Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe Umhlaba Uyohlale Ukhiqiza Ukudla Okwanele Ukuze Siphile?
▪ Iplanethi yethu enhle ingakwazi kahle kakhulu ukuqhubeka yondla okuphila kuyo. Nokho, njengoba abantu banda futhi imikhiqizo yomhlaba isetshenziswa kakhulu ngendlela emangalisayo, ungase uzibuze: ‘Kungenzeka yini sizithole sisenkingeni? Ingabe siyohlale sikuthola ukudla okwanele?’
Uma sicabanga ngalo mbuzo, isithembiso esenziwa uNkulunkulu kubantu eminyakeni engaphezu kwengu-4 000 edlule kufanele sisinike ithemba: “Zonke izinsuku umhlaba uqhubeka ukhona, ukuhlwanyela imbewu nokuvuna, amakhaza nokushisa, ihlobo nobusika, imini nobusuku, akusoze kwakhawuka.” (Genesise 8:22) Ngakho-ke, njengoba nje siqiniseka ngokuthi ilanga lizophuma nsuku zonke, singaqiniseka nangokuthi umhlaba awusoze wayeka ukukhiqiza lokho okudingekayo ukuze siphile.
Embikweni wango-2004 owawunesihloko esithi “Umhlaba Ungakwazi Yini Ukusondla?” U-Alex Kirby, umlobi obhala ngezemvelo, wathi: “Umhlaba ukhiqiza ukudla okwanele ukuze wondle wonke umuntu. Kodwa ukudla kuvame ukulawulwa abantu abangafanele, noma kubize kakhulu, noma kungagcineki isikhathi eside. Ngakho, ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ukudla okwanele kuyindaba ethinta ezombusazwe; akuhlobene nokuthi umhlaba ngokwawo ungakwazi yini ukukukhiqiza.” Uma umhlaba wenganyelwa kahle futhi imikhiqizo yawo isetshenziswa ngokuhlakanipha, akumelwe sesabe ukuswelakala kokudla. Ngokwesibonelo, ezinsukwini zika-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu wanika isiqondiso esicacile sokuthi umhlaba kwakumelwe usetshenziswe kanjani. Njengoba kulotshwe kuLevitikusi 25:4, uNkulunkulu watshela u-Israyeli: “Ngonyaka wesikhombisa izwe kufanele libe nesabatha lokuphumula okuphelele . . . Insimu yakho akumelwe uyihlwanyele ngembewu.” Nakuba kwakungamelwe alime ngonyaka wesikhombisa, uNkulunkulu wathembisa ukuthi wayezoqinisekisa ukuthi abantu baba nenala yezinto ezinhle futhi bangakhathazwa ukuthi bangase baswele.—Levitikusi 26:3-5.
Nakuba namuhla kwenziwa imizamo eminingi eqotho yokulungisa umonakalo owenziwa emhlabeni nasemkhiqizweni yawo, abaningi bakhathazwa ukuthi imizamo enjalo ayanele futhi seyephuzile. Ukuphela kwesixazululo saphakade sitholakala kusAmbulo 11:18. Lapho iBhayibheli lithi uJehova ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ UJehova ngeke aqede kuphela ukuphathwa kabi komhlaba nemikhiqizo yawo, kodwa uyoqikelela nokuthi umhlaba ukhiqiza inala ukuze abahlala kuwo baphile. Bonke abamelene nenjongo kaNkulunkulu kanye nalabo abaxhaphaza umhlaba ngenxa yezinzuzo zabo zobugovu bayobhujiswa. Ngakolunye uhlangothi, labo ababusekela ngokuzithandela ubukhosi bukaJehova bayokubona ukugcwaliseka kwamazwi akumaHubo 72:16: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”
Ngenxa yothando nokuhlakanipha kwakhe okungenamkhawulo, uJehova ufuna abantu baphile futhi banakekele ikhaya labo—umhlaba oyipharadesi. (Genesise 1:28) Ngaphansi kokubusa kwakhe, abantu abalalelayo bayofunda ukusebenzisa imikhiqizo yemvelo ngokuhlakanipha, bangayisaphazi. Yeka indlela esimbonga ngayo uMnakekeli wethu onothando oyokwanelisa isifiso sakho konke okuphilayo!—IHubo 145:16.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
“Ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ukudla okwanele kuyindaba ethinta ezombusazwe; akuhlobene nokuthi umhlaba ngokwawo ungakwazi yini ukukukhiqiza”