Umbono Webhayibheli
Kungani Kufanele Siyikhathalele Imvelo?
IZINTO ezenziwa abantu kungenzeka zilimaza unozungezilanga wethu kakhulu manje kunanini ngaphambili emlandweni. Njengoba izinsongo ezinjengenkinga yokufudumala kwembulunga ziya ngokuya ziba yingozi, ososayensi, ohulumeni, nabezezimboni bathuthukisa imizamo yabo yokubhekana nazo.
Ingabe thina ngabanye sinomthwalo wemfanelo wokusiza ekunakekeleni imvelo? Uma kunjalo, ngokwezinga elingakanani? IBhayibheli linikeza izizathu ezinhle zokuba siziphathe ngezindlela ezizuzisa umhlaba. Liphinde lisisize ukuba silinganisele emizamweni esiyenzayo.
Ukusekela Injongo YoMdali Wethu
UJehova uNkulunkulu wenza umhlaba waba yikhaya lesintu elinjengengadi. Wathi wonke umsebenzi wakhe ‘wawumuhle kakhulu’ futhi wanika umuntu isabelo ‘sokulima umhlaba futhi awunakekele.’ (Genesise 1:28, 31; 2:15) Uzizwa kanjani uNkulunkulu ngesimo somhlaba samanje? Ngokucacile, uphatheke kabi kakhulu ngenxa yempatho embi yomuntu, ngoba isAmbulo 11:18 sibikezela ukuthi ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ Ngakho-ke akufanele singasinaki isimo umhlaba okuso.
IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi yonke iminonjana yomonakalo owenziwe umuntu iyoqedwa lapho uNkulunkulu ‘enza konke kube kusha.’ (IsAmbulo 21:5) Nokho, akufanele siphethe ngokuthi njengoba uNkulunkulu ezolungisa umhlaba ngesikhathi esifanele, lokho esikwenzayo manje akubalulekile. Kubalulekile! Singabonisa kanjani ukuthi siyavumelana nombono kaNkulunkulu ngonozungezilanga wethu nokuthi siyayisekela intando yakhe yokuba ube yipharadesi?
Ukufaka Isandla Ekuhlanzekeni Komhlaba
Izinto ezivamile ezenziwa abantu zibangela ukungcola okuthile. UJehova ngokuhlakanipha waklama imijikelezo yomhlaba engokwemvelo ukuze ikhuculule lokho kungcola, ihlanze umoya, amanzi nenhlabathi. (IzAga 3:19) Lokho esikwenzayo kufanele kuvumelane naleyo mijikelezo. Ngakho, kudingeka siqaphele ukuba singanezeli ngokungadingekile ezinkingeni zemvelo. Ukunakekela okunjalo kubonisa ukuthi siyabathanda omakhelwane bethu njengoba sizithanda thina. (Marku 12:31) Cabanga ngesibonelo esithakazelisayo sangezikhathi zeBhayibheli.
UNkulunkulu wayala isizwe sakwa-Israyeli ukuba sigqibe indle yabantu “ngaphandle kwekamu.” (Duteronomi 23:12, 13) Lokhu kwakwenza ukuba ikamu lihlale lihlanzekile futhi kusheshisa nenqubo yokubola. Ngokufanayo namuhla, amaKristu eqiniso alwela ukulahla ukungcola nomunye udoti ngokushesha futhi endaweni efanele. Kufanele siqaphelisise lapho silahla izinto ezinobuthi.
Udoti omningi ungabuye usetshenziswe noma ugaywe kabusha. Uma umthetho wendawo ufuna ukuba izinto zigaywe kabusha, khona-ke ukulalela imithetho enjalo kuyingxenye ‘yokunika uKhesari okukaKhesari.’ (Mathewu 22:21) Ukugaya kabusha udoti kungase kudinge umzamo owengeziwe, kodwa kubonisa ukuthi sinesifiso sokugcina umhlaba uhlanzekile.
Ukulondoloza Imithombo Yengcebo Yomhlaba
Ukuze sithole ukudla, indawo yokuhlala, nowoyela esiwudingayo, kanjalo sikwazi ukuqhubeka siphila, kufanele sisebenzise imithombo yemvelo. Indlela esiyisebenzisa ngayo le mithombo ibonisa ukuthi siyaqaphela ukuthi iyizipho ezivela kuNkulunkulu. Lapho ama-Israyeli efisa ukudla inyama ehlane, uJehova wawanikeza inqwaba yezigwaca. Ukuhaha kwawabangela ukuba ngobugovu asisebenzise kabi leso sipho, amthukuthelisa kakhulu uJehova uNkulunkulu. (Numeri 11:31-33) UNkulunkulu akakashintshi kusukela ngaleso sikhathi. Ngenxa yalokho, amaKristu aqotho ayakugwema ukusaphaza ngokungadingekile, okungaba uphawu lokuhaha.
Abanye bangase bacabange ukuthi banelungelo lokusebenzisa imithombo yamandla noma eminye ngokungenamngcele. Kodwa imithombo yemvelo akufanele isaphazwe ngenxa nje yokuthi siyakwazi ukuyithola noma miningi kakhulu. Ngemva kokuba uJesu esuthise isixuku esikhulu ngokuyisimangaliso, wayala ukuba izinhlanzi ezisele nesinkwa kuqoqwe. (Johane 6:12) Wayecophelela ukuze angakusaphazi lokho okwakulungiselelwe uYise.
Ukulinganisela Emizamweni Yethu
Ukukhetha esikwenza nsuku zonke kuyayithinta imvelo. Ingabe kumelwe seqise, siphume emphakathini ukuze sigweme noma ikuphi ukonakaliswa komhlaba? Akukho ndawo lapho iBhayibheli litusa khona inkambo enjalo. Cabangela isibonelo sikaJesu. Lapho esemhlabeni, wayephila ukuphila okuvamile, okwamvumela ukuba afeze umsebenzi wokushumayela ayewabelwe uNkulunkulu. (Luka 4:43) Ngaphezu kwalokho, uJesu wenqaba ukuhileleka kwezombangazwe njengendlela yokuxazulula izinkinga zomphakathi zosuku lwakhe. Washo ngokucacile: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.”—Johane 18:36.
Kodwa kuyafaneleka ukuba sicabangele umphumela ukukhetha kwethu okuba nawo emvelweni ezintweni ezinjengezinto zasendlini esizithengayo, ezokuthutha nezokuzilibazisa. Ngokwesibonelo, abanye bakhetha ukuthenga imikhiqizo eyenziwe noma esebenza ngezindlela ezinciphisa umonakalo emvelweni. Abanye balwela ukunciphisa ukuhileleka kwabo emisebenzini ebangela ukungcola noma edla imithombo yemvelo ngokungadingekile.
Asikho isidingo sokuba umuntu acindezele abanye ngezinqumo zakhe ezindabeni zemvelo. Izimo zabantu nezendawo ziyahlukahluka. Noma kunjalo, ngamunye wethu uyolandisa ngezinqumo zakhe. Njengoba iBhayibheli lisho, “yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.”—Galathiya 6:5.
UMdali waphathisa abantu umthwalo wemfanelo wokunakekela umhlaba. Ukwazisa lesi sabelo nokuba nenhlonipho enesizotha ngoNkulunkulu nemisebenzi yakhe yendalo kufanele kusishukumisele ukuba senze izinqumo ezicatshangisisiwe, ngokuphathelene nendlela esiphatha ngayo umhlaba.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Ingabe uNkulunkulu uyosithatha isinyathelo ukuze axazulule izinkinga zemvelo?—IsAmbulo 11:18.
◼ Uyini umthwalo wemfanelo uNkulunkulu awunikeze abantu ngomhlaba?—Genesise 1:28; 2:15.
◼ UJesu Kristu wabeka siphi isibonelo ekugwemeni ukusaphaza?—Johane 6:12.