Ukubuka Okwezwe
◼ Ngokwenhlolo-vo ethile, ukuhlinzwa lapho umama ebeletha kuyiphinda ngaphezu kwezinkathi ezintathu ingozi yokuba afe, kunalapho ebeletha ngokwemvelo.—I-OBSTETRICS AND GYNECOLOGY, E-U.S.A.
◼ Usosayansi uStephen Hawking wabuza lo mbuzo obala kuyi-Internet: “Ezweni eligcwele izinxushunxushu zezombangazwe, ezenhlalo nezemvelo, isintu singazigcina kanjani siphila eminye iminyaka eyikhulu?” Ngemva kwenyanga wavuma: “Angiyazi impendulo. Yingakho ngabuza lo mbuzo, ukuze ngenze abantu bacabange ngalokhu, futhi bazazi izingozi esibhekene nazo.”—I-GUARDIAN, EBRITHANI.
◼ Unyaka ngamunye izigidi ezingu-14 kuya kwezingu-19 zabantu baseTanzania abayizigidi ezingu-37 ziphathwa umalaleveva. “Lesi sifo sibulala abantu abangaba ngu-100 000 njalo ngonyaka kuleli zwe.”—I-GUARDIAN, ETANZANIA.
Izinhlanzi Zivikela Amanzi
Amadolobha amaningi aseNyakatho Melika asebenzisa izinhlanzi ezivamile ezibizwa ngokuthi ama-bluegill ezizwela kakhulu kumakhemikhali asendaweni ezungezile, ukuze kuqashwe izinga lokuhlanzeka kwamanzi okuphuza. Umbiko we-Associated Press uyachaza: “Lezi zinhlanzi zifakwa emathangini anamanzi ashintshwa njalo avela kumasipala, futhi kunemishini esebenza imini nobusuku eqapha ushintsho endleleni yokuphefumula, yokushaya kwenhliziyo nokubhukuda yama-bluegill oluba khona uma kwenzeka amanzi eba nobuthi.” Lo mbiko uthi kwesinye isenzakalo eNew York City, “izinhlanzi zaqaphela ukuthi kuno-diesel kusasele amahora amabili ngaphambi kokuba noma yimiphi . . . eminye imishini yokuhlola amanzi ikuthole lokhu,” futhi ngaleyo ndlela zavimbela ukuba ubuthi bungafinyeleli emanzini asetshenziswa umphakathi.
Ukunyuka Kwamazinga E-nicotine
Nakuba imikhankaso yezempilo yomphakathi ibilokhu inxusa ababhemayo ukuba bayeke, ngesinyenyela izinkampani zikagwayi bezilokhu “zenza ugwayi uluthe kakhulu kunangaphambili” ngokuphakamisa izinga le-nicotine “ngamaphesenti ayishumi ezinyangeni eziyisithupha ezidlule,” kubika i-New York Times. Isivivinyo esisha, okucatshangwa ukuthi siyilingisa kahle kakhulu imikhuba yabantu ababhema ngempela, siye sembula ukuthi izinkampani zikagwayi zizama “ukuthonya abantu abasebasha ukuba babheme futhi zivimbele asebekhulile bangayeki.” Lapho kuhlolwa “cishe zonke izinhlobo [zikagwayi] kwatholakala ukuthi zinesilinganiso esiphezulu se-nicotine ukuze abantu babe yimilutha ngokuphelele.”
Ingalo Yokufakelwa Elawulwa Ngokucabanga
Indoda ethile e-United States eyanqunywa zombili izingalo ngemva kwengozi manje isisebenzisa ingalo yokufakelwa elawulwa ngokucabanga. Iyakwazi ukukhwela iladi, ukusebenzisa ibhulashi lokupenda, ngisho nokwanga abazukulu. I-Cable News Network iyachaza, “Ingalo yakhe yangakwesobunxele isebenza ngobuchwepheshe be-electromechanical obulawulwa ubuchopho. Le ndoda ivele icabange ukuthi, ‘Vala isandla,’ bese amaza kagesi ethunyelwa ezinzweni ezifakwe engalweni zenze isandla sivaleke.” Ama-electrode ezwa ukunyakaza kwemisipha okubangelwa ukucabanga abese ekuthumela kuyi-computer esengalweni. Yona yenza ukuba kunyakaze imishini emincane esengalweni yokufakelwa, eyenza ukuba izingxenye zayo zilingise iminyakazo ethile evamile yendololwane nesandla.
Izinkulungwane Zezilwane Ezintsha!
Zicishe zibe ngu-17 000 izilwanyana ezintsha ezitholakala minyaka yonke, ngokwephephandaba laseTahiti i-Fenua Info. Cishe amaphesenti angu-75 alezi zilwanyana ezintsha yizinambuzane, kodwa phakathi kweziye zatholakala kukhona nezilwane ezinomhlandla ezingu-450, kuhlanganise nezinhlobo ezingu-250 zezinhlanzi nezilwane ezincelisayo ezingu-20 kuya kwezingu-30. Izingxenye ezimbili kwezintathu zezilwane ezincelisayo amagundane namalulwame, futhi leli phephandaba lithi, “ngokwesilinganiso, kutholakala uhlobo oluthile lwezilwane ezingama-primate minyaka yonke,” okuyinto eyisimanga kososayensi. Uhlu lwezinto esezitholakele luhlanganisa izihlahla nezitshalo.