I-“whooper Swan” Ebabazekayo
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
AMANZI aseGrindon Lake—ephahlwe amagquma aseNorthumbria, engekude nomngcele ophakathi kweNgilandi neScotland—ayebonisa umbala onsundu ngokubomvu wamagquma azungezile asitshekelwe inkomankoma. Njengoba ngangibuka, amahansi ayencothula izihloko zotshani basemanzini eduze kwequlo lama-snipe, ama-lapwing, namatitihoye anombala wegolide.
Ngokungazelele, njengoba inkungu yayiqala ukuphenya, ngezwa umsindo wokukhala kwezinyoni. Kwakuwumsindo omkhulu wama-whooper swan ayendizela phansi. Ayemahle ngendlela eyisimanga njengoba ethi cababa emanzini ngamaphiko anobude obungamamitha angaphezu kwamabili nengxenye. Phakathi no-October lama-swan andizela eningizimu esuka eRussia, e-Iceland, nasenyakatho Yurophu lapho amanzi asenyakatho eba iqhwa. Lapha athola ukudla—izitshalo zasemanzini, izilwanyana ezinamagobolondo, izimbewu, nezinambuzane.
Lama-swan angu-29 ayesechibini eliphambi kwami ayewumfanekiso ojabulisayo njengoba ngangibheka ngesibonakude sami amabala aphuzi angunxantathu ngezansi koqhwaku bawo. Ayebukeka emakhulu njengoba ayephakamise izinhloko zawo.
I-whooper yake yaba inyoni eyandile eBrithani kodwa yaqothulwa kulendawo ekhulwini le-18. Kuze kube manje ayikandi futhi. Ngesikhathi sokuzalela amaqanda ama-whooper ayizinyoni ezinolaka kakhulu, ezisivikela ngendlela esabekayo isidleke sawo esinamaqanda amahlanu kuya kwayisikhombisa, futhi kamuva amaphuphu, ezitheni ezingaba ingozi.
Abazali abangama-whooper bayabambisana ekwakheni isidleke ngezinti eziphukile, esiqhingini noma emanzini ngokuqondile lapho bakha khona isiqhingi esintantayo esinamandla okuthwala umuntu. Lapho amaqanda aphuzi afukanyelwa izinsuku ezisukela kwezingu-35 kuya kwezingu-42. Bobabili futhi abazali bondla amaphuphu ngaphambi kokuba ahambe ngemva kwesikhathi esingaba amasonto ayishumi.
Njengoba ilanga lishona ngemva kwesikaniso samaRoma esabhujiswa saseVercovicium, lenza ichibi nama-swan akulo abe nombala obomvana, ngama ngazindla ngobuhle bokuphila nokumangalisa kwendalo ebabazeka kangaka.