Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 12/1 k. 3
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasijezisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyasijezisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izinhlekelele Zemvelo—Kungani Ziningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe Izinhlekelele Zemvelo Ziyisijeziso SikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ingabe UNkulunkulu Usebenzisa Izinhlekelele Zemvelo Ukuze Ajezise Abantu Namuhla?
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 12/1 k. 3

Ingabe UNkulunkulu Uyasijezisa?

Ngemva kokuba iJapan ihlaselwe ukuzamazama komhlaba okungu-9.0 esikalini sokulinganisa amandla okuzamazama komhlaba ne-tsunami ngo-March 2011, isazi sezombusazwe esivelele kuleli zwe sathi: “Nakuba ngizizwela izisulu zenhlekelele, ngicabanga ukuthi lesi isijeziso sikaNkulunkulu.”

Lapho abantu abangaphezu kuka-220 000 bebulawa ukuzamazama komhlaba eHaiti ngo-January 2010, umfundisi odumile oshumayela kuyithelevishini wathi lokhu kubangelwe ukuthi izisulu “zenze isivumelwano nodeveli” futhi kudingeka “ziphendukele kunkulunkulu.”

Lapho abantu abangu-79 bebulawa ukunyathelana esiminyaminyeni eMalina, ePhilippines, umpristi ongumKatolika wathi: “UNkulunkulu ufuna ukuvusa onembeza bethu abafile nabangenandaba.” Elinye iphephandaba labika ukuthi “abantu abangamaphesenti angu-21 bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhipha ulaka lwakhe ngokudilika kwenhlabathi, izivunguvungu nezinye izinhlekelele” ezivame ukuhlasela leli zwe.

INKOLELO yokuthi uNkulunkulu ujezisa abantu ababi ngezinhlekelele ayiyintsha. Ngo-1755, ngemva kokuba ukuzamazama komhlaba, umlilo ne-tsunami kubhubhise abantu abangaba ngu-60 000 eLisbon, ePortugal, isazi sefilosofi esaziwayo uVoltaire, sabuza: “Ingabe ububi obutholakale eLisbon bedlulele kunobaseParis ekhonze injabulo nokutamasa?” Yiqiniso, izigidi zabantu ziye zazibuza ukuthi izinhlekelele zemvelo ziyisijeziso sikaNkulunkulu yini. Empeleni emazweni amaningi izinhlekelele ezinjalo zibizwa ngokuthi izenzo zikaNkulunkulu.

Ngenxa yakho konke lokhu, kudingeka sizibuze: Ingabe ngempela uNkulunkulu ubelokhu esebenzisa izinhlekelele zemvelo ukujezisa abantu? Ingabe izinhlekelele eziningi zamuva nje ziyisijeziso sikaNkulunkulu?

Ukuze babhece uNkulunkulu ngecala, abanye babhekisela ekulandiseni kweBhayibheli lapho uNkulunkulu abhubhisa khona abantu ngezinto zemvelo. (Genesise 7:17-22; 18:20; 19:24, 25; Numeri 16:31-35) Nokho, uma sihlola lokhu kulandisa kweBhayibheli ngakunye sithola ukuthi kuhluke ngezici ezintathu ezinkulu ezinhlekeleleni zanamuhla. Okokuqala, kwakukhishwa isixwayiso kusengaphambili. Okwesibili, izinhlekelele zemvelo zanamuhla zibulala abantu abalungile nababi, imbubhiso kaNkulunkulu yayingabhubhisi bonke abantu. Yilabo kuphela ababengaphenduki ebubini noma ababenqaba ukulalela izixwayiso ababebhujiswa. Okwesithathu, uNkulunkulu wayebasindisa abantu abangenacala.—Genesise 7:1, 23; 19:15-17; Numeri 16:23-27.

Abukho ubufakazi bokuthi izinhlekelele eziningi eziye zabangela umonakalo ekuphileni kwezigidi zabantu namuhla zibangelwa uNkulunkulu. Pho, yini ebangela ukwenyuka kwezinga lalezi zinhlekelele? Singabhekana kanjani nazo? Ingabe izinhlekelele ziyoke ziphele? Uzothola izimpendulo ezihlokweni ezilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela