Izibiliboco ZaseThailand
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMALAYSIA
NJENGOBA wehla ngomgwaqo ophithizelayo eBangkok, eThailand, ungase udonswe iphunga elimnandi elizwakala emgwaqweni. Lapho, abapheki basemgwaqweni bapheka ukudla okuvamile kwaseThailand. Ngemva kokuhogela iphunga elimnandi nokubona imibala ekhangayo, ungase ulingeke ukuba unambithe lezi zibiliboco.
Okwenza ukudla kwaseThailand kukhange inhlanganisela yemifino, izimpande, amaqabunga nezinhlamvu ezikhethwe ngokucophelela. Le nhlanganisela ikhipha ukudla okunoshukela, okumuncu, okunosawoti nokubabayo kanye namaphunga akwenza kube nzima ukudlula ungazange ukunambithe. Kwenzeka kanjani ukuba elaseThailand libe nalezi zidlo ezingavamile? Impendulo ihlehlela emuva emlandweni.
Inhlanganisela Yokunambitheka Okuvela Emhlabeni Wonke
IThailand isenkabeni ye-Asia. Emakhulwini amaningi eminyaka amaShayina, amaLaos, abaseCambodia, abase-Indonesia, abaseYurophu nabanye babedlula eThailand, futhi abaningi babo bagcina sebehlala khona. Laba bantu beza nokudla kwasemazweni akubo, futhi ukunambitheka namaphunga ako konke lokho kudla okunhlobonhlobo kwasala eThailand.
Esikhathini esithile esidlule, izihambi zaseNdiya zabonisa abantu baseThailand indlela yokusebenzisa ukhari uma bepheka. Ekhulwini le-16, amaPutukezi afika nopelepele futhi mhlawumbe notamatisi. Namuhla, ukudla kwaseThailand kumba eqolo, kodwa okuningi kuhlanganisa upelepele onhlobonhlobo ophuzi, oluhlaza nobomvu, kanye nezithako zamasobho zemibala efanayo. Le nhlanganisela kakhari nopelepele yenza ukudla kwaseThailand kubabe ngendlela okuvame ukubaba ngayo ukudla kwaseMpumalanga.
Ukudla Okuningi Okunokunambitheka Okunhlobonhlobo
Ukudla okuvamile kubantu baseThailand kuhlanganisa isobho, amasaladi, ukudla okuthosiwe, isitshulu sikakhari nososo. Ilayisi elimhlophe elishisayo alisali lapho kudliwa. Kube sekuba khona nophudingi, ohlanganisa uswidi owenziwe ngoshukela namaqanda. Ukhukhunathi nobisi lwawo nakho kuyingxenye yophudingi baseThailand.
Isihluthulelo sokwenza ukudla okunambithekayo noma kuphi yimifino esanda kukhiwa, futhi eThailand ngokuvamile itholakala kalula. Emadolobheni amakhulu namancane, kunezimakethe ezithengisa izithelo ezisanda kukhiwa, imifino, inhlanzi nezinongo ezinjenge-lemon grass, i-coriander, ugaliki, ujinja, i-galangal, i-cardamom, i-tamarind nekhumini. Kulezi zimakethe uyothola nenqwaba kapelepele obabayo nezinhlobo zikalamula, okuyingxenye ebalulekile yokudla kwaseThailand.
Kungakhathaliseki ukuthi uvakashela eThailand noma ufisa ukunambitha ukudla kwakhona ekhaya, zama i-tom yam goong, isobho lezimfanzi elibabayo futhi elinobumuncu eliyikhethelo laseThailand. Okunye ukudla okumnandi ongakuzama isaladi kaphopho enezinongo, ama-noodle anenkukhu ethosiwe noma inyama yedada, imibengo yengulube, noma inhlanzi enososo. I-ma ho, okusho “amahhashi agabavulayo,” inhlanganisela yengulube, izimfanzi namantongomane afakwa kuphayinaphu osanda kukhiwa bese kuvuvuzelwa upelepele obomvu namahlamvu e-coriander. Ukuze wehlise ukudla, zama uphudingi welayisi elinobisi lukakhukhunathi nomango.
Iyiphi indlela engcono yokudla ukudla kwaseThailand? Kwezinye izingxenye zaleli zwe, kuyisiko ukudla ngesandla ubulunge ilayisi eliphekwe ngendlela ekhethekile, bese ulicobhoza kusoso ulifake emlonyeni. Uma udla ukudla okunama-noodle, ungase uthande ukusebenzisa izinti. Kodwa uma ungakwazi ukudla ngezinti, ungasebenzisa imfoloko nokhezo.
Ingabe sekukuconsisa amathe ukudla kwaseThailand? Izibiliboco zaleli zwe elihle lase-Asia zingase zikwembulele ukunambitheka okunhlobonhlobo ongakaze ukuzwe—kokudla okwehl’ esiphundu kwaseMpumalanga.
[Izithombe ekhasini 23]
1 Isobho le-tom yam goong
2 Isaladi yama-noodle ehlanganiswe nengulube nezimfanzi
3 Isaladi kaphopho enezinongo
4 I-ma ho
5 Ilayisi elinobisi lukakhukhunathi nomango