imikhuba ethile okwathatha iminyaka engaphezu kwemibili. Lapho ngineminyaka engu-15 ngaqeda ukuqeqeshwa kwami, ngaqala ukudlala esekisini ngihamba amazwe. Ekuqaleni, ngalihamba lonke elaseBulgaria futhi ngaya nasemazweni ayeke aba ngaphansi kweSoviet Union ngaze ngayofika e-Algeria, eHungary nasezweni elaliyiYugoslavia.

Ngadlala iminyaka emithathu esekisini futhi ngayijabulela kakhulu ngoba kwakufezeka amaphupho ami. Ngolunye usuku ngidlala eTitov Veles, eMacedonia, ngehlelwa ingozi engikhulume ngayo ekuqaleni. Nakhu okwenzeka: Uzakwethu wayelengiswe ngentambo ebheke phansi. Wangibamba wangiphonsela emoyeni, ngaphenduphenduka ngenza ezibukwayo. Lapho ngibuya ngazigeja izandla zakhe, kwanqamuka nentambo eyayenzelwe ukungibamba uma kwenzeka ngiwa. Ngantaza emoyeni ngisuka phezulu endaweni engamamitha ayisithupha ngaze ngayothanqazeka phansi. Ngaphuthunyiswa esibhedlela lapho kwatholakala khona ukuthi ngangiphuke ingalo, izimbambo eziningana nomgogodla. Kulezo zinsuku, umzimba wawutubekile futhi ngingakhumbuli ukuthi kwakwenzekeni. Lapho sengeluleme ngokwanele, ngaqaphela ukuthi ngangigogeke sonke isingezansi. Ngenxa yokuthi ngangisemncane ngazitshela ukuthi ukwelashwa noma ukuhlinzwa kwakuzongisiza ngiphinde ngikwazi ukuzihambela futhi mhlawumbe ngize ngibuyele nasesekisini.

Phakathi neminyaka emibili nengxenye eyalandela, ngathola ukwelashwa ezikhungweni ezisiza abantu abalimele, futhi ngangingakalilahli ithemba. Nokho, ekugcineni kwadingeka ngamukele ukuthi iphupho lami lase lishabalele nokuthi ngiyohlala esihlalweni sabakhubazekile ukuphila kwami konke.

Isiqalo Sempilo Entsha

Ngemva kokuphila ukuphila okumatasa, ngabona sengathi lolu shintsho lwalungaphezu kwamandla ami. Ngalahla ithemba futhi ngahlaselwa ukucindezeleka. Ngo-1977, kwafika insizwa emzini wami egama layo linguStoyan. Ngemva kokuzwa ukuthi ingumfowabo walowo engangidlala naye esekisini, ngayingenisa endlini ngokushesha. Ngesikhathi sixoxa yangibuza ukuthi nginalo yini ithemba lokuthi ngiyophinde ngilulame. Ngenxa yokuthi ngangingasakujabuleli ukuphila, ngayitshela ukuthi angisenathemba. Lapho ithi kimi nguNkulunkulu kuphela ongangisiza, ngayiphendula ngesankahlu, “Uma kunjalo, uthule uthini njengoba nginje?”

Saqala kanjalo ukuba nezingxoxo noStoyan, owayesanda kuba ngomunye woFakazi BakaJehova ngesikhathi esebenza e-United States njengomdlali wasesekisini futhi wangichazela ngomusa izithembiso ezimangalisayo zekusasa eziseBhayibhelini. Kwangijabulisa ukuzwa ukuthi maduze umhlaba uzoba ipharadesi. Isithembiso esithi “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona” sangithinta inhliziyo. (IsAmbulo 21:4) Yeka indlela engangifisa ngayo ukuphinde ngibe umqemane! Angipholisanga maseko, ngasamukela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Yaqala kanjalo-ke impilo entsha. Ekugcineni, ngase ngisitholile isisekelo sethemba langempela!

Ngangihlale ngibheke phambili esifundweni sami seBhayibheli masonto onke. Ngaqale ngafunda noStoyan, kamuva ngafundelwa uTotka, uFakazi onomusa. Ngosizo lwakhe, ngathuthuka olwazini lweBhayibheli futhi nganikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, akekho eSofia owayefaneleka ukungibhapathiza, ngakho kwadingeka ngilinde umzalwane owayevela eMacedonia. Ngo-September 11, 1978, cishe sekucela onyakeni ngiqale ukufunda iBhayibheli, ngabhapathizelwa obhavini emzini wami. Ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova kwangilethela injabulo enkulu futhi ukuphila kwami kwaqala ukuba nenjongo yangempela.

Iqiniso engangilifunde eBhayibhelini lalivutha njengomlilo ngaphakathi kimi. Ngangitshela wonke umuntu ofika ekhaya ngethemba lami elisha. Ngeshwa, akekho owayebonakala enendaba nengangikusho. Kungenzeka babecabanga ukuthi ingozi yayingithinte nengqondo.

Isono Esikhulu

Ngaleso sikhathi, oFakazi BakaJehova babevinjelwe eBulgaria, futhi kwakunoFakazi abambalwa ezweni lonke. Yayingekho imihlangano yebandla engangingaya kuyo, futhi kwakuqabukela ngihlangane nabanye oFakazi. Lokhu, kuhlanganise nokungazinaki izingozi zokujwayelana nalabo abangaphili ngemithetho yeBhayibheli, kwaholela ekutheni ngiwele esonweni esikhulu.

Unembeza wami wangidla kakhulu futhi ngezwa ubuhlungu bokuhlukaniswa noJehova uNkulunkulu. Ngephukile emoyeni futhi nginamahloni, ngathululela isifuba sami kuJehova, ngacela intethelelo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngosizo lwabadala, ngabuyiselwa ekuhlanganyeleni, ngaphinde ngathola injabulo yokukhonza uJehova. Yeka indlela engilazisa ngayo ilungelo lokukhonza uJehova ngonembeza ohlanzekile nangokuzihlanganisa nenhlangano yakhe ehlanzekile!

Ngiyajabula Naphezu Kokukhubazeka

Ingozi eyangehlela eminyakeni engu-40 edlule yalishabalalisa iphupho lami lokudlala esekisini nokuhamba amazwe, yangishiya ngihlezi esihlalweni sabakhubazekile. Kodwa uma ngibheka emuva anginalo usizi noma ukuzisola njengokungathi ukuphila kwami kuyize. Iqiniso leBhayibheli liye langisiza ukuba ngibone ukuthi isifiso sami sokuthola injabulo nokwaneliseka ngokudlala esekisini sasingeke singizuzise phakade. Abantu engangisebenza nabo esekisini abajabule. Kodwa mina ngiye ngathola ingcebo ezedlula zonke—ubuhlobo bomuntu siqu noMdali wami, uJehova uNkulunkulu. Lobu buhlobo buye banginikeza injabulo enkulu kakhulu ekuphileni kunaleyo engangizoyithola esekisini.

Ngaphezu kwalokho, ngiye ngajabulela ukubona abaningi bezuza ulwazi lweqiniso leBhayibheli futhi benikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu wethu onothando, uJehova. Ngesikhathi ngiqala ukufundelwa iBhayibheli ngo-1977, kwakunoFakazi BakaJehova abambalwa eBulgaria. Ngisho naseminyakeni yamuva nje ngo-1991, ngesikhathi bebhaliswa okokuqala ngemva kokuwa kombuso wamaKhomanisi, oFakazi babengadluli ngisho nasekhulwini ezweni lonke. Yeka injabulo engiye ngaba nayo ngokubona abamemezeli boMbuso banda kancane kancane njengoba namuhla bengu-1 800!

Nokho, usemningi umsebenzi okusamelwe wenziwe eBulgaria. Baningi abafuna ukwazi iZwi likaNkulunkulu. Lokhu kubonakala enanini eliphakeme labangu-3 914 ababekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngo-2010. Ngizizwa ngivukwa amadlingozi uma ngibona ubufakazi bokuthi uJehova uye wabusisa isiqalo esincane eBulgaria. Ngiye ngazibonela “omncane” eba “yisizwe esinamandla” njengoba kwabikezelwa ku-Isaya 60:22.

Enye into eyangijabulisa kakhulu ekuphileni kwami kwaba ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiBulgaria. Lokhu kwenzeka ngo-August 2009 eMhlanganweni Wesigodi owawuseSofia owawunesihloko esithi “Hlalani Nilindile!” Lafezeka iphupho lami lapho kukhululwa leli Bhayibheli ngolimi lwami! Akungabazeki ukuthi lizosiza abaningi ukuba bazuze ulwazi lweqiniso leBhayibheli eBulgaria.

Nakuba ukukhubazeka kwenza ngingakwazi ukwenza lokho ebengingathanda ukukwenza emsebenzini wokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngithola injabulo enkulu ngokuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nomakhelwane nanoma ubani ongivakashelayo. Ngelinye ilanga ngihlezi kuvulanda, ngabiza umakhelwane wami owayedlula ngendlela. Wangena futhi ngemva kokuxoxa naye ngezinto ezimbalwa eziseBhayibhelini, wasamukela ngokushesha isifundo seBhayibheli. Ngajabula kakhulu lapho kamuva ebhapathizwa futhi eba udadewethu ongokomoya. Ngiye ngaba nelungelo lokusiza abantu abane ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova.

Ngicabanga ukuthi injabulo enkulu nesikhuthazo ngikuthola ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu kanye nabazalwane nodade abangaphezu kwekhulu, asebefana nomndeni kimi. Ngikuthola kunzima ukuya emihlanganweni ngenxa yokuthi izwe lakithi alinawo amalungiselelo akhethekile ezinto zokuhamba kulabo abakhulile nabagulayo. Kodwa angive ngilwazisa usizo nokunakekela kothando komzalwane othile osemusha. Umhlangano ngamunye, uyangithwala angisuse endlini yami ayongifaka emotweni yakhe, angisuse emotweni angifake eHholo LoMbuso, aphinde enze okufanayo lapho imihlangano iphela. Yeka indlela engimbonga ngayo uJehova ngelungelo lokuba ingxenye yomndeni ongokomoya nonothando!

Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi ukuphila kwami kuhluke kakhulu kulokho engangikuphupha ngisemusha. Ukukhonza uJehova kuye kwanginikeza injabulo enkulu kakhulu kwamanje nethemba elimangalisayo lekusasa. Siyigugu kimi isithembiso sikaNkulunkulu esithi emhlabeni oyipharadesi, “olunyonga uyoqombola njengendluzele.” (Isaya 35:6) Ngibheke phambili ngokuqiniseka okuphelele osukwini lapho ngiyosuka esihlalweni sabakhubazekile, futhi ngijabulele ukuphila okuphelele nobungqabavu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]

“Injabulo enkulu nesikhuthazo ngikuthola ngokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 31]

“Into eyangijabulisa kakhulu ekuphileni kwami kwaba ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiBulgaria”

[Isithombe ekhasini 29]

Ngaqala ukudlala esekisini ngineminyaka engu-15

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela