Ingosi Yethu Esemthethweni—Yisebenzise Esifundweni Somuntu Siqu Nesomkhaya
Funda Omagazini Bamuva Kuyi-Internet: Funda INqabayokulinda ne-Phaphama! kuyi-Internet kusasele amasonto ambalwa ngaphambi kokuba uthole amakhophi anyathelisiwe ebandleni. Lalela nomagazini abaqoshiwe.—Vula engxenyeni ethi “Izincwadi/Omagazini.”
Funda Ukwaziswa Okutholakala Engosini Kuphela: Ezinye izihloko, ezinjengesithi “Ezentsha,” “Izifundo Zami ZeBhayibheli,” “Ukubukeza Komkhaya,” nesithi “Intsha Iyabuza,” manje sezitholakala engosini kuphela. Ngena kuyi-Internet, bese ufunda okunye kwalokhu kwaziswa ngesikhathi sesifundo sakho somuntu siqu nangesesifundo somkhaya.—Vula engxenyeni ethi “Izimfundiso ZeBhayibheli/Abantwana” noma “Izimfundiso ZeBhayibheli/Intsha.”
Thola Izindaba Zamuva: Funda imibiko ekhuthazayo nokuhlangenwe nakho, bese ubukela ama-video abonisa intuthuko yomsebenzi wethu emhlabeni wonke. Imibiko ngezinhlekelele noshushiso ingasisiza ukuba singagwegwesi emithandazweni yethu esiyenzela abafowethu abasuke bethintekile. (Jak. 5:16)—Vula engxenyeni ethi “Izindaba.”
Cwaninga Nge-Online Library: Uma le ngxenye itholakala ngolimi lwakho, sebenzisa i-computer yakho noma umakhalekhukhwini ukuze ufunde umBhalo wosuku kuyi-Internet noma ukuze ucwaninge ngezinye zezincwadi zethu zamuva.—Vula engxenyeni ethi “Izincwadi/Online Library,” noma ubhale ukuthi www.wol.jw.org esikhaleni esifanele kuyi-Internet.
[Umdwebo ekhasini 4]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ake Uyizame
1 Chofoza phezu kwesithombe noma engxenyeni ethi “Zithathele.” Ikhasi lesithombe livela liyi-PDF. Liprinte ulinike umntwana ukuze akwazi uku-phendula noma ukuligcwalisa futhi alifunde.
2 Chofoza engxenyeni ethi “Dlala” ukuze ubukele i-video.