Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/07 k. 23-k. 25 isig. 3
  • Izibiliboco Zamahhala Ezivela Endle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izibiliboco Zamahhala Ezivela Endle
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • I-Sea Buckthorn Isihlahla Esenza Izinto Eziningi
    I-Phaphama!—2009
  • Umbala Oluhlaza Okwesibhakabhaka We-Pollia Berry
    I-Phaphama!—2017
  • Ihlathi Lemvula Ligutshuzelwe Ifu
    I-Phaphama!—1997
  • Ukucekelwa Phansi Kwamahlathi Emvula
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 9/07 k. 23-k. 25 isig. 3

Izibiliboco Zamahhala Ezivela Endle

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFINLAND

EMAZWENI asenyakatho yeYurophu, imikhaya eminingi iyathanda ukuya endle iyokukha amajikijolo. Ngokwesibonelo, eFinland abantu abathanda izindawo zasendle banikezwa ilungelo lokungena kuzo, okuvumela bonke abantu ukuba bazihambele ngokukhululekile ezindaweni zemvelo—ngisho noma kuyindawo yomuntu—uma nje bengeke bayonakalise noma basondele kakhulu emzini wakhe. Ilungelo lokungena emahlathini aliwona umthetho obhalwe phansi kodwa liyisiko lakudala laseScandinavia. Livumela umuntu ukuba akhe izimbali zasendle, amakhowe namajikijolo cishe kuyo yonke indawo amila kuyo.

IFinland inezinhlobo ezingaba ngu-50 zamajikijolo asendle, amaningi awo adliwayo. Izinhlobo ezintathu ezivame kakhulu ama-bilberry, ama-cloudberry nama-lingonberry.a—Bheka amabhokisi akulesi sihloko.

Amajikijolo anemibala namaphunga ahlukahlukene enza izinhlobonhlobo zokudla zinambitheke futhi anempilo. “Amajikijolo asenyakatho yeYurophu atholakala [ehlobo] lapho ilanga lephuza khona ukushona anemibala egqamile, iphunga elinamandla, amaminerali namavithamini amaningi,” kusho incwadi ethi Luonnonmarjaopas (Ukwazisa Okuphathelene Namajikijolo Asendle). Ngaphezu kwalokho, amajikijolo ane-fiber, esiza ekulinganiseni amazinga kashukela futhi inciphise amafutha egazini (cholesterol). Amajikijolo aqukethe nama-flavonoid, izakhi zama-asidi okukholelwa ukuthi zithuthukisa impilo enhle.

Ingabe kuyazuzisa ukukha amajikijolo endle? UJukka, okushisekelayo ukukha amajikijolo, uthi: “Kuyasiza ngempela ekunciphiseni izindleko, njengoba ebiza kakhulu esitolo. Futhi uma uzikhela ngokwakho, uyazi ukuthi asesimweni esihle.” Umkakhe, uNiina, uveza enye inzuzo: “Uma siyokukha amajikijolo, lokho kusinika isikhathi esimnandi sokuba nepikiniki njengomkhaya endle.”

UNiina uyanezela: “Kodwa uma uhamba nezingane, kubalulekile ukuba ube neso elibukhali kuzo ukuze zingadli amajikijolo ezingawajwayele noma ziduke.” Kudingeka ukuqapha njengoba amanye amajikijolo enobuthi.

Njengabantu abaningi basenyakatho yeYurophu, uJukka noNiina bajabulela ikakhulukazi indawo ezungezile engamahlathi. UNiina uthi: “Ngiyayithanda indawo yasendle. Ithule ngendlela ejabulisayo, ihlanzekile futhi ishaya umoya ohlanzekile. Ingiqabula ingqondo. Kanti nezingane ziyakujabulela ukuba lapho.” UJukka noNiina bathole ukuthi ukuthula kwasendle kwenza kube yindawo ejabulisayo yokuzindla neyezingxoxo zomkhaya.

Amajikijolo amnandi futhi anomsoco kakhulu uma esanda kukhiwa. Kodwa ayashesha ukonakala. Ukuze ukwazi ukuwajabulela ebusika, kumelwe uwalondoloze. Esikhathini esidlule, abantu babevame ukugcina amajikijolo egumbini elingaphansi komhlaba, kodwa manje bavame ukuwagcina esiqandisini. Iningi lawo kwenziwa ngalo ujamu nesiphuzo.

Umlobi waseSweden encwadini ethi Svenska Bärboken (Incwadi Yamajikijolo YesiSwidi) usho kahle uma ethi: “Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ebusika obubandayo uma usukhipha lawo mabhodlela anamajikijolo alondolozwe ngesikhathi sasehlobo, okubuyisa inkumbulo yehlobo elidlule, futhi kukwenze ulangazelele elizayo.” Amajikijolo asetshenziswa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngesikhathi sokudla kwasekuseni ehla esiphundu uma uwadla ne-yogurt, i-granola, noma iphalishi. Amajikijolo aqabulayo asendle asetshenziselwa ukwenza uphudingi namakhekhe ehla esiphundu. Umpe olujiyile noma ujeli owenziwe ngamajikijolo uyisidlo esinemibala egqamile esihambisana kahle nokudla okuhlukahlukene.

Abantu abaningi bawathenga esitolo sendawo amajikijolo. Kodwa ake uzibone ngeso lengqondo uhamba endle ngosuku olucwathile, uphefumula umoya ohlanzekile, futhi ujabulela ukuthula nokuzola njengoba ufuna amajikijolo amnandi anemibala egqamile. Yeka indlela ejabulisayo yokuthola izibiliboco mahhala! Isikhumbuza amazwi omhubi: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele imikhiqizo yakho.”—IHubo 104:24.

[Umbhalo waphansi]

a Kulesi sihloko sisebenzisa igama elivamile elithi “amajikijolo,” ngokuvamile eliqondwa njengelisho noma isiphi isithelo esincane esinamanzi. Ngokwezazi zezitshalo, igama elithi “amajikijolo” lisho izithelo ezilula, ezinamanzi ngokuvamile ezinezinhlamvu eziningi. Ngokwale ncazelo, ubhanana notamatisi kungamajikijolo.

[Izithombe ekhasini 24, 25]

AMA-BILBERRY (Vaccinium myrtillus)

La majikijolo amnandi athandwayo abizwa nangokuthi ama-whortleberry. Kuvame ukwenziwa ngawo usoso, uphudingi, ujamu noma isiphuzo. Asetshenziswa nasemakhekheni anhlobonhlobo, njenge-billberry pie. Ama-billberry asanda kuvunwa amnandi ikakhulukazi nobisi. Kodwa ungazami ukudla la majikijolo amnandi esithe, njengoba evame ukudaya umlomo nezindebe zomuntu zibe luhlaza okwesibhakabhaka. Abizwa nangokuthi ama-gossip berry.

[Izithombe ekhasini 25]

AMA-CLOUDBERRY (Rubus chamaemorus)

Lolu hlobo lwamajikijolo luchuma ezindaweni ezisemajukujukwini njengasemaxhaphozini. EFinland avame kakhulu ezindaweni ezisenyakatho. Ama-cloudberry, anothe ngamavithamini A no-C, agcwele amanzi futhi anomsoco. Anovithamini C ophindwe kathathu noma kane kunamawolintshi. Ama-cloudberry aziswa kakhulu—ngezinye izikhathi kuthiwa igolide lasemaxhaphozini. La majikijolo ehla esiphundu anezela ubumnandi kophudingi abahlukahlukene, futhi angenza notshwala obumnandi.

[Umthombo]

Reijo Juurinen/​Kuvaliiteri

[Izithombe ekhasini 25]

AMA-LINGONBERRY (Vaccinium vitis-idaea)

Lolu hlobo lwamajikijolo, oluhlobene kakhulu nama-cranberry, luthandwa kakhulu eFinland naseSweden. Umpe noma ujeli we-lingonberry uba isidlo esehla esiphundu esihambisana kahle nesidlo sakusihlwa. La majikijolo anombala ogqamile obomvu asetshenziselwa nokwenza usoso, uphudingi, isiphuzo namakhekhe. Awasheshi onakale, njengoba equkethe ama-asidi awalondolozayo. Ukuba kwawo ne-asidi eningi kwenza la majikijolo abe muncu okungase kuthathe isikhashana ukuwajwayela.

[Ibhokisi ekhasini 25]

Akujabulisi Ngaso Sonke Isikhathi!

Ukukha amajikijolo asendle kuyisenzakalo esijabulisayo nesizuzisayo ngezindlela eziningi.b Kodwa akulula ngaso sonke isikhathi. UPasi noTuire bawumbhangqwana oshadile waseLapland okha amajikijolo ukuze uwasebenzise ekhaya futhi uwadayise. Uma bechaza bathi lapho bekha amajikijolo ngezinye izikhathi bazungezwa izinambuzane eziwuhlupho, njengomiyane nezibawu. “Ziyacasula ngempela. Ngezinye izikhathi zingena emlonyeni ngisho nasemehlweni,” kusho uTuire eqhaqhazela. Kodwa okujabulisayo ukuthi ungazivikela ngandlela-thile ngokugqoka izingubo ezifanele nokusebenzisa imithi exosha izinambuzane.

Ukuya endle nakho kungaba nzima—ikakhulu uma uhamba endaweni enamaxhaphozi. Lokho okubonakala sengathi indawo eqinile kungase kube ixhaphozi. Kanti oPasi noTuire bathi empeleni umsebenzi wokukha amajikijolo ungaba nzima kakhulu. Ukugoba nokuqoshama amahora amaningi kungakulimaza iqolo nemilenze.

Ukuthola amajikijolo nakho akulula ngaso sonke isikhathi belu. UPasi uthi: “Kudingeka ucingisise ukuze uthole indawo ekahle.” UTuire uyanezela: “Ezikhathini eziningi ukuwacinga kusikhathaza kakhulu kunomsebenzi wangempela wokuwakha.” Ukuwageza ngemva kokuwakha nakho kuwumsebenzi owengeziwe.

Ngenxa yalezi zinselele, abanye bavame ukuwashiyela izilwane zasendle amajikijolo. Noma kunjalo, abantu abaningi abakushisekelayo ukukha amajikijolo, njengoPasi noTuire, basaya minyaka yonke endle nasemaxhaphozini. Kubona, injabulo yokukha amajikijolo asendle ikwedlula kude ukuzidela kwabo.

[Umbhalo waphansi]

b Akuwona wonke amajikijolo alungele ukudliwa abantu. Ezinye izinhlobo zinobuthi. Ngaphambi kokuba uwakhe, funda indlela ongawabona ngayo adliwayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela