Izinhliziyo Ezidabukile Nokuphelelwa Ukholo
“IZIDUMBU zazilele uyaca, futhi singasaboni nokuthi wawukuphi umuzi wethu,” kusho indoda ethile yaseSri Lanka ngemva kwe-tsunami eyacekela phansi idolobhana lakubo ngo-December 2004. Esihlokweni esasikhuluma ngale nhlekelele, umhleli wezenkolo wathi ngezinye izikhathi uzithola “ethandaza ebambe amazinyo.”
Abaningi babheka izinhlekelele zemvelo njengesijeziso sikaNkulunkulu. Omunye umlobi wachaza isiphepho esibhubhisayo ngokuthi “isibhakela sikaNkulunkulu.” E-United States, abanye abaholi benkolo bachaza izenzakalo ezinjengeSiphepho uKatrina ngokuthi “ziwulaka lukaNkulunkulu” “emadolobheni anesono.” ESri Lanka, amaBuddha ayizidlova asola amaKristu ngenxa ye-tsunami, okwabangela ukuhlukana okukhulu ngokwenkolo. Umphathi wethempeli lamaHindu wayenomuzwa wokuthi unkulunkulu uShiva wayethukuthele ngoba abantu babengaphili ngendlela efanele. Ekhuluma ngezinhlekelele zemvelo, umholi wenkolo yamaBuddha e-United States wathi: “Asazi ukuthi kungani lezi zinto zenzeka. Asazi nokuthi kungani silapha.”
Lapho ubona imizi ecekeleke phansi, ukufa kwabantu nabantu abanezinhliziyo ezidabukile, ingabe uke uzibuze, ‘Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka okungaka?’ Noma uke ucabange ukuthi, ‘Kumelwe ukuba uNkulunkulu unezizathu ezizwakalayo zokuvumela izinto ezinjengalezi kodwa akakasitsheli lezo zizathu’? Izihloko ezilandelayo zihlaziya le ndaba. Zidingida nezinyathelo eziwusizo abantu abangazithatha ukuze banciphise ingozi yokulimala nokufa uma kwenzeka kusongela inhlekelele noma yenzeka.
[Isithombe ekhasini 3]
Abaholi abaningi benkolo abazi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela izinhlekelele zemvelo