Ukubuka Okwezwe
◼ Unyaka ka-2006 “cishe uyoba unyaka wesithupha oshisa kunayo yonke emlandweni.” Eyishumi eshisa kunayo yonke ibe kule minyaka engu-12 edlule.—I-WORLD METEOROLOGICAL ORGANIZATION.
◼ UMnyango Wezokuphepha Komphakathi eBeijing ushaye umthetho wokuthi umkhaya ngamunye kufanele ube “nenja eyodwa” ukuze kuvinjelwe amarabi. Abantu abangaba ngu-2 660 babulawa amarabi eChina ngo-2004.—I-XINHUA ONLINE, ECHINA.
◼ Izivakashi zasemahhotela ezithinta izibambo zeminyango, izibani, izingcingo nemishini yokulawula i-TV emahhotela zizichaya “ethubeni elilodwa kwamabili okuthola igciwane lomkhuhlane.” —I-MACLEAN’S, ECANADA.
Ukubala Izinambuzane E-Amazon
Kuze kube manje izazi zezinambuzane sezithole izinhlobo ezingaba ngu-60 000 zezinambuzane ehlathini lemvula lase-Amazon. Ngokwe-Folha Online, isibalo sezinye izinhlobo ezisazotholakala silinganiselwa ku-180 000. Njengamanje kunezazi ezingu-20 zezinambuzane ezisebenza kule ndawo. Izibalo zamuva zembula ukuthi lezi zazi zithola futhi zichaze izinhlobo ezingaba ngu-2,7 ngonyaka. Uma izinto ziqhubeka ngale ndlela kuyothatha izizukulwane ezingu-90 zezazi zezinambuzane, ngasinye sisebenza iminyaka engu-35, noma ingqikithi yeminyaka engaba ngu-3 300, ukuqeda umsebenzi wokuthola lezi zinambuzane!
Ukuntuleka Kwamandla
“Abantu abalinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-1,6—cishe ingxenye yesine yabantu abasemhlabeni—abanawo ugesi, futhi abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-2,4 babasa ngamalahle, amalongwe noma izinkuni ukuze bapheke noma bafudumale,” kusho i-Our Planet, umagazini oshicilelwa i-United Nations Environment Programme. “Umusi okhishwa yilezi zinto ezivamile zokubasa ubulala abesifazane nezingane abangaba yizigidi ezimbili nengxenye ngonyaka.”
Ukuhlukumezeka Kuyi-Internet
Izingosi ze-Internet zikawonkewonke zivumela abantu ukuba bakhe ubuhlobo nabantu abaningi abangabazi futhi kubikwa ukuthi zibenza bazizwe benogazi. I-Folha Online ithi lezi zingosi “ziyipharadesi labaqambimanga,” abantu abanobuhlanga, ogaxekile nabanobandlululo. Abathile abasebenzisa lezi zingosi abakhulumi iqiniso ngalokho abayikho. Abanye bahlupha labo abakhuluphele, abafushane, abanezinwele eziphothene kakhulu, njalonjalo, okubazwisa ubuhlungu obukhulu ngokomzwelo. Ngokwesazi sokusebenza kwengqondo saseBrazil u-Ivelise Fortim, lokhu kubangelwa ukuthi “lokho okwenzekayo [kulezi zingosi] kubaluleke kakhulu ezisulwini kunalokho okwenzeka ekuphileni kwansuku zonke.”
Umshini Wasendulo Wokubala Izinkanyezi
Ngo-1901, ababhukudi abafuna izipanji báthola into egqwalile eyayivela emkhunjini waseRoma lasendulo owaphahlazeka ngasesiqhingini saseGrisi i-Antikýthēra. Le nto manje ichazwa njengomshini omangalisayo futhi oyinkimbinkimbi wokubala izinkanyezi wekhulu lesibili B.C.E. Ososayensi abahlolisise lo “Mshini Wase-Antikythera” muva nje besebenzisa izithombe ze-X ray ezigqamile bathole ukuthi wawunamasondo ethusi anamagiya angu-30, futhi ekuqaleni wawusebhokisini lokhuni. Lo mshini wawukwazi ukuthola ngokunembile ukuthi likuphi ilanga nenyanga futhi ukwazi ukubikezela ukufiphazeka kwenyanga nelanga. Ngokukamagazini i-Nature, lo mshini “uyinkimbinkimbi ngaphezu kwanoma yimuphi umshini owawaziwa okungenani eminyakeni eyinkulungwane ngemva kwalokho.”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 21]
AP Photo/Thanassis Stavrakis