Ukusuka Emandleni Kagesi Kuya Ekukhanyeni Okungokomoya
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY
◼ Ekuqaleni kwawo-1900, kwaqhibuka izimboni ezintabeni zasePistoia, e-Italy. Ukuze kuthuthwe imikhiqizo engakasetshenzwa nempahla esilungele ukusetshenziswa, kwakhiwa ujantshi osebenza ngogesi. Lo jantshi omncane owavulwa ngo-June 21, 1926, wawuthubeleza emagqumeni nasezintabeni ibanga elingamakhilomitha angu-15.
Isitimela sasithola amandla kagesi avela esiteshini esincane sikagesi (phezulu kwesobunxele). Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ukuncipha kwezohwebo kwenza ukuba lo jantshi uvalwe ngo-1965. Kodwa kwenzekani ngezakhiwo ezazakhiwe ngakulo jantshi? Ezinye zawohloka; ezinye zagcina seziphendulwe izinkantini nezikhungo zamabhasi.
Isiteshi esincane sikagesi savuselelwa. Ngo-1997 sathengwa iNhlangano YoFakazi BakaJehova YaseSan Marcello Pistoiese futhi sashintshwa saba elinye lamaHholo OMbuso ayingqayizivele kakhulu eTuscany (ngezansi kwesobunxele). Amalungu ebandla elihlanganyela kulesi sakhiwo esasiyisiteshi sikagesi amatasa ‘akhanya njengezinkanyiso’ kulezi zintaba, eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Filipi 2:15; Mathewu 24:14) Yebo, isakhiwo ekuqaleni esasisetshenziselwa ukusakaza amandla kagesi ngokoqobo manje sesisetshenziselwa ukukhanyisa ukukhanya okungokomoya.—Mathewu 5:14-16; 28:19, 20.