Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/07 k. 30
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umzimba Wenzelwe Ukuba Uzelaphe
  • Ukwabiwa Komcebo Emhlabeni
  • Isilinganiso Sokungalingani Kwamanani Obulili EChina
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ingabe Iplanethi EwuMhlaba Iyasongelwa?
    I-Phaphama!—2008
  • Asiphephile Futhi Asilondekile
    I-Phaphama!—2019
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 10/07 k. 30

Ukubuka Okwezwe

◼ Ukushisa kwesimo sezulu somhlaba “akunakuphikwa,” futhi “kungenzeka” ukuthi izinto ezenziwa abantu ziyimbangela yalokhu.—I-INTERGOVERNMENTAL PANEL ON CLIMATE CHANGE (IPCC), ESWITZERLAND.

◼ EJalimane, abantu abaphakathi kwezigidi ezingu-1,4 nezingu-1,9 “bayimilutha yemithi yokwelapha.” Ubukhulu bale nkinga bulingana nenkinga yokuba umlutha wotshwala.—I-TAGESSCHAU, EJALIMANE.

◼ EBrithani, izingane ezineminyaka engaphansi kowodwa zakha ingxenye yabantu bakhona abangase babulawe.—I-TIMES, EBRITHANI.

◼ Izingxenye zomngcele ophakathi kwe-United States neCanada sezene kangangokuba izikhulu zikahulumeni “zikuthola kunzima ukubona” umngcele. “Uma ningawutholi, anikwazi ukuwugada,” kusho uDennis Schornack we-International Boundary Commission.—I-ASSOCIATED PRESS, E-UNITED STATES.

Umzimba Wenzelwe Ukuba Uzelaphe

UProfesa Gustav Dobos, ongumxhumanisi oyinhloko weMiners’ Hospital e-Essen, eJalimane, uthi: “Umzimba womuntu uyakwazi ukwelapha izifo ezingamaphesenti angu-60 kuya kwangu-70 ngokwawo.” Ukuze wenze kanjalo, kuthiwa umzimba ukhiqiza imithi engaba ngu-30 kuya kwengu-40, njenge-cortisone nezinye izinto ukuze uvimbele amaguludla ezinso. Abacwanigi bayaziqonda ezinye zezinqubo ezihilelekile kule ndlela yokuzelapha ngokwemvelo, kodwa kuningi abangakakwazi. Umagazini i-Vital uthi ososayensi bayaqonda ukuthi “kusebenza inhlanganisela eyinkimbinkimbi yama-hormone, amasosha omzimba nama-killer cell,” nokuthi “imizwelo nayo inendima.” Kodwa uthi ukucindezeleka nezinkinga zomuntu siqu “kungawohloza isimiso sokuzivikela ezifweni uma kuqhubeka izinyanga.”

Ukwabiwa Komcebo Emhlabeni

“Iphesenti elilodwa labantu abadala abacebile emhlabeni liphethe amaphesenti angu-40 awo wonke umcebo womhlaba,” kubika i-Guardian yaseLondon. “Labo abasemkhakheni wezinkonzo zezimali nabasebenza nge-Internet yibona abacebe kakhulu,” kusho leli phephandaba. Ucwaningo lwe-UN luveza ukuthi amaphesenti angu-37 abantu abacebe kakhulu ase-United States, angu-27 aseJapane kanti ayisithupha ase-United Kingdom. Isigamu sabantu abadala abampofu kakhulu emhlabeni sinephesenti elilodwa kuphela engcebweni yomhlaba. NgokukaDuncan Gree, ophethe ucwaningo enhlanganweni yezosizo yaseBrithani i-Oxfam, “la mazinga okungalingani ayashaqisa. . . . Ayikho indlela yokuthethelela ingcebo eningi kangaka uma abantu abayizigidi ezingu-800 belala bengadlile nsuku zonke.”

Isilinganiso Sokungalingani Kwamanani Obulili EChina

Ngo-2005, isilinganiso sezinsana ezisanda kuzalwa eChina sasingabafana abangu-118 emantombazaneni ayikhulu. I-China Daily ibika ukuthi kwezinye izingxenye zalelo zwe, “lesi sibalo sesifinyelele kubafana abangu-130 emantombazaneni ayikhulu.” Isizathu salokhu kungalingani ukukhishwa kwezisu lapho abantu sebehlolile ukuthi umbungu ungowabuphi ubulili. Izikhulu ziyavuma ukuthi lesi simo sibangelwa inkambiso yaseChina yokuhlelwa komndeni, enqumela imibhangqwana eminingi ehlala edolobheni ukuba ibe nomntwana oyedwa vo. Leli phephandaba lithi “ngo-2020, kuyobe sekunabesilisa abangaba yizigidi ezingu-30 abalungele ukushada ngaphezu kwabesifazane,” futhi lokhu kungalingani kwamanani “kuyophazamisa ukuzinza komphakathi.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela