Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 1 k. 3
  • Asiphephile Futhi Asilondekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Asiphephile Futhi Asilondekile
  • I-Phaphama!—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izixhobo Zama-coral Ezifayo—Ingabe Abantu Banecala?
    I-Phaphama!—1996
  • Izinkinga Zomnotho—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu
    Izihloko Ezengeziwe
  • Yini Engenziwa Ukuze Kuvikelwe Izixhobo Zama-coral?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 1 k. 3

INKINGA

Asiphephile Futhi Asilondekile

“Namuhla abantu bajabulela intuthuko kwezobuchwepheshe nezesayensi, futhi sekunezindlela ezintsha zokwenza nokulondoloza imali . . . Naphezu kwentuthuko ebonakalayo, sekuseduze kakhulu ukuba sicekele phansi umhlaba wethu.”​—I-The Global Risks Report 2018, World Economic Forum.

KUNGANI ABANTU ABANINGI ABANOLWAZI BEKHATHAZEKILE NGEKUSASA LETHU NELOMHLABA? CABANGA NGEZINYE ZEZINKINGA ESIBHEKENE NAZO.

  • Ikhompyutha evalwe ngekhodi

    UBUGEBENGU OBENZIWA NGE-INTHANETHI: Iphephandaba i-The Australian lithi: “Sekuyingozi kakhulu ukusebenzisa i-inthanethi namuhla. I-inthanethi igcwele abantu abahlukumeza izingane ngokocansi, iziqhwaga, abathumela imiyalezo ehloselwe ukudala izingxabano kanye nabakhwabanisi. Ukwebiwa kwemininingwane yabantu kuyanda kakhulu emhlabeni namuhla. . . . I-inthanethi ingelinye ithuluzi elenza abantu baveze ubuntu babo obungathandeki.”

  • Izandla eziningi zizama ukubamba imali

    UKUNGALINGANI NGOKOMNOTHO: Umbiko wakamuva we-Oxfam International, uthi: “Umnotho wabantu abangu-8 abacebe kunabo bonke emhlabeni ulingana nomnotho wengxenye yabantu abahluphekayo emhlabeni. Ezomnotho ezingahlelekile zenza ukuba umnotho uvune labo asebevele becebile, bese kuthi labo abahluphekayo bahlupheke nakakhulu, iningi labo okungabesifazane.” Abanye bayesaba ukuthi lokhu kungalingani ngokomnotho kungadala izinxushunxushu emphakathini.

  • Amabhomu

    IMIBANGO NOKUHLUKUNYEZWA: Umbiko we-United Nations Refugee Agency wango-2018, wathi: “Manje sesinyuke kakhulu kunanini ngaphambili isibalo sabantu ababalekayo ezindaweni zabo zokuhlala.” Kudingeke ukuba abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-68 bashiye imizi yabo, imibango noma ukuhlukunyezwa kube yimbangela eyinhloko yalokhu. Lo mbiko uthi: “Ngemizuzwana emibili, kuba nomuntu oyedwa ophoqeleka ukuba ashiye endaweni ahlala kuyo.”

  • Kuphuma intuthu engcolisayo kushemula osembonini

    UKULIMALA KWEMVELO: I-The Global Risks Report 2018 ithi, “Izinhlobo eziningi zezitshalo nezezilwane zincipha ngokushesha, futhi ukungcoliswa komoya nolwandle kusongela impilo yabantu.” Kanti nezinambuzane ziyancipha kwamanye amazwe. Ngenxa yokuthi yizinambuzane ezithutha imbewu eyenza kube nezitshalo ezintsha, ososayensi baxwayisa ngokuthi imvelo ingase ishabalale ngokuphelele. Izitshalo ezingaphansi kolwandle nazo zisenkingeni. Ososayensi balinganisela ukuthi kule minyaka engu-30 edlule kufe uhhafu wazo zonke izitshalo ezingaphansi kolwandle.

Kukhona yini esingakwenza ukuze umhlaba ube yindawo ephephile nelondekile? Abanye bacabanga ukuthi imfundo ingasiza. Uma kunjalo, hlobo luni lwemfundo oludingekayo? Izihloko ezilandelayo zizoyiphendula le mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela