I-Sea Buckthorn Isihlahla Esenza Izinto Eziningi
◼ Uma ziya emaphandleni aseRussia ngesikhathi sokuqala kwentwasahlobo, izivakashi zingase zibone isihlahla samajikijolo (sea buckthorn),a isihlahlana esimbozwe amajikijolo amancane anjengobuhlalu anombala osawolintshi. Kunokuba abe yizixha la majikijolo amboza igatsha ngalinye ngezithelo ezinombala osawolintshi okhangayo.
La majikijolo ayadliwa, kodwa qaphela ameva angakuhlabi uma uwakha! Kufanele ulikhe ngalinye futhi uqaphele ukuthi ungawapitshizi. Njengoba sikhula kahle ezindaweni ezibandayo, lesi sihlahla sivame ukutholakala kusukela ezindaweni eziyizintaba ezisenyakatho-ntshonalanga yeYurophu kuya ezintabeni ze-Altai ezimaphakathi ne-Asia, sibuye sitholakale entshonalanga nasenyakatho yeChina kanye nasezintabeni ezisenyakatho yeHimalaya. Sekungamakhulu eminyaka amajikijolo ethandwa ezindaweni ezinjengaseChina, eRussia naseTibet.
Igama lalesi sihlahla samajikijolo liyatholakala kokubili emibhalweni yemithi yokwelapha esezingeni eliphezulu yaseTibet nasemibhalweni yesiGreki yasendulo. Igama laso lesiGreki elithi Hippophaë, lisho ukuthi “ihhashi elicwebezelayo.” Leli gama kucatshangwa ukuthi libhekisela emkhubeni wasendulo wamaGreki wokuphakela amahhashi omjaho amajikijolo ukuze acwebezele.
Lesi sihlahla samajikijolo salethwa eNyakatho Melika ekuqaleni kwekhulu lama-20 leminyaka izifiki ezazivela eRussia, ngesikhathi izihlahlana ezazivela eSiberia zilethwe eCanada nase-United States ukuze zitshalwe bese zidayiswa kamuva. Manje amazwe amaningi atshala lezi zihlahlana ngenjongo yokuthi zidliwe zibuye zisetshenziselwe nezokwelapha.
Phakathi kokunye, la majikijolo anamavithamini u-C no-E, i-folic acid, ama-carotenoid, ama-fatty acid, nama-flavonoid. Ucwaningo lwezokwelapha lwamuva luthi ijikijolo lingase lelaphe umdlavuza, lehlise nengozi yokuba nesifo senhliziyo, izilonda emathunjini, isikhumba esibi nezifo zesibindi. Kubuye kwenziwe ngawo isiphuzo esiqabulayo esimuncwana futhi asetshenziselwa nokwelapha izifo eziningana.
Ingxenye ebaluleke kakhulu yejikijolo, inhlamvu yalo encane emnyama. Amafutha akule nhlamvu aqukethe izakhi ezitholakala ejikijolweni. Olunye ucwaningo lusikisela ukuthi ijikijolo lithuthukisa isimiso somzimba sokuzivikela. Ngaphezu kwalokho, la mafutha ayafakwa ezimonyweni nakweminye imikhiqizo yezinto zesikhumba ngoba kukholelwa ukuthi agcina isikhumba sibukeka sisisha.
Uma ungake uvakashele eRussia ungase ububone futhi bukumangaze ubuhle bamajikijolo anombala owolintshi ngokusagolide. Nokho, njengoba siphawulile, kunokuthile okungaphezu nje kobuhle balesi sihlahla. Ngempela, siyindalo efakazela ukuhlakanipha nobuhle boMdali wethu!
[Umbhalo waphansi]
a Mhlawumbe ibizwa kanjalo ngoba imila ogwini lwaseYurophu nolwase-Asia.