Isinyathelo 4
Bekani Imithetho Yomkhaya Bese Niyisebenzisa Ngokushesha
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? URonald Simons, isazi sezokuhlalisana sase-University of Georgia, uthi: “Iqiniso liwukuthi izingane ziphila kangcono uma kunemithetho ecacile kanye nemiphumela eqinile. Ngaphandle komthetho, izingane ziyazidla, zibe nobugovu futhi zingajabuli—futhi zenza nokuphila kwabo bonke abanye abantu kube nzima.” IZwi likaNkulunkulu likubeka kalula: “Uma uzithanda izingane zakho, uzozikhuza.”—IzAga 13:24, New Century Version.
Inselele: Ukubeka imingcele enengqondo yokuziphatha kwezingane zakho nokusebenzisa leyo mingcele kudinga isikhathi, umzamo nokuphikelela. Futhi kubonakala sengathi izingane zinokuthambekela okungokwemvelo kokubekela imingcele enjalo inselele. UMike noSonia, abakhulisa izingane ezimbili, bayifingqa kahle le nselele. Bathi: “Izingane zingabantu abasebasha abanemicabango nezifiso zabo kanye nokuthambekela kwemvelo kokwenza isono.” Laba bazali bayazifela ngamadodakazi abo. Kodwa bayavuma, “Ngezinye izikhathi, izingane zinenkani nobugovu.”
Ikhambi: Lingisani indlela uJehova asebenzelana ngayo nesizwe sakwa-Israyeli. Enye indlela abonisa ngayo uthando ngabantu bakhe kwakungokuyichaza ngokucacile imithetho ayelindele ukuba bayilandele. (Eksodusi 20:2-17) Wachaza nemiphumela yokungayilaleli leyo mithetho.—Eksodusi 22:1-9.
Ngakho, kungani ningenzi uhlu lwemithetho yasekhaya eninomuzwa wokuthi izingane kumelwe ziyilalele. Abanye abazali batusa ukulinganisela imithetho ekulolo hlu ibe mbalwa, mhlawumbe ibe mihlanu noma ngaphansi. Uhlu oluncane lwemithetho yasekhaya ekhethwe kahle kulula ukulusebenzisa kanye nokulukhumbula. Eceleni kwemithetho, bhalani imiphumela yokuphula leyo mithetho. Qinisekani ukuthi isijeziso sinengqondo futhi nizimisele ukusikhipha. Bukezani imithetho njalo ukuze bonke—kuhlanganise ubaba nomama—bazi kahle kamhlophe ukuthi yini elindeleke kubo.
Uma izingane zephula imithetho, zijeziseni ngokushesha, kodwa ngobumnene, ngesandla esiqinile futhi ningaguquguquki. Phawulani: Uma nithukuthele, lindani kuze kwehle ulaka ngaphambi kokuba nizijezise. (IzAga 29:22) Nokho, ningazindeli. Ningaqagulisani nezingane. Uma nizindela, izingane zenu ziyocabanga ukuthi leyo mithetho ayibalulekile. Lokhu kunjengalokho okushiwo iBhayibheli: “Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha, yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi.”—UmShumayeli 8:11.
Ningalisebenzisa kanjani igunya lenu ngendlela ezuzisa izingane zenu?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.”—Mathewu 5:37