Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/08 k. 4-k. 7 isig. 3
  • Ingabe Inkinga Yobugebengu Ingaxazululeka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Inkinga Yobugebengu Ingaxazululeka?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izigebengu Ziphoqwa Yisimo Noma Ziyazikhethela?
  • Ubugebengu Buqala Ngaphakathi
  • Abantu Bangashintsha!
  • Amandla “Okudla” Okunomsoco
  • UNkulunkulu Unesihe
  • Kungani Kunobugebengu Obuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuphela Kobugebengu Manje Kuseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Lapho Ubugebengu Babungekho
    I-Phaphama!—1998
  • Ukulwela Ukuqeda Ubugebengu
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 2/08 k. 4-k. 7 isig. 3

Ingabe Inkinga Yobugebengu Ingaxazululeka?

“Ukuhlola kwabonisa ukuthi abantu abenza ubugebengu ngokuphi-ndaphindiwe ngisho nangemva kokuphuma ejele bayoqhubeka benza umphakathi ube yizisulu, futhi umonakalo ongenakulinganiswa ngama-dollar kuphela, uyoqhubeka uba mkhulu kakhulu.”—“Inside the Criminal Mind,” kadkt. Stanton E. Samenow.

KUNGAKHATHALISEKI ukuthi uhlala kuphi emhlabeni, usuku ngalunye lubonakala luletha uhlobo olusha lobugebengu obesabekayo. Ngakho-ke, kunengqondo ukubuza: Ingabe izindlela zesimanje zokubunqanda—izijeziso ezinzima, ukudonsa ejele, njalonjalo—ziyasebenza? Ingabe ijele liyaziguqula izigebengu? Okubaluleke nakakhulu, Ingabe umphakathi uyayilungisa yini imbangela yobugebengu?

Ngokuqondene nezindlela zokubuvimbela ezikhona manje, uDkt. Stanton E. Samenow uthi: “Ngemva kokudonsa ejele, [isigebengu] singase sihlakaniphe futhi siqaphe nakakhulu, kodwa siqhubeke nendlela yaso yokuphila eyonakele neyobugebengu. Izibalo zalabo ababuyela ebugebengwini ziveza kuphela labo [abaphinde] babanjwa ngenxa yokunganaki.” Khona-ke, empeleni amajele ngokuvamile aba yizikole zokuphothula ukuqeqeshwa kwezigebengu, futhi ngokungenakugwenywa alola amakhono azo okuhlukumeza abantu.—Bheka ibhokisi elithi “Ingabe ‘Ayizikole Zobugebengu’?” ekhasini 7.

Okubi nakakhulu ukuthi ubugebengu obuningi abujeziswa, okubangela ukuba izigebengu ziphethe ngokuthi ubugebengu buyakhokhela. Le nkolelo ingazenza zibe nesibindi futhi zizimisele kakhulu ngenkambo yazo. Umbusi ohlakaniphile wake wathi: “Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha, yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi.”—UmShumayeli 8:11.

Ingabe Izigebengu Ziphoqwa Yisimo Noma Ziyazikhethela?

Ingabe ubugebengu buwukuphela kwendlela abanye abantu abangaphila ngayo? USamenow uyavuma: “Ubugebengu ngangibubheka njengento nje evamile, uma kungekhona ukuthi buyathetheleleka, babuwumphumela wokucindezelwa ubumpofu, ukungazinzi ngokwezomnotho nokukhungatheka okusempilweni [yezigebengu].” Nokho, ngemva kocwaningo olujulile umbono wakhe washintsha. Waphetha ngokuthi: “Izigebengu ziyazikhethela ukwenza ubugebengu. Ubugebengu . . . ‘bubangelwa’ indlela [umuntu] acabanga ngayo, hhayi izimo aphila ngaphansi kwazo.” USamenow uyanezela: “Indlela yokuziphatha iwumphumela walokho okucabangayo. Yonke into esiyenzayo yandulelwa futhi ihambisane nalokho esikucabangayo.” Ngakho-ke kunokuba abheke izigebengu njengezisulu, wafinyelela isiphetho sokuthi “zingabahlukumezi abazikhethela indlela yabo yokuphila.”a

Igama eliyinhloko ngelithi “ukukhetha.” Empeleni, isihloko samuva sephephandaba laseBrithani sithe: “Ubugebengu Buwumsebenzi Wokuzikhethela Ezinsizweni Zasemadolobheni Ezifuna Ukuba Nezinto Ezingcono.” Abantu banenkululeko yokuzikhethela futhi bangakhetha inkambo abafuna ukuyithatha ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima. Iqiniso elingenakuphikwa liwukuthi, izigidi zabantu zibhekana nokungabi namthetho komphakathi nobumpofu nsuku zonke, noma zingase ziphile emikhayeni engenabo ubunye; kodwa azibi yizigebengu. USamenow uthi: “Yizigebengu ezibangela ubugebengu, akubona omakhelwane ababi, abazali abayizehluleki, . . . noma ukungabi khona komsebenzi. Isizinda sobugebengu sisengqondweni yomuntu futhi asibangelwa yizimo zezenhlalo.”

Ubugebengu Buqala Ngaphakathi

IBhayibheli ligxila kumuntu ongaphakathi, hhayi ezimweni abhekene nazo. UJakobe 1:14, 15 uthi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.” Uma umuntu enemicabango emibi, uhlakulela izifiso ezimbi. Umphumela wazo ungaholela ezenzweni ezilimazayo. Ngokwesibonelo, ukubuka izithombe ezingcolile ngezikhathi ezithile kungase kuholele ekuthandeni ubulili ngokweqile okungabangela ukuba umuntu anelise izinkanuko zakhe mhlawumbe ngendlela engekho emthethweni.

Enye imbangela okufanele icatshangelwe umbono wezwe ngomuntu siqu, imali, ukuzijabulisa, nokwanelisa ngokushesha izifiso zomuntu siqu. Ngokuphathelene nesikhathi sethu iBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina . . . , abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, [nabathandi] benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngokudabukisayo, izwe liqhakambisa izinto ezinjengamabhayisikobho, imidlalo yama-video, izincwadi nabantu abayizibonelo ezimbi, okuyizinto ezibangela ubugebengu ngokwengeziwe.b Nokho, umuntu ngamunye akufanele anqotshwe yila mathonya. Empeleni, abathile abake banqotshwa yila mathonya baye bawushintsha ngokuphelele umbono wabo nendlela yokuphila.

Abantu Bangashintsha!

Ukuthi umuntu uke waba yisigebengu akusho ukuthi uyohlala eyisigebengu njalo. Incwadi ethi Inside the Criminal Mind ibonisa ukuthi njengoba nje umuntu ebengakhetha impilo yobugebengu, lowo muntu “angazikhethela indlela entsha yokuphila futhi afunde ukuphila ngendlela elungile.”

Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi abantu abanezizinda ezihlukahlukene bangashintsha.c Okudingekayo nje ukuzimisela ukushintsha isimo sengqondo, lokho okumshukumisayo, nendlela yokucabanga ukuze lokhu kungavumelani nje nezindinganiso zabantu ezishintshashintshayo, kodwa nezindinganiso ezingashintshi zoMdali wethu. Kakade, ubani osazi kangcono kunaye? Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu akanalo yini ilungelo lokunqumela umkhaya wesintu ukuthi yini elungile nengalungile? Ngenxa yalokho, waphefumulela abantu abangaba ngu-40 abamesabayo ukuba babhale lokho namuhla esikwazi ngokuthi iBhayibheli Elingcwele—umqulu omangalisayo ongabizwa ngokufanelekile ngokuthi incwadi yesintu yeziqondiso zokuphila okunenjongo nenjabulo.—2 Thimothewu 3:16, 17.

Kungase kungabi lula ukwenza ushintsho oludingekayo ukuze uthokozise uNkulunkulu, ngoba kufanele silwe nethonya lokuthambekela kwethu esonweni. Empeleni, omunye umlobi weBhayibheli wachaza umshikashika wakhe wangaphakathi ngokuthi ‘impi.’ (Roma 7:21-25) Wayinqoba le mpi ngoba akazange athembele emandleni akhe kodwa kuNkulunkulu, oliZwi lakhe eliphefumulelwe ‘liyaphila futhi linamandla.’—Hebheru 4:12.

Amandla “Okudla” Okunomsoco

Ukuze umzimba wenyama ube nempilo udinga ukudla okunomsoco. Futhi, lokho kudla kufanele kuhlafunwe kahle futhi kugayeke, okuyinto ethatha isikhathi nedinga umzamo. Ngokufanayo, nathi ukuze siphile ngokomoya sidinga “ukuhlafuna” amazwi kaNkulunkulu ukuze agxile ezingqondweni zethu nasezinhliziyweni. (Mathewu 4:4) IBhayibheli lithi: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto . . . , khona-ke uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.”—Filipi 4:8, 9.

Phawula ukuthi kufanele “siqhubeke sicabanga” imicabango kaNkulunkulu uma sifuna ukuba indawo yobuntu obudala ithathwe ubuntu obusha. Kudingeka ukubekezela, ngoba intuthuko engokomoya ayenzeki ngokushesha.—Kolose 1:9, 10; 3:8-10.

Cabanga ngesibonelo sowesifazane owanukubezwa ngokobulili esemncane; waqala ukudla izidakamizwa, ukuphuza utshwala, nokubhema; futhi manje odonsa isigwebo sokudilikelwa yijele ngenxa yezenzo zobugebengu ezihlukahlukene. Njengoba esejele waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi wawagxilisa enhliziyweni amaqiniso ayewafunda. Waba yini umphumela? Kancane kancane, ubuntu bakhe bangaphambili bathathelwa indawo ubuntu obusha bobuKristu. Manje akasesona isigqila semicabango emibi futhi elimazayo. Elinye lamavesi awathanda kakhulu eBhayibhelini eyesi-2 Korinte 3:17, ethi: “UJehova unguMoya; futhi lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” Yebo, nakuba esejele, ujabulela inkululeko ayengayazi ngaphambili.

UNkulunkulu Unesihe

Emehlweni kaJehova uNkulunkulu, akekho umuntu ovele alahlwe.d INdodana kaNkulunkulu uJesu Kristu, yathi: “Ngizelé ukubizela izoni ekuphendukeni, hhayi abalungileyo.” (Luka 5:32) Yiqiniso, ukwenza ushintsho ukuze uphile ngezindinganiso zeBhayibheli kungaba yinselele. Kodwa impumelelo itholwa yilabo ababekezelayo futhi abalusebenzisayo usizo olunikezwa uNkulunkulu, kuhlanganise nokusekela kothando kwamaKristu avuthiwe ngokomoya. (Luka 11:9-13; Galathiya 5:22, 23) Ngenxa yalesi sizathu, oFakazi BakaJehova bavakashela amajele njalo emhlabeni wonke ukuze baqhube izifundo zeBhayibheli zamahhala nabesilisa nabesifazane abaqotho abaye bahileleka kuzo zonke izinhlobo zobugebengu.e Emajele amaningana, oFakazi BakaJehova baye baqhuba nemihlangano yobuKristu yamasonto onke.—Hebheru 10:24, 25.

Nakuba abenzi bokubi besikhathi esidlule bezishiyile izindlela zabo futhi baba amaKristu eqiniso, iBhayibheli likhuluma ngokungagwegwesi ‘ngokwanda kokungabi namthetho.’ (Mathewu 24:12) Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, leso sibikezelo siyingxenye yesiprofetho esikhulu esiqukethe izindaba ezijabulisayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukugula ngengqondo kungaba umthelela kwezinye izenzo zobugebengu, ikakhulukazi emazweni lapho abantu abagula ngengqondo bededelwa ukuba bahambe bodwa emigwaqweni futhi bazithole kalula izikhali. Kodwa, lesi sihloko asigxilile kule ndaba eyinkimbinkimbi.

b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba yobugebengu bheka i-Phaphama! ka-February 22, 1998, amakhasi 3-9, “Izwe Elingenabugebengu—Liyoba Khona Nini?” neka-August 8, 1985, amakhasi 3-12, ngaphansi kwesihloko esithi “Ingabe Imigwaqo Yethu Iyoke Ingabi Nabo Ubugebengu?”

c Lo magazini nomngane wawo, INqabayokulinda, uvame ukubika ngabantu abashukunyiswa amaqiniso eBhayibheli ukuze bashiye ukuphila kwabo kobugebengu. Bheka i-Phaphama! ka-July 2006, amakhasi 11-13 neka-October 8, 2005, amakhasi 20-1, kanye ne-Nqabayokulinda ka-January 1, 2000, amakhasi 4-5; October 15, 1998, amakhasi 27-9; neka-February 15, 1997, amakhasi 21-4.

d Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe UNkulunkulu Uyazithethelela Izono Ezinkulu?” ekhasini 10.

e Bheka ibhokisi elithi “Ukusizwa Kweziboshwa Ngokomoya,” ekhasini 9.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Izigidi zabantu ezibhekana nobumpofu aziphendukeli ebugebengwini

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6, 7]

“UKUBUYELA EJELE NGEMVA KWEMINYAKA EMIBILI NJE”

Ngaphansi kwaleso sihloko, iphephandaba laseLondon, eNgilandi, i-Times, labika ukuthi eBrithani amaphesenti angu-70 alabo abagwetshelwa ukugqekeza nokweba aphinde agwetshelwe okunye ingakapheli iminyaka emibili. Ubugebengu obuningi benziwa imilutha yezidakamizwa eyifuna ngabomvu imali yokukhokhela lo mkhuba obizayo futhi owukuzibulala.

[Ibhokisi ekhasini 7]

INGABE “AYIZIKOLE ZOBUGEBENGU”?

Kuyi-UCLA Law Review, uProfesa John Braithwaite uthi: “Amajele ayizikole zobugebengu.” Encwadini yakhe ethi Inside the Criminal Mind, uDkt. Stanton E. Samenow uthi “izigebengu eziningi azisifundi isifundo,” okuyinto umphakathi ofuna ziyifunde. Uyabhala: “Ejele, umuntu unesikhathi esiningi namathuba amaningi okufunda ukuba yisigebengu esibi nakakhulu. . . . Empeleni abanye baba yizigebengu eziphumelelayo, bangene shí ebugebengwini kodwa bahlakaniphe ngokwanele ukuba bangabanjwa.”

Kwesinye sezahluko, uSamenow uthi: “Ukuboshwa akubushintshi ubuntu obuyisisekelo bomuntu. Kungakhathaliseki ukuthi ungaphandle noma usejele, uxhumana nabathile, afunde amasu amasha obugebengu, futhi awacobelele abanye.” Enye insizwa eyisigebengu yathi: “Ukuboshwa kunginikeze iziqu zokuba umfundisi wobugebengu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela