Ubungaphendula Kanjani?
UBANI OWASHO LA MAZWI?
Dweba umugqa ohlanganisa amazwi nomuntu owawasho.
UMose
UPetru
UJohane
U-Adamu
1. “Bantwanyana, ziqapheni ezithombeni.”
2. “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami.”
3. “Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo.”
4. “Kusukela nini nanini kuze kube nini nanini wena unguNkulunkulu.”
◼ Eningaxoxa Ngako: Yini enye oyaziyo ngomuntu ngamunye kulaba bantu baseBhayibhelini?
KWENZEKA NINI?
Yisho igama lomlobi wencwadi yeBhayibheli ngayinye kwezingezansi, bese udweba umudwa ohlanganisa incwadi nesikhathi eyaqedwa ngaso ukubhalwa.
1450 B.C.E. 844 B.C.E. 536 B.C.E. 56 C.E. 61 C.E.
5. UDaniyeli
6. UJona
7. AmaHebheru
NGINGUBANI?
8. Isimangaliso sagedezelisa amadolo ami.
NGINGUBANI?
9. Ngashiya inkosi yami kodwa ngabuyela kuyo lapho ngiba umKristu.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 5 Yini eyenziwa umuntu ongenalwazi? (IzAga 14:____)
Ikhasi 11 Iyiphi imfanelo eyisibopho esiphelele sobunye? (Kolose 3:____)
Ikhasi 19 Yini sonke esiyenzayo izikhathi eziningi? (Jakobe 3:____)
Ikhasi 28 Ukufa kwasakazekela kanjani kubantu bonke? (Roma 5:____)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 14)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. UJohane.—1 Johane 5:21.
2. U-Adamu.—Genesise 2:23.
3. UPetru.—1 Petru 5:8.
4. UMose.—IHubo 90:2.
5. UDaniyeli, ngo-536 B.C.E.
6. UJona, ngo-844 B.C.E.
7. UPawulu, ngo-61 C.E.
8. UBhelishazari.—Daniyeli 5:1, 5, 6.
9. U-Onesimu.—Filemoni 10-16.