Isimangaliso Sokuhlakanipha Okungokwemvelo
“Ukufuduka kungenzeka kuyinqubo engokwemvelo ekhexisa kunazo zonke.”—COLLINS ATLAS OF BIRD MIGRATION.
NGO-DECEMBER 9, 1967, umshayeli webhanoyi wabona umhlambi wamadada angaba ngu-30 okuthiwa ama-whooper ulibangise e-Ireland undiza phezulu ebangeni eliphakeme ngokumangalisayo elingamamitha angu-8 200. Kungani wawundizela phezulu kangaka, lapho izinga lokubanda lalingaba ngu-40°C. ngaphansi kwezinga-qhwa? Ngaphandle nje kokuthi wawugwema isivunguvungu esihambisana nokukhithika uma undizela phansi, wawuthwelwe umoya onamandla owawuwenza uhambe ngesivinini esingamakhilomitha angaba ngu-200 ngehora. Kwalinganiselwa ukuthi lezi zinyoni zaqeda uhambo lwazo olungamakhilomitha angu-1 300 ukusuka e-Iceland kuya e-Ireland ngamahora angu-7 nje kuphela.
Inyoni engumpetha wokufuduka emhlabeni—i-arctic tern—izalela enyakatho ye-Arctic Circle kodwa ngesikhathi sasebusika enyakatho nenkabazwe, iya e-Antarctic. Ngokuvamile, le nyoni encane yasolwandle indiza ibanga eliphakathi kwamakhilomitha angu-40 000 nangu-50 000 ngonyaka—okulingana nokuzungeza umhlaba!
Onogolantethe bazalela eNyakatho Yurophu kodwa uma kusebusika enyakatho nenkabazwe, baya eNingizimu Afrika, okuyibanga elingamakhilomitha angu-24 000 ukuya nokubuya. Izinkulungwane zalezi zinyoni zinqamula kwa-Israyeli ekwindla nasentwasahlobo, zilandela uhlelo lwesikhathi olwalwaziwa ngezikhathi zeBhayibheli.—Jeremiya 8:7.
Ubani owazinika lokho kuhlakanipha okungokwemvelo? Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, uNkulunkulu wabuza indoda eqotho uJobe lo mbuzo olandelayo: “Ingabe ngukuqonda kwakho okwenza uheshe andizele phezulu, okwenza elulele amaphiko akhe emoyeni waseningizimu? Noma ingabe ukhozi luyalwa nguwe ukuba lundizele phezulu futhi lwakhe isidleke salo phezulu?” Ephendula, uJobe wadumisa uNkulunkulu kufanele ngenxa yamakhono amangalisayo ezinyoni nezinye izilwane.—Jobe 39:26, 27; 42:2.
Okuthile Okuphakeme Kunomzwelo Ongokwemvelo
Abantu, abayindalo kaNkulunkulu evelele kunayo yonke, abalawulwa umzwelo ongokwemvelo ngokuyinhloko. Kunalokho, sinenkululeko yokuzikhethela, sinonembeza nekhono lokubonisa uthando. (Genesise 1:27; 1 Johane 4:8) Ngenxa yazo zonke lezi zipho, singenza izinqumo ezifanele nezamukelekayo ngezinye izikhathi ezibonisa uthando olukhulu nokuzidela.
Kuyiqiniso, isimo sengqondo nokuziphatha komuntu ngokuyinhloko kuxhomeke ezindinganisweni zokuziphatha nezingokomoya azifundiswa, noma angazange azifundiswe, kusukela ebuntwaneni. Ngenxa yalokho, abantu bangase bahluke kulokho abakubheka njengokulungile noma okungalungile, okwamukelekayo noma okungamukeleki. Lo mahluko nawo ungabangela izingxabano, ukungabekezelelani, ngisho nenzondo, ikakhulukazi uma izinto ezinjengesiko, ubuzwe nenkolo zinethonya elinamandla.
Yeka ukuthi umhlaba ubuyoba ngcono kangakanani ukube wonke umkhaya wesintu ubuphila ngezimiso ezifanayo ezibonisa iqiniso lokuziphatha nelingokomoya, njengoba nje sithobela imithetho efanayo yemvelo! Kodwa ingabe ukhona onamandla nolwazi lokubeka izindinganiso ezisebenza emhlabeni wonke? Uma ekhona, ingabe uzokwenza noma ingabe usekwenzile? Leyo mibuzo izocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo.